UDkt uSam Motsuenyane, ingqalabutho kasomabhizinisi omnyama, umengameli wakudala weNational African Federation of Chambers of Commerce, umsunguli we-African Bank, udlule emhlabeni izolo, eseneminyaka ewu-97. Izithombe: Zithunyelwe

Robala ka kagiso Rre Motsuenyane

WUTEBOGO MOKWENA

OSOMABHIZINISI abasafufusa kumele babumbane, babambisane ukuze bezobamba iqhaza elibonakalayo emnothweni, bangalindi ukukhangeza kuhulumeni. Lona bekumbono wenye yezinkakha zosomabhizinisi abamnyama uDkt uSam Motsuenyane, odlule emhlabeni izolo, eseneminyaka ewu-97.

Lo somabhizinisi, ongomunye wamavulandlela kosomabhizinisi abamnyama ngama-’60s, njengoba ayewumengameli weNational African Federation Chambers of Commerce (iNAFCOC), wathi ukhathazekile ngendlela amabhizinisi amancane awa ngayo. Wathi ufisa akwazi ukuzihlela ngendlela okwakwenzeka ngayo kudala. 

Engxoxweni eyashicilelwa wuMbele mhlaka-16 wangoNovemba ngo-2020, wathi nakuba amabhizinisi asafufusa engakutholi ukuxhaswa wuhulumeni, izimboni ezizimele nalabo okufanele ngabe bayawalekelela kodwa kudingeka osomabhizinisi abancane bavuke bazithathe.

“Ngaba yingxenye enkulu yokuthuthukiswa kwamabhizinisi asafufusa ngeminyaka yama-’60s, ngiwuMengameli weNAFCOC. Kuyishwa ukuthi namhlanje asinabo osomabhizinisi abamnyama abahlelekile kahle ngoba bamqoka kakhulu ekuthuthukisweni komnotho wezwe,” kwasho uMotsuenyane, cishe okwenze konke kwezamabhizinisi. Wake wangumlimi, umdayisi nomunye wabasunguli bebhange labantu abamnyama nomsunguli wenxanxathela yezitolo eSoweto iBlack Chain.

Wathi ngokusebenzisa iNAFCOC ne-African Bank, ayewusihlalo wayo wokuqala, bakulwela kakhulu ukuthi amabhizinisi asafufusa abambe iqhaza eligcwele emnothweni.

“Sazihlela singosomabhizinisi ukusungula i-African Bank ngo-1975 futhi sagqugquzela abantu abamnyama ukuthi bangene ezimbonini ezincane ngokusungula iNational African Farmers’ Union ne-African Development and Construction Company.

“Sisebenza ngeNAFCOC ngiyajabula ukuthi amabhizinisi asafufusa ayekhona cishe kuwona wonke amalokishi iminyaka ewu-30. Lawa kwakungamabhizinisi abantu abamnyama ayesungulwe kukubi ngesikhathi sobandlululo. Kepha namhlanje zimbalwa izinhlangano zosomabhizinisi abamnyama ezihlelekile emalokishini,” kubalisa uMotsuenyane, obesegxile ekulimeni ikakhulu izinto ezinjengama-orintshi epulazini lakhe eWinterveld, eNorth West. 

Ama-orintshi kaMotsuenyane eWinterveld, eNorth West

Kunaloko lolu qweqwe, elake laba nendawo edayisa izithombo eMoroka, eSoweto, nebhizinisi lokudayisa amathayi amaloli nabanye osomabhizinisi baseSoweto, lathi amabhizinisi asemalokishini asephethwe kakhulu ngabantu abaqhamuka kwamanye amazwe.

“Kumele ngabe sisukumela eyokuthuthukisa amabhizinisi asafufusa namqoka ngenxa yezinga eliphezulu lobubha nokuntuleka kwemisebenzi,” kwasho yena. 

Wathi enye inkinga wukuthi osomabhizinisi abancane sebethembele kuhulumeni. “Uma sizothembela kuhulumeni ukuthi asenzele yonke into, asisoze saqhubeka. Nohulumeni uzoshintsha uma ebona sisukuma sizenzela imizamo yokuthuthukisa izindawo namabhizinisi ethu ngokuthi siyiqale imisebenzi bese siyamcela ukuthi akeze azolekelela ukuze siqhubekele phambili,” kwasho uMotsuenyane.

I-African Bank yasunguleka kanjalo njengoba kunguyena owacela esinye sezikhulu zaseBarclays (Bank) eLondon, eyagcina izibophezele ekusizeni ngokuqeqesha abantu abamnyama emkhakheni wamabhange, yaphinde yathenga namasheya ngenkathi kusungulwa ibhange lokuqala labomdabu eNingizimu Afrika.

Wathi leli zwe kumele lisike iphethini emazweni asethuthukile, nathe alikho kuwona elalingazuza loku anakho ngaphandle kokuba nemboni yosomabhizinisi abancane evuthiwe. Uthe ngisho nanamhlanje amazwe amakhulu anomkhakha wosomabhizinisi abasafufusa osebenza kahle.

“Uhulumeni nezimboni ezizimele kumele bakubone njengomsebenzi wabo ukubamba iqhaza ekukhuliseni amabhizinisi amancane abantu abamnyama ukuze sizosondela ekubambeni iqhaza emnothweni wezwe jikelele,” kwasho yena. 

Wathi eNingizimu Afrika lo hulumeni ophethe unike osomabhizinisi abamnyama ithemba elingekho ngokwanda ngomlomo okungaphelezelwa yizenzo. Wathi uMengameli uCyril Ramaphosa udinga ukukhunjuzwa ukuthi izinto zazenziwa kanjani kudala.

“Abantu abamnyama bebengaxhaswa ngemali wuhulumeni kwaze kwashaya iminyaka yama-’80s. Kwaze kwaba ngo-1980 lapho iSmall Business Development Corporation yasungulwa khona ukuze isize osomabhizinisi abamnyama ngosizo lwemali kodwa kunesikhathi eside lapho lokhu kwakungenzeki khona futhi namanje kuseyinkinga loku,” kwasho uMotsuenyane.

Wathi ukhathazekile nangokuhlukana phakathi kweNAFCOC. “Kunekomidi lezingqalabutho elizibophezele kulokhu futhi ngingathanda ukuthi ngishiye iNAFCOC isebenza,” kwasho yena. 

Umlando omfishane:

  • Ubewumlimi ngokuqeqeshwa;
  • Wake wahlonishwa ngendondo yezithwalandwe i-Order of the Baobab in Silver;
  • Wake waklonyeliswa ngeLifetime Achievement Award kumaTownship Entrepreurneship Awards;
  • Wayewusihlalo weMotsuenyane Commission eyayilalele izigameko zokuhlukunyezwa kwamashoshozela ezinkanjini zikaKhongolose ekudingisweni;
  • Wayeyilungu leNdlu yeziGele kusukela ngo-1994 kuya ngo-1996;
  • Wake wayinxusa emazweni aseGulf.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page