Ugqokisa amadoda ase-Afrika ngeStaela sesimanje
WUTHOBILE ZWANE
INSIZWA yasesigodini saseMarothobolong, eMpumalanga, ukhule ethanda ukuthunga izingubo. Manje isiwumthungi wengqephu yabesilisa onekhono nephupho lokugqokisa amadoda ase-Afrika ngesitayela, izingubo zesintu.
Ekuqaleni, uMnu uGugu AK Phala, umsunguli weStaela Designs, wayefuna ukwenza amateki esebenzisa i-denim noseyili. Wayengenawo umshini ofanele wezicathulo, ngakho-ke wasebenzisa umshini wakhe wokuthunga ojwayelekile kodwa wawudonsa kanzima.
“Ngathola inaliti eqinile, eyasiza. Kodwa inkinga enkulu kwakuwukuthola amasoli amateki efanele. Yilapho nganquma khona ukuyeka ukwenza amateki ngagxila othandweni lwami lwangempela lokuthunga izingubo,” kulanda yena.
Isitayela sikaPhala sesimanje sinemibala egqamile nemibhalo ekhuthazayo. Uthunga izimpahla zokuya emsebenzini nezokugqoka ezijwayelekile. “Isudi eneziqephu ezintathu ingabiza uR5 500,” kusho uPhala.
Izimpahla ezigqize ngemihlobiso zeStaela Designs
Ngokuhamba kweminyaka ikhono lakhe liphucukile kodwa usadinga ukuxhaswa ukukhulisa umsebenzi wakhe.
Namuhla uPhala usebenza nabantu ababili abayitoho.
“Abantu baseNingizimu Afrika bayazithanda izinto zakuleli, futhi ngifuna wonke umuntu wase-Afrika agqoke okuthile okuphuma ezimpahleni zami iStaela,” kusho uPhala.
Iphupho lakhe wukwenza izingubo ezimele amasiko ase-Afrika nsuku zonke, hhayi nje ngoSuku lwamaGugu kuphela.
Umswenko wamadoda weStaela Designs
UPhala weluleka abanye abasikingqephu ukuthi bagxile entweni eyodwa, kungaba ezabesilisa, ezabesifazane noma ezezingane.
- Facebook: @Gugu AK Phala
- Instagram: @Gugu AK Phala