I-South Regional Durban Business Fair ithuthukisa umnotho wasemalokishini
UMASIPALA waseThekwini unxusa abantu ukuthi beseke amabhizinisi endawo kwiSouth Regional Durban Business Fair (iDBF), eqala namhlanje kuya ngeSonto KwaMnyandu Shopping Centre eMlaza, eningizimu yeTheku, KwaZulu-Natali.
Lo mcimbi, obizwa nge“Regional Fairs – Back to Promoting Township Business and Economies”, ngowokuqala ezinhlelweni zeDBF ezigxile ezifundeni ezihlukene ngonyaka wezimali u-2024/25.
Cishe amabhizinisi awu-130 asemawodini ehlukene kuleli lokishi asemikhakheni ehlukene azogabisa ngezinto azidayisayo nemisebenzi ayenzayo kulo mbukiso wezinsuku ezintathu futhi ahlangane nezinkulungwane zamakhasimende.
Ngaphezu kombukiso, iSouth Regional DBF izogaba ngezinhlelo ezihlukene, okubalwa kuzona i-Business Ndaba yezinsuku ezimbili. Namuhla, mhlaka-24 Okthoba, i-Co-operative Development Indaba izobanongoti bemikhakha ehlukene abazodingida ukuthi imifelandawonye ingazikhulisa kanjani nokuthi ingayandisa kanjani imisebenzi yawo ezimakethe zasekhaya nezaphesheya.
Phakathi kwezikhulumi eziqavile kuzobekukhona ezivela emNyangweni wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, iGerman Cooperative and Raiffeisen Confederation neSmall Enterprise Development Agency.
Kusasa mhlaka-25 Okthoba i-Contractor Development Indaba izobe inezinkampani, izikhungo ezibolekisa ngemali nosomabhizinisi ogxile ekufukuleni umphakathi uDJ Sbu Leope. Abamele iProperty Point, iNational Builders Registration Council ne-Ithala Bank bazocobelela ngolwazi, bakhulume ngamathuba okusimama.

Uhlelo lweSouth Region DBF, eqala namhlanje iphele ngeSonto
NgoMgqibelo, mhlaka-26 Okthoba, i-Enterprise and Supplier Development Regional Seminar izokweseka amabhizinisi amancane naphakathi nendawo ngokudingida amathuba akhona kuhulumeni nasembonini ezimele okwenza umsebenzi noma ukudayisa nokuthi ibhizinisi lixhaswa ngemali kanjani.
I-DBF izogaba futhi nge”Flavours of Durban“, lapho abapheki abaqeqeshiwe bendawo, okubalwa kubona uNks uNompumelo “Mprudie” Nkosi, bezokhipha amangwevu abo okupheka.
Kusuka ngoLwesihlanu kuyangeSonto abantu bazocobelela ulwazi olubalulekile ethimbeni le“Business of Filmmaking”, ezobe inoqweqwe lomlingisi uBaby Cele nophrojusa balo mkhakha.
Odado bazozitika ngeKiddiepreneur Corner, lapho iYouTuber u-Ibanathi Mpungose ezokhombisa ukuthi kwenzekani emabhizinisini.
Ngaphezu kwaloko i-International Pavilion izofundisa ngobudlelwano bamazwe ehlukene kusukela kwiJunior Chamber International nePan African Chamber of Commerce, ezokwethula igatsha eThekwini.
Kuzobanemibukiso yemfashini nokuthi umuntu ufinyelela kanjani eminyangweni ehlukene kamasipala.
Kungenwa mahhala. Ungabuza ngokushayela ku-031 266 9938.