I-Absa iwungqaphambili ngezindleko eziphansi kunamanye amabhange
WUBONISWA MOHALE
UCWANINGO olusha luveza ukuthi i-Absa iyibhange elinezindleko eziphansi kuma-akhawunti uma iqhathaniswa namanye amabhange.
Lolu cwaningo olwenziwe yiSolidarity Research Institute (iSRI) belubheka amabhange amakhulu aseNingizimu Afrika, okuyi-Absa, iCapitec, iFNB, iStandard Bank neNedbank.
Kuvele ukuthi i-Absa Transact yiyona akhawunti eshibhe kunawo wonke ama-akhawunti ezweni njengoba abanayo bekhokha uR6.50 kuphela wezindleko ngenyanga.
I-Absa ihamba phambili nge-akhawunti engenazindleko eziphezulu, kulandele iCapitec, kugcine iNedbank nge-Migoals premium.
Kuzokhumbuleka ukuthi isicoco sebhange eline-akhawunti engabizi bekungeseCapitec kodwa i-Absa ikushintshile loku ngokwethula i-akhawunti okuthiwa ifanele abantu abangenamali eningi.
I-managing executive ye-Transactional Banking e-Absa Everyday Banking uMnu uNick Nkosi uthi imiphumela yocwaningo lweSRI lukhombisa ngokusobala ukuthi bazibophezele ukuletha izinsiza zokubhenka kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
“Izindleko zokubhenka ziyinto ebhekwa yibo bonke abantu abafuna ukubeka imali emabhange aseNingizimu Afrika. Senza isiqiniseko sokuthi sinama-akhawunti angabizi futhi asiza wonke amakhasimende ukuthi bakwazi ukusebenzisa izinsiza zase-Absa. Siyayithakasela imiphumela yocwaningo, izosilekelela ukuqinisekisa ukuthi abekho abantu abasala ngaphandle,” kusho yena.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/19/ugobe-uphondo-obehola-i-absa/
Okwenza i-Absa Transact ishibhe uma iqhathaniswa namanye ama-akhawunti wukuthi ayinazindleko ezinkulu kubantu abasebenzisa ibhange izikhawu eziwu-12 kuya kweziwu-17 ngenyanga. Azikho izindleko zama-debit order angaphakathi nemali eyaziwayo ukuthi umuntu uyikhokha nyanga zonke. Abanale akhawunti bayakwazi ukukhipha imali ezitolo bagakhokhi zindleko.
UNkosi uthe abahola kangconywana ikhona i-akhawunti yabo ebizwa nge-Ultimate Banking enemihlomulo ebafanele.
Ukuthola imininingwane ephelele ngama-akhawunti angabizi ase-Absa, ungavakashela ku-www.absa.co.za
Khonamanjalo, iSRI ithi emabhange agxile online iTymeBank yiyona engenazo izindleko ezinkulu uma iqhathaniswa neBank Zero njengoba inohlelo lokukhokha olubizwa nge-PayShap.
Kulolu cwaningo kuvele ukuthi yize abantu besathanda ukuya emagatsheni amabhange kodwa abanye bathanda ukwenza izinto online, yingakho amabhange anjengeTymeBank neBank Zero echuma.
Imininingwane ephelele ngocwaningo lwamabhange itholakala kwi-website yeSolidarity ethi www.solidarity.co.za