UMhayise sizomkhumbula ngeqhaza lakhe emzabalazweni wenkululeko yobuciko, amasiko namagugu, kuloba uMusa Xulu
NGISHAQAKE kakhulu ukuzwa izindaba zokudlula emhlabeni kukaMi “Chief of Staff” Hlatshwayo. Besazana kakhulu, ikakhulu emkhakheni wezobuciko, amasiko namagugu engaba wusolwazi wamaNyuvesi kuwona kusukela eminyakeni ngineminyaka ewu- 33 ngama-1990s.
UMhayise ngamazi ngisafundisa e-University of Durban Westville (esibizwa nge-University of KwaZulu-Natal Westville Campus) ngo-1991. Ngangimenywe wuphiko lobuCiko, amaSiko namaGugu eNyuvesi yaseNatali, esibizwa nge-University of KwaZulu-Natal Howard Campus, lapho ngangifunda futhi khona, esigcawini sokucija izisebenzi, ikakhulu zeCongress of South African Trade Unions ezazikulo mkhakha ukuzozikhanyisela ngokuthi lo mkhakha mkhulu kangakanani nokuthi usiza kanjani kwinkululeko yepolitiki.
LALELA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/26/usolwazi-umusa-xulu-ubheka-umnotho-wamagugu-namasiko-mlalele/
UMhayise wayeyimbongi enamava eqopha izinkondlo ezixoxa ngezindaba zezisebenzi. Wayebuye azihaye naye. Imibuzo yakhe nokuphawula kwakhe kulesiya sigcawu kwacacisa ukuthi uwumuntu ofuna ulwazi nokhonze inkulumompikiswano eya phambili.
Kwakukhona nabanye abanjengoZithulele Mahaye, ongasekho naye owayesyisishoshovu kulo mkhakha. Abanye baqhubeka empilweni babanezikhundla ezinkulu. Ngaphambi kwaloko uMhayise ngangimbona emaphepheni esemibhikishweni eminingi yenkululeko egqamisa iqhaza lakhe ngezinkondlo.
Kuthe ngabo-1993 nasekuqaleni kwango-1994 saba futhi kwesinye isigcawu sokucija esasiholwa ngowagcina eyijaji uMnu u-Albie Sachs eCity Hall eThekwini, lapho ayehla enyuka ezweni eqoqa imibono ngenqubomgomo yalo mkhakha eyayizolandelwa uma i-ANC ithatha ukhetho, phecelezi i-arts, culture, heritage policy framework.
Nalapho uMhayise wayekhona isandla sakhe sihlale siphakeme enemibuzo ayefisa uSachs ayiphendule.
Akumangazanga ke uma emva kokhetho lwango-1994 lowo owayewungqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natali uDkt uSibusiso Ndebele esifuna nxa zonke ethi siyizifundiswa asibekhona ezindabeni ezithinta ukubumba inqubomgomo kahulumeni emikhakheni esikuyo. Nalapho uMhayise wayeseduze kuNdebele.
Nebala kwaba nembizo enkulu yezamasiko eDurban University of Technology, lapho sasiphelele sivela ngemikhakha ngemikhakha ephathelene nale mboni: ababhali, abaculi, abadansi, abasikingqephu, izimbongi, osolwazi bomculo, abezilimi, abezamagugu, abomlando, abezigcinamagugu, abasakazi, abezokuxhumana, njengokuqopha kwemigomo yeNhlangano yeziZwe. Phela lo mkhakha ulotshwe waqoshwa yi lenhlangano yomhlaba. Naloko sasikufunde kulezi zigcawu, ikakhulu zikaSachs.
Kulowo khukhulelangoqo kwaphunywa nohlaka iKwaZulu Natal Arts and Culture Council (iKZNACC). UMhayise waqokwa wabawusihlalo, kwathi isekela kwaba wuBongani Tembe.
Kodwa kwabuye kwathiwa abangafakwa abasebenza ezinhlakeni zikahulumeni. Wahoxa ke uTembe noGlen Mashinini, kwase kuba yimi isekela.
KwiKZNACC kwakuqokwe izikhwishikhwishi ezinjengoNkk uGugu Ngcobo, uMnu uVusi Mvelase, uNks uNise Malange nabanye.
UMhayise wabuya wazijuba ukuvula ihhovisi lale nhlangano, eyisikhulu esiphezulu. Izintambo zikasihlalo zehlela kwisekelasiihlalo. Kwajikelezwa isifundazwe kugqugquzelwa abalo mkhakha ukuthi bahlangane.
Ingqinamba kwaba wukuthi uHulumeni oBambiswano eKZN owawuholwa yi-IFP wawungayithakaselii indaba yokuziqoqa kwemikhakha engekho ngaphansi kukahulumeni ukuthi zibe nezwi ekuthatheni izinqumo, njengoba kwenza wonke amazwe aqhuba ngentando yabantu..
Kwabikelwa neSilo ngale nhlangano, kwabikelwa noMntwana waKwaPhindangene, nuNdunankulu kaZulu, owasikhomba kuNgqongqoshe wezeMfundo namaSiko ngaleso sikhathi uDkt uVT Zulu. Konke njalo kuhlanganiswa wuMhayise eyisikhulu esiphezulu seKZNACC.
Lwasebenza kahle lolu hlaka olwaluhlanganise izinhlanga zonke. Ukuba kwakukwesinye isifundazwe ngabe lo mkhakha wathuthuka kudala. Kepha ke eKZN ngaleso sikhathi kwakulukhuni ngoba uhulumeni wawungenayo inqubomgomo kanti abelungu kwakukhala isicathulo sabo kuHulumeni, bethenjiwe futhi besatshwa.
Sabuye sahlangana noMhayise ePlayhouse kwibhodi, ngiseKomitini eliluLekayo. Yena nethimba nosaziwayo abanjengoMbongeni Ngema, ongasekho, noMthunzi Namba, uPhuzekhemisi (uZibokhwakhe Mnyandu), uMqabulasheshe (uMfiliseni Magubane) nabanye sasibamema oNgoye, lapho engangiwusolwazi womculo khona, ukuthi bazoxoxisana nabafundi ngalo mkhakha, ikakhulu ukuthi bawuqonde ukuthi ubanzi kangakanani.
Kwathi noma sengihambile oNgoye ngiyoba yisekela lomqondisi-jikelele wokuqala omnyama kuhulumeni wentando yabantu saqhubeka sasebenza noMhayise. Phela ngangithweswe ijoka lokuhluza lo mkhakha ukuze ube nezinqubo nemithetho, izinqubomgomo nemisebenzi. Uhulumeni ngalesi sikhathi wawunenqubomgomo ethi izinqumo zemithetho, inqubomgomo nemisebenzi kufanele kwenziwe ngokubambisana nemiphakathi.
Esakufica nje wukuthi ngaphansi kukahulumeni wobandlululo izinhlangano zabelungu ezikulo mkhakha zazigixatshezwa ngezimali ezinkulu wuhulumeni kanti leyo mali yayaziwa nje ukuthi iyeza minyaka yonke. Okwakudingeka nje wukuletha umbiko ongacwaningiwe ngabacwaningimabhuku, kube njalo iyangena imali. Impela abelungu babenakekelana kulo mkhakha.
Ngendlela iKZNACC eyadlondlobala ngayo, kwathi uma umnyango wezwe lonke womNyango wezobuCiko, amaSiko, iSayensi nobuChwepheshe uqala uhlelo lokubumba inqubomgomo yokuqala kulo mkhakha, olwakuholwa yithimba elalinabaholi abanjengoMashinini olwalubizwa nge-Arts and Culture Task Group (i-ACTAG) iKZNACC yaba yinsika kulandwa yona ePitoli emihlanganweni yezwe eminingi.
Umqulu owaphuma lapho kwabayi-Arts, Culture and Heritage Policy yango-1996. Yaba yisisekelo sayo yonke imithetho eyashaywa, ikakhulu ngo-1998, ngo-1999 nango-2000, eyayilawula lo mkhakha ezweni lonke.
Impela mhla iKZN yawazi amandla ayo iyoba yindawo ephezulu kakhulu. Kuvimbe idimoni lomona nokuvimba okwenza konke okuvela lapha ukuthi kuphelele ezeni okwezithukuthuku zenja. Hamba kahle Mhayise
Ngigcina ukuxoxa naye uMhayise wayephatheke kabi ukuthi lo mkhakha ngasohlangothini lukahulumeni wakhipha ulwisa abantu ababesemzabalazweni wenkululeko, wanika labo abangawufundelanga futhi abangawuzabalazelanga amathuba omsebenzi.
Ubenethemba lokuthi mhlawumbe kuyolunga ngelinye ilanga. Asazi.
Izinqubomgomo esazicangcatha ngokusizwa yizinhlangano zomphakathi yizona ezisebenzayo namanje.
Hamba kahle Mhayise! Uzokhunjulwa ngeqhaza elikhulu owalibamba emzabalazweni wenkululeko yobuciko, amasiko namagugu.
Uyobabona abaningi oNgema, oMirriam Makeba, oSolwazi uMazisi Kunene, oSolwazi uJoseph Shabalala, oSolwazi uMuxe Nkondo, oMahaye nabanye abaningi, nithi uma ningena kushukume indlu, ngisho nakoPitoli.