UMasipala waseThekwini uthule amapitsi ezindaweni ezinenkinga yamanzi
INTATHELI YOMBELE
UMASIPALA usanda kuthule ngokusemthethweni amapitsi amahlanu ezindaweni ezinezinselelo zokuhlinzekwa ngamanzi. La mapitsi ethulwe ezindaweni ezihlukene zakuWadi 60, kuWadi 100 nakuWadi 98.
Le miphakathi ngeke isathembela emalolini amanzi njengoba sekukhona la mapitsi ahlinzekwe njengosizo lwesikhashana.
Ikhansela lakuWadi 60 uMnu uFakazi Mdletshe lithe liyabonga ngokufakwa kwaleli pitsi elizoba wusizo olukhulu kule ndawo ebinezinselelo zamanzi.
“Siyakuthokozela ukuba naleli pitsi eMhlasini ngoba asikwazi ukuphila ngokuthembela emalolini amanzi, kwazise awafiki zonke izinsuku endaweni.
“IMhlasini ikhule ngesivinini njengoba isinemizi nezakhamuzi eziningi. Loku kuholele ekutheni ipayipi elikhulu eliletha amanzi kule ndawo ligcine lingasakwazi ukuhlangabezana nalesi sidingo esikhulayo. Umfutho okhona njengamanje awanele ukududula amanzi aze afike kule ndawo. Nokho luyabhekwa lolu daba njengoba kulungiswa ingqalasizinda,” kusho yena.
Ipitsi lakule ndawo likhiqiza amalitha awu-2 000 amanzi ngosuku kanti lizokwazi ukusebenza amahora awu-20 ngosuku. Amanzi aphuma kuleli pitsi ahloliwe futhi ahambisana namazinga kazwelonke amanzi okuphuza eSouth African National Standard 241.
Kunxuswa izakhamuzi ukuthi zingawashi izimoto nezingubo kula mapitsi futhi zingaxhumi amapayipi aya emathangini emizi yazo.
“Nginxusa izakhamuzi ukuthi zilinakekele leli pitsi ngoba lifakelwe ukusiza zona. Ngiyethemba ngeke ngizwe imibiko yokwebiwa kompompi nokunye ngoba lokuu kuzowubuyisela emuva umphakathi othembele kula manzi.
“Okunye okubalulekile wukuthi la manzi asetshenziswe yiwona wonke umuntu ngokulinganayo,” kusho uMdletshe.