Uguqule ingubo yomdabu yabeSuthu yasesitayeleni
WU-LESLEY MOFOKENG
UMSIKI wengqephu waseLesotho useguqule ingubo yabeSuthu eyigugu kubona yabayisitayela semfashini. Usekhangise emazweni amaningi futhi wathola udumo ngemisiko yakhe ehlukile.
Ngesonto elidlule ubenomcimbi iKobo Table Talks, i-lekgotla (inkundla) yezingubo zabeSuthu ehlanganise abantu eCape Town ukuxoxa ngebhizinisi lemfashini, amasiko nekusasa.
UNkk uThabo Makhetha-Kwinana, umnikazi weThabo Makhetha, inkampani yakhe yenza imfashini yabantu besifazane igqamise ingubo yabeSuthu. Uthi wasungula inkampani ngo-2009.
Uthi ukuqala ibhizinisi kumvule amehlo futhi uhlale efunda njalo njengoba ekhula kulo mkhakha. Kulolu hambo lwemfashini uthi usenolwazi olujulile ngaye, ngesiko lakhe nangebhizinisi.
“Ngingene embonini yemfashini njengomuntu obemodela, ngashintsha hhayi nje njengomsiki wengqephu, usomabhizinisi kodwa njengenkosikazi, umama manje njengeciko elaziwa emhlabeni jikelele. Isigaba ngasinye silethe izinselelo ezintsha nezifundo ezingiqeqesha ngomkhiqizo wami nokukhula njengomuntu,” kusho yena.
Isifundo sebhizinisi esinzima asifundile wukubaluleka kokuzivikela yena nomsebenzi wakhe. Uthi ekuqaleni wayebathemba kakhulu abantu, ekholwa wukuthi ukuxhawula umuntu kwanele ukwenza isivumelwano. Ngeshwa, uthi wafunda ukuthi kulo mkhakha akubona bonke abantu abazisa ubuqotho njengaye.
“Ngiyiciko kulula ukujatshuliswa wukusebenzisana nabanye abantu, ukuhlangana nabantu abasha, ukwabelana ngemibono nokwenza umsebenzi. Nokho, ngiye ngaqonda ukuthi izinkontileka ezicacile nezivumelwano ezichaziwe zibalulekile ekuvikeleni umsebenzi wami nebhizinisi lami,” kusho yena.
Uthi izimiso zakhe zebhizinisi zigxile ekubeni wuye, ukusimama nokwenza okuseqophelweni eliphezulu. “Umkhiqizo wami uxoxa izindaba, wabelana ngomlando nokubaluleka kwengubo yabeSuthu, uhambo lwami nezindaba ezixoxwayo zamasiko ngemisiko yami. Le ndlela yokufundisa ayigcini nje ngokugcina amasiko kodwa futhi ixhumanisa abantu nento ebalulekile,” kusho yena.

Ingubo eyigugu kubeSuthu isiyenziwe umlingo wemfashini ehambisana nomhlobiso
Uthi ngokuxoxa lezi zindaba, bathole indlela efanele yokuqhubeka nesiko lokugqoka izingubo zabeSuthu, baqinisekise ukuthi la masiko awaphelelwa yisikhathi nasezizukulwaneni ezizayo.
“Sizimisele ngokuthi sizithola kuphi futhi kanjani izinto esisebenza ngazo, kusukela ezingutsheni zabeSuthu kuya ezigqokweni ezinhle ezilukwa ngesandla. Sisebenzisana namaciko nokuthenga izinsiza ngendlela eqotho kuyingxenye yomongo webhizinisi lethu,” kusho uNkk uMakhetha-Kwinana.
Uthi ngesikhathi ethula ibhizinisi lakhe okokuqala, inkundla yokuxhumana u-Facebook yaba neqhaza elibalulekile ukubasiza ukuthi bafinyelele kumakhasimende abo.
Ngaleso sikhathi, uthi babezama ukufaka izimpahla zabo ezitolo zezingubo zekhethelo kodwa abaningi babona umsebenzi wabo wezingubo zabeSuthu njengento engajwayelekile, egqame kakhulu nenobukhaya noma ubu-Afrika kakhulu ukuthi ingadayisa ezitolo.
“U-Facebook wenze ukuthi sixhumane ngqo namakhasimende athakasela futhi azisa imisiko yethu. Usinike indawo yokudayisa engekho sezitolo ezijwayelekile. Nokho izinkundla zokuxhumana zishintshe kakhulu. Izinkundla zokuxhumana ezinjengo-TikTok, Instagram reels zisisize kakhulu ukukhangisa,” kusho yena.
UNkk uMakhetha uthi izinto ezidingwa osomabhizinisi bonke uthando nenjongo. Uthi udinga ukubanenhliziyo nothando olujulile lokwenzayo. Kwenza uqhubeke noma ngabe kubanezinselelo.
Ukubekezela nokuphokophela ukuze ukwazi ukwenza okuletha umehluko kubalulekile. Uma ulandela imithetho ngeke ulethe ushintsho kodwa uma ufuna ukushintsha izinto, kufanele wenze okuhlukile futhi uqophisane nendlela ejwayelekile yokwenza izinto. Kufanele uzimisele futhi uqhubeke nokuphokophela phambili, ngisho nalapho abanye bengawuboni umbono wakho.
“Ukuba nabakusekayo (kubalulekile) ngoba ukubawusobhizinisi kuyindlela oyihamba wedwa. Ukubanomuntu okwesekayo, umeluleki, umngani, umlingani, umuntu ozokulalela kuyawenza umehluko. Akekho ophumelela yedwa, ngakho ukubanabantu abakusekayo kubaluleke njengokubanombono omuhle webhizinisi,” kusho uNkk uMakhetha-Kwinana.
Uthi ukukholwa kuneqhaza elibalulekile ezinqumweni azenzayo. Uthi uvame ukusho ukuthi uNkulunkulu ungomunye wabaphathi bebhizinisi enkampanini yakhe.
“Kunezikhathi ebhizinisini lapho izinto zingahambi ngendlela obuhlele ngayo, iminyango obekufanele ivulwe ihlala ivaliwe. Ngalezo zikhathi ngincika okholweni lwami, ngithemba ukuthi uNkulunkulu unecebo nenjongo ngami. Ngikholwa wukuthi isipho enginaso ngasiphiwa ngesizathu futhi loko kungenza ngibenesibindi sokuqhubekela phambili noma ngabe kuvela izinselelo,” kusho yena.
Enye yezinselelo ezinkulu zokuthuthela eKapa nokudayisa umkhiqizo wakhe khona kubeyizindleko zokuqasha. Uthi kukekwadingeka ukuthi aguqule ikwakhe libeyindawo yokusebenza ukuze abe ne-studio.
Le nselelo yaholela ethubeni elihle kakhulu. Uthi seloku bathuthela e-SvenMill, indawo eyenza indwangu futhi ekhiqiza amaphethini akhe alukiwe eDikeledi. Loku kubambisana kubenze ukuthi baqhubeke nomsebenzi wokukhiqiza izinto ezintsha, okwenza imisiko yabo ivele ngendlela entsha nejabulisayo.
“IKapa liphinde lasinikeza izinkundla ezinhle kakhulu zokuziveza. I-Design Indaba ne-Cape Town Fashion Council kwabawusizo olukhulu ngisanda kufika. Bengivamise ukuyokhangisa umsebenzi wami ePort Elizabeth (esibizwa ngeGqeberha), obekunginika ithuba lokuxoxa ngomsebenzi wami nabantu abawuthakaselayo. Loku kwesekwa kuholele emathubeni aphesheya njengokukhangisa umsebenzi wami kwiVancouver Fashion Week,” kusho yena.

Ezinye zezimpahla zeThabo Makhetha embukisweni wemfashini
Enye inselele abhekana nayo bekuwukungaliqondi kahle ibhizinisi lemfashini njengoba ewumuntu oyiciko, engeyena usomabhizinisi. Kwenza ukuthi enze izifundo zebhizinisi ukuthola ulwazi oluningi ngale kolokusika ingqephu.
“Ngezinye izikhathi ngangibuye ngizizwe sengathi angifundanga ngokwanele noma ngidinga ukubanesiqiniseko ngomsebenzi wami. Kodwa izindawo ezifana ne-IZIKO South African Museums nezingqungquthela zemfundo, ngikwazile ukubanezingxoxo eziphusile nosolwazi nezifundiswa ngamasiko abeSuthu, ukubaluleka komlando wezingubo zabo nokuxoxa izindaba ngemisiko yami,” kusho uNkk uMakhetha-Kwinana.
Manje uthi ngeKobo Table Talks benza indawo lapho lezi zingxoxo zingaqhubeka khona nabantu abaningi. Ukusebenzisana nezikhungo ezinjenge-IZIKO South African Museums neCentre for African Studies e-University of Cape Town, ezinezinkundla ezihlonishwa umhlaba wonke, kubavumela ukuba bavale igebe phakathi kwemfashini, amagugu, nemfundo.
Uthi lesi sinyathelo siyithuba elimangalisayo lokungagcini nje ngokucobelelana ngolwazi kodwa nokufunda ngobuchwepheshe emikhakheni ehlukene, kwenziwe izinkulumompikiswano eziqinisa umphumela wamasiko nomlando wemfashini wase-Afrika.
Uthi njengawo wonke amabhizinisi kubanezikhathi ezimnandi nezinzima. Uthi isikhathi esinzima yingesikhathi engakwazi ukuqhuba ibhizinisi nhlobo ngo-2020, hhayi nje ngenxa yomphumela we-COVID-19 kodwa nangenxa yezinselelo zakhe zempilo.
“Ngangisanda kubeletha umntwana. Ngabhekana nezinkinga ezangifaka egunjini lezimo eziphuthumayo, ngalala egunjini labagula kakhulu isikhathi eside. Emva kwaleso simo kwakunzima ngoba uma uke wabaphakathi kokufa nokuphila uyazingabaza ngempilo yakho nokuphilelayo. Ukuzama ukuvuselela ibhizinisi lami ngenkathi ngilulama kwangiqeda amandla, nokho ngaqhubeka ngaphokophela phambili,” kusho yena.
Enye yezinto ezinhle ezinkulu ezenzeke ngonyaka odlule kubeyilapho ehlonishwa umNyango Wezokuvakasha, ezemiDlalo namaSiko waseLesotho ngeqhaza lakhe ekubekeni iLesotho nabeSuthu ezingeni lomhlaba ngomsebenzi wakhe.
Phezu kwaloko wahlonishwa yi-African Women’s Innovation and Entrepreneurship Forum ngokuba negalelo elihle embonini.
“Le miklomelo emibili isho lukhulu kumina ngendlela emangalisayo ngoba ibingabuki nje umsebenzi wami wemfashini kodwa nomphumela wamasiko nezomnotho zomkhiqizo wami. Zisho lukhulu kimi, ikakhulu uma ngicabanga uhambo esengiluhambile kusukela ngo-2020,” kusho yena.
Uthi uma ebheka phambili, ubona ngeso lengqondo iThabo Makhetha Experience Store, indawo lapho abantu bengangena khona emhlabeni wakhe.
“Ngiwumsiki wengqephu ngiyaphila ngokwenza izinto ezintsha nokusebenzisa kabusha ingubo yabeSuthu namanye amagugu. Lesi sitolo besingeke sibengesokudayisa nje; kungaba yindawo okuhlanganelwa kuyona enobuciko, lapho abantu besondela ngendlela ehlukile emsebenzini wami,” kusho uNkk uMakhetha.
Okunye okubalulekile agxile wukuhlanganisa ubuchwepheshe endleleni athula ngayo izingubo zakhe. Ukubona indlela izizukulwane ezincane ezisebenzisana ngayo nezinkundla zokuxhumana nezobuchwepheshe uthi uyabona ukubalukela kokuhlangana nazo lapho zikhona.
Uthi loku kusho ukuhlola imfashini ye-digital, ukuxoxa izindaba ngobuchwepheshe nolwazi olusha lokudayisa oluhlanganisa isiko nokusebenzisana kwesimanje.
“Ngasebhizinisini sakha ithimba eliqinile, elinamandla, eliletha abantu abasha abanothando abalambele ukufunda nokukhula futhi abazofika nokuthile okubululekile.
“Intsha yamanje inamandla amakhulu, isifiso esinamandla sokuphinda uxhumane nesiko nobunikazi balo. Ngibona kubonakala loko kubantu abayingxenye yethimba lami. Kimina ngibona ushintsho olubheke endimeni enamasu nokuphatha, okungivumela ukuthi ngihlehle emsebenizini wansuku zonke ngigxile ekukhulumeni, ekufundiseni nasekukhuthazeni. Ngifuna ukuzibandakanya ezingxoxweni, ukululeka nokuqinisekisa ukuthi umsebenzi wami uyaqhubeka futhi ubanomphumela waphakade ngale kwemfashini,” kusho yena.
Uthi umagange ukusebenzisana nabanye ngezinye izinto ezingaphezu kwemfashini yendabuko futhi uzunika umsebenzi wokucabanga ngendlela ehlukile.
Uthi ubona ibhizinisi likhula ngaphezu kwezingubo kodwa libayinkundla yomhlaba wonke yokuxoxa izindaba eqhubeka nokugubha amagugu, ubuciko nokwenza izinto ezintsha.
- Facebook: Thabo Makhetha
- Instagram:@tmakcc
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: vutivibusiness.co.za/