UNks uWendy Luhabe uthi khumu ekubeni wusihlalo webhodi yeLibstar Holdings. Uzobeka izintambo phansi ngonyaka ozayo. Isithombe: Sithunyelwe

Sehlile isibalo sezinkampani ezivalwe kulo nyaka – iStats SA

YINTATHELI YOMBELE


ISIBALO sezinkampani ezivaliwe ngo-Agasti walo nyaka sehle ngo-9.9% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule. 

Ngokusho kweStatistics South Africa, sezizonke izinkampani ezivaliwe ziwu-1 020.  Ezizivalele zona ngokwazo ziwu-905 besekuthi eziphoqiwe ukuthi zivale ziwu-115.  

Khonamanjalo, iLIBSTAR Holdings isimemezele ukuthi uNks uWendy Luhabe ngeke esaqhubeka nokuba wusihlalo webhodi wayo uma sekuphele isikhathi sakhe ngonyaka ozayo. 

UNks uLuhabe usebewusihlalo nomqondisi kwibhodi lale nkampani engabanikazi bemikhiqizo yokudla ehlukene kusukela ngo-2018. 

Nguye owahola uhlelo lokushintsha kwabaphathi bayo ngesikhathi isisuka ezandleni zabasunguli bayo. I-LIBSTAR ingabanikazi bemikhiqizo yeLancewood, iDenny Mushrooms, i-Amaro Foods, iCape Herb & Spice nezinye.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page