UMnu uThabang Mabote, umsunguli weMafanikio Technologies yaseRamokoksastad, eNorth West, egaya isinemfu iQueen Adol ngomshini kagesi. Izithombe: Zithunyelwe

Hhethiya!, nangu umsunguli womshini ogaya isinemfu 

WUZANDILE MAJAVU

UTHELA izithelo umqondo wensizwa yaseRamokokastad, eNorth West, wokwenza impilo ibelula kubantu ababhema isinemfu ngokwenza kungadingeki ukuthi bagaye amahlamvu esinemfu. Loku ikwenza ngomshini kagesi ogayayo.

UMnu uThabang Mabote, oneminyaka ewu-35, owake wasebenza emayini, usebenzise imali ayibeke iminyaka emithathu esasebenza ukuqala ibhizinisi.

Elanda ngokumenze wasungula iMafinikio Technologies, uthe: “Ngiyathanda ukuqala izinto ezintsha, ngibone ukuthi kukhona yini okwenzekayo ngazo, yingakho ngaqala leli bhizinisi ukuqala into entsha. Nangempela ibhizinisi lami lenza umlingo. Akulula neze ngoba umcabango wento uyafika kodwa kube nzima ukuyenza noma kokunye kube wukuthi abantu abayilindele into enjalo.”

Eqala ibhizinisi wavakashela unina owayejwayele ukugaya isinemfu, asidayisele abantu emphakathini. “Kwathi ngisahleli endlini yami ngezwa umsindo wamathuluzi okugaya logwayi, ngaqala ngabheka ukuthi ngingenza kanjani ukwenza lomsebenzi,” kusho uMabote.

Uthi wabona ukuthi ukwenza lo msebenzi ngaleyo ndlela kuthatha isikhathi eside futhi kudinga amandla. “Ngabona lapho ukuthi kumele ngiqale leli bhizinisi ngale ndlela engilenze ngayo. Ngabona lapho futhi ukuthi yiyona nto okumele ngiyenze lena. Ngenhlanhla umama wayevele edayisa ugwayi emphakathini, ngaqala kanjalo ngibuza abantu engidinga ukukwazi ngebhizinisi lami,” kusho yena.

Ecwaninga ngebhizinisi lakhe wabheka ukuthi kungani abantu bengazigayeli ugwayi emakwabo, bonke bamphendula ngokuthi babengakwazi ukugaya amahlamvu awo. Yilapho uMabote abona khona ukuthi angalenza leli bhizinisi, waqala iQueen Adol, ugwayi awukhiqiza enkampanini yakhe iMafiniko Technologies, ayiqambe ngogogo wakhe owamkhulisa ngenxa yokuthi wayengahlali nabazali bakhe ababesebenza eGauteng. 

Umshini kagesi wokugaya isinemfu weMafanikio Technologies 

“Ibhizinisi ngalibhalisa ngo-2020, ngase ngiqala ukusebenza kulona ngoFebhuwari kulo nyaka. Umkhiqizo wethu mkhulu kakhulu kanti futhi ucwaningo esilwenzile lwenze sabona ukuthi singenza inzuzo enkulu ngalo,” kulanda yena.

Uthi izinselelo ezintathu abhekana nazo esaqala ukuthi ukwenza ibhizinisi lakhe lisebenze ngokusemthethweni nokuhlanganisa imali yokuliqala nokulikhangisa. Esazama ukulibhalisa ngokusemthethweni kwakunzima ukuthola ulwazi lokwenza izinqumo ezifanele futhi kwadingeka aqoqe ulwazi oluningi olwaludingeka ukuze aliqale. 

I-Queen Adol isafufusa, inethimba elincane lezisebenzi, yingakho eminye imisebenzi ebucayi yenziwa wongoti bangaphandle. kuthi uma kunesidingo baqasha ochwepheshe bomsebenzi.

“Amakhasimende ethu amaningi ngabantu besifazane asebekhulile abathanda isinemfu esigaywe ekhaya, abangalitholanga ithuba lokuthekela ulwazi esizukulwaneni esedlule sokuthi senziwa kanjani kuthi abokugcina kube yilabo abangasenawo amandla esigqulo,” kuphetha uMabote.

  • Queen Adol by MAFANIKIO

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page