UNksz uXoliswa Shangase, umnikazi weRare Ethnic Accessories, eyenza izinto zokuhloba zobuhlalu

Bagabe ngobuciko obungandile bokuhloba bobuhlalu

WUTHOBILE ZWANE

UTHANDO olujulile lwemfashini olwamgabha esakhula lobuhle bobuhlalu lwamenza wanesifiso sokubona ubuciko base-Afrika bemukelwa emkhakheni wemfashini.

UNksz uXoliswa Shangase waseMontclair, eThekwini, KwaZulu-Natali wasungula iRare Ethnic Accessories ngo-2018, wagcina eyibhalisa ngokusemthethweni ngo-2020 ngenxa yokuthanda ukuqhakambisa ubuciko besintu.

“Ngangifuna ukwenza umkhiqizo ongagcini nje ngokugubha isiko kodwa futhi oqhudelana nemikhiqizo esezingeni eliphezulu emhlabeni jikelele. Yileyo ndlela iRare Ethnic Accessories eyasungulwa ngayo. Iletha ubuciko base-Afrika futhi iseka abadwebi abanamakhono,” kusho yena.

UNksz uShangase, owafundela iziqu zemfashini eML Sultan (esiwuphiko lweDurban University of Technology manje), uthi igama lenkampani lisho imikhiqizo engajwayelekile.

Uthi benza izinto zokuhloba zobuhlalu ezenziwe ngezandla nemikhiqizo yesikhumba ephambili yabantu besilisa nabesifazane.

Ezinye zezinto zokuhloba zeRare Ethnic Accessories

FUNDA NALAPHA:

https://www.umbele.co.za/2021/07/09/waqala-ezidlalela-ngezicucu-nezinye-izinto-endlini-osenebhizinisi-lamacici-elisabalele-nakwamanye-amazwe-uxoxe-nozimbili-mazibuko/

“Ukuqala nokukhulisa ibhizinisi bekungelula. Inselelo eyodwa enkulu kubewukuthola indawo yokukhiqiza ngenkathi ulawula izindleko. Sibhekane naloku ngokuhlela kahle izimali zethu, ngokubambisana nezinhlangano zezimboni ezifana neDurban Textile and Leather Incubator neSouth African Footwear and Leather Export Council ukuthola usizo, nokufunda amakhono amasha ngezinhlelo zokuqeqesha ezivela kwiProductivity SA,” kusho yena.

Uthi nakuba ithimba labo lilincane kodwa lihlanganise ama-artisan nezisebenzi ezimbili zasehhovisi. “Umuntu ngamunye uneqhaza elibalulekile kusukela ekwenzeni imikhiqizo yezinga eliphezulu kuye ebudlelwaneni obuqinile namakhasimende ethu,” kusho uNksz uShangase.

Uthi abantu abathenga imikhiqizo yabo bathanda imigexo enobuciko besintu namabhizinisi afuna izipho zamakhasimende ezihlukile.   

UNksz uShangase uthe uma engase akhethe into eyodwa ayithandayo emkhiqizweni wabo kungaba Ubukhosi Earrings, eqoqweni labo elithi Izigi Beaded Collection. Uthi la macici akhiwe ngobuhlalu bembewu, okuhlanganisa ubuhle, ukuzigqaja namagugu.

Uthi imikhiqizo wabo ayitholakali eThekwini kuphela kodwa sebesabalele emhlabeni ngoba banamakhasimende kuwo wonke amagumbi omhlaba.

Ucebisa abafisa ukusungula ibhizinisi lemfashini ngokubambelela embonweni wakho nokwenza izinto ezisengeni eliphezulu. “Yakha ubudlelwano obuqinile nethimba lakho namakhasimende futhi ulungele ukumelana nezinselelo. Okubaluleke kakhulu, kholelwa othandweni lwakho, kuyokwenza uqhubeke ngisho nalapho uhambo lubanzima,” kweluleka yena.

  • Facebook: @rareethnic
  • Instagram: @rareethnic
  • Tiktok: @rareethnic

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page