Ngemva kweminyaka ewu-11 sibambe amatomu, sithatha umhlalaphansi isikhulu esiphezulu saseCapitec Bank uMnu uGerrie Fourie. Isithombe: Sithunyelwe

Isikhulu seCapitec sibeka izintambo phansi

YINTATHELI YOMBELE

SITHATHA umhlalaphansi ngoJulayi isikhulu esiphezulu saseCapitec Bank uMnu uGerrie Fourie, ebesesiphathe lesi sikhundla iminyaka ewu-11.

U-Fourie ngomunye wabasungula leli bhange asebesezikhundleni zokulihola iminyaka ewu-25.

Esitatimendeni asibhalele amakhasimende aleli bhange, uthe bekumnandi ukuhola leli bhange kusukela lisafika. Walikhulisa laba namakhasimende angaphezu kwawu-24 million alondoloza imali eqondene nawo ngqo nalawo alisebenzela izidingo zamabhizinisi.

“Konke loku bekungeke kwenzeke ngaphandle kokusekwa yini nokungethemba. Inhloso yethu ayikaze iguquke. Sifuna ukwenza ukubhenka kube lula, kungabizi futhi konke kuhlale obala ukuze abantu baphile kahle. Ngiyazigqaja ngokuthi sikwazile ukufeza loku,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/17/i-absa-ibifihle-induku-emqubeni-ngesikhulu-esisphezulu/

U-Fourie uthe eminyakeni emine edlule baqinisekisile ukuthi banabaholi abanamava kuzo zonke izinhlaka zaleli bhange, abale kuzona i-personal banking, i-business banking, inkampani yomshwalense nezinye izinhlelo abanazo.

“Ngiyabathemba abaholi esinabo ukuthi bazosihola kahle njengoba siqhubekela phambili. Banamava nawo wonke amakhono adingekayo. Ukuqinisekisa ukuthi izinto zihamba kahle, ngizohlala kuze kube wuJulayi. Ngizobe sengidlulisela izintambo kuGraham Lee ozoba yisikhulu esiphezulu,” kusho uFourie. 

U-Lee wafika eCapitec ngo-2003. Okwamanje uphethe uphiko lwe-personal banking kanti uchazwe njengomuntu olazi kahle leli bhange.

Esikhundleni abesiphethe kuzongena uNksz uBasani Maluleke onamava kulo mkhakha futhi imisebenzi yakhe ibonekele eminyakeni emine esebenza eCapitec. 

“Angingabazi ukuthi ibhizinisi lethu liphethwe ngabaholi abawaziyo umsebenzi futhi abazokwenza umehluko empilweni yabantu basize nezwe lethu ukuthi likhule,” kusho uFourie.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page