Umlimi wesifazane wathekela ulwazi kumyeni wakhe
WUTHOBILE ZWANE
UMLIMI wesifazane osemncane waseLimpopo ungene emkhakheni wezolimo ngenxa yokukhuthazwa wumyeni wakhe omesekayo.
UNkk u-Anita Mavezera, umnikazi we-Agriculture Lovers, uqale le nkampani ngo-2020 ngoba exakwe wukungatholi umsebenzi.
UNkk uMavezera, oneminyaka ewu-23, usebenzise ithuba lokufunda kumyeni wakhe, naye owumlimi, ukuthi umsebenzi wenziwa kanjani. Yimboni abengazi lutho ngayo njengoba yena eqeqeshelwe izifundo ze-Tourism ne-Hospitality.
Elinye lamaveji atshalwe eAgriculture Lovers yiklabishi elikhephuzelayo
UNkk uMavezera uthe akaziboni eqhubeka nomkhakha awufundele. Uthi ubekuthanda ukutshala izitshalo ezihlukene engadini yakhe encane kodwa engazi ukuthi uzogcina ngolunye usuku ewumlimi ngoba engakaze afundele ezolimo.
“Ngiyathanda ukusiza abantu ngibafundise ngokulima, bakwazi ukuzikhulisela ukudla nokudayisa ukuze bathole inzuzo, ngakho siphinde sisize abantu ukuthi badayise iklabishi, utamatisi, upelepele oluhlaza. Uma sivuna sinika amakhasimende ami,” kusho uNkk uMavezera.
“Ngasungula i-Agriculture Lovers, inkampani yami etshala amaveji afana neklabishi, ithanga, utamatisi nokunye. Nginamaplazi amabili. Okungigqugquzele ukungena kwezolimo wukuthi ngishade nomlimi. Ngangivame ukuya epulazini ngiyocela umyeni wami ukuthi angifundise okwengeziwe ngokulima, ngafunda kanjalo-ke ngokubuka ukuthi kwenziwa kanjani, ngagcina sengikubambile, eloku engikhuthaza njalo,” kusho yena.
Umbila wekhethelo we-Agriculture Lovers
Baqashe ngokugcwele abantu abahlanu, kuthi abawu-10 bayitoho. Sebenamakhasimende aphakela izikole nezitolo ezinkulu.
UNkk Mavezera uthi akujwayelekile ukuthi abe nezinselelo emsebenzini ngenxa yokuthi usefunde ukwenza umsebenzi ngendlela okuyiyonayona.
“Ngifisa nokuthi umkhiqizo wethu utholakale ezitolo ezinkulu, sihlonishwe saziwe eNingizimu Afrika ngomsebenzi wethu, sicije nabantu abasha abanothando lwezolimo,” kuphetha yena ngezinhlelo zangomuso.
- Facebook: Anita Mavezera the young female farmer
- X: Agric_young
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/10/18/uvuna-okuhle-kodwa-owangena-kwezolimo-engaqondile-uxoxe-noslindile-khanyile/