Uqweqwe lomholi wamalungelo ezisebenzi uMnu uMi Hlatshwayo ushonele eThekwini izolo ngemva kokugulal. Isithombe: Sithunyelwe

‘U-Chief of Staff’ uzokhunjulwa ngamagalelo kwezabasebenzi nezobuciko

WULANGA KHANYILE

UGALAGALA lomholi wezinyunyana nomkhakha wezobuciko namasiko uMnu uMi Hlatshwayo ushone izolo eThekwini. Ubeneminyaka ewu-75.

UHlatshwayo, owakhulela eMkhumbane, eThekwini, KwaZulu-Natali, ekhaya labantu abasebenzayo, ubengomunye wabasunguli bembumba yezinyunyana iFederation of South African Trade Unions (iFosatu), eyasungulwa ngo-1979. Ngokuqhubeka kwesikhathi wabangomunye wabasunguli beCongress of South African Trade Unions, lapho amagalelo akhe ahlaluka ngokuba wumholi, umdidiyeli nothisha womhabulo.

Wazalwa ewuMichael Sidumo. Igama likaMi liyisinqamulelo sikaMicheal. Kwabanye udume ngelika-“Chief of Staff” noMfanomdala.

Lesi sakhamuzi saseClermont, eThekwini, nesazalelwa eColenso, sake wayisikhulu esiphezulu seDurban Arts Association nesikhulu esiphezulu seNatal Cultural Congress. Waba yisikhulu esiphezulu sokuqala seKZN Arts and Culture Council neKZN Arts and Culture Trust, adlule emhlabeni esewusihlalo wayo, nesikhulu esiphezulu seDurban Arts Association. 

Uzokhunjulwa ngamagalelo akhe ikakhulu ukuthi izikhungo zobuciko ezaziqhoqhobelwe ngabelungu njenge-The Playhouse neKZN Philharmonic Orchestra zivulele abantu abamnyama amathuba.

Ngo-1989, enamaqabane okubalwa kuwona uMnu Mo Shaik, bona umcimbi wabelungu abanobandlulo betheleka nezinkumbi zabantu “eBhishi labaMhlophe Bodwa” eThekwini ngase-Addington.

Ngemva kokuyeka isikole kwa-Standard 7 (u-Grade 9) ukuze ayofuna umsebenzi ngenxa yobubha bakubo, wagcina ezifundise yena ngokufunda noma yini ahlangana nayo; wena ncwadi ye-Biology, wena ncwadi yomlando wobukhosi bakwaZulu, wenani.

Wake wasebenza eDunlop Sport. Wake wayilungu lenyunyana iMetal and Allied Workers’ Union. Etusa umzabalazo wezisebenzi zaseDunlop, waqamba inkondlo ethi A Black Mamba Rising. Wagcina eshiyile eDunlop wayoba wumdidiyeli  weDurban Workers’ Cultural Local.

Exoxa neFosatu Worker News ngo-1985 wathi isifiso sakhe kwakuwukuba yimbongi. “Ngangifuna ukuba yimbongi, ngilawule amagama, amagama amaningi, ukuze ngihehe isizwe sezinhlanga ezihlukene zaseNingizimu Afrika ukuthi zibeyinto eyodwa. Ngemva kweminyaka ewu-34 yendlala, usizi, umzabalazo, ukufunda nethemba, ngiwumshayeli enkampanini yenjoloba.”

UHlatshwayo ubeyikholwa lokuqina laseChibini, iSt John’s Apostolic Faith Mission, lapho aphulukiswa khona ekuguleni okubi. Ubechazwa wukuthi yibandla elidumisa uJesu ngendlela yesintu.

UHlatshwayo uzokhunjulwa ngesibindi nothando lokulwela amalungelo ezisebenzi nokusimamisa umkhakha wobuciko namasiko.

Ushiye emhlabeni umkakhe uFikile, uMaZulu, abantwana abayisithupha nabazukulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page