Ugalagala lokuphatha ezemidlalo luphila ubizo
WULANGA KHANYILE
NGO-1976, unyaka abafundi baseSoweto abavuka umbhejazane ngawo, okwaholela ekukhwezeleni umzabalazo wabantu abamnyama eNingizimu Afrika ngaphansi kukahulumeni wengcindezelo yohulumeni wobandlululo, wayemthuqasi elusa izinkomo ngenkathi ontanga yakhe besesikoleni.
Ngenkathi enza iziqu zokuqala enyuvesi, emehlweni ezitshudeni ezazijahe ukuphuma nesicucu bese ziyosebenza wazakhela igama lomuntu owayengakuthandi ukufunda futhi eyisithiyo empumelelweni yazo. Loku ngenxa yokuthi wayehlale engomunye wobhongoza bemibhikisho e-University of Zululand. Ngenxa yobushoshozela wagcina emiswe kathathu, waxoshwa kabili.
Namuhla, usefunde wagogoda wawudokotela. Akagcini ngokugqoka ijazi elibomvu kodwa uyinhloko yezinkundla nezinsiza kuMasipala waseThekwini noma imenenja-jikelele yeMoses Mabhida Stadium.
“U-1976, lo odume kangaka, mina ngangihleli ekhaya, ngilusa iikomo. Ngangingazi nokuthi kukhona into eyenzekayo emhlabeni,” kulanda uDkt uVusi Mazibuko, owazalelwa eHammarsdale, wakhulela eZingolweni naseMlaza.
UMazibuko, one-PhD in Sport Science ne-Master’s in Public Management, useke wayi-sports officer eML Sultan Technikon (esiwuphiko lweDurban University of Technology), i-project manager yama-2003 SA Games, i-project manager yamaSALGA KZN Games, i-project manager ye-2013 Africa Cup of Nations Durban Host City nelungu leDurban 2022 Commonwealth Games Bid Committee.
Ngenxa yokushiywa wunina eneminyaka eyisikhombisa, uMazibuko ukhulele ezihlotsheni ezindaweni ezihlukene. Usheshe wafunda ukuzibamba ngamazinyo nokondla.
“Kwaphoqa ukuthi abafana, sasiyisithupha abafana namantombazane ayisithupha, kube yibona abaletha okuthile ukuze kuphileke. Yiapho engaqala khona ukudayisa amakinati. Ukudayisa amakinati ngaqala ngifunda u-Std 2 (u-Grade 4), ngaze ngayofunda u-Std 10. Ukudayisa umuntu ubekwenza uma ngiphuma esikoleni, nangemiGqibelo nangamaSonto. Loko okwakutholaka kwakuba yikona akulethayo ukuthi kuphilwe,” kukhumbula yena.
Nakuba ekhule ngokuphanta uma engekho esikoleni kodwa besikhona isikhathi sokudlala. Kusekudlaleni lapho athola khona ubizo lwake – ezemidlalo nokuphathwa kwazo. Uthi baqale bedlala ibhola emva kwendlu. Ngokuhamba kwesikhathi bagcine besungula iqembu elidlalela imali.
“Uma sikhula sakha leli qembu iScorpion, siqale sidlale ukugembula, kodwa sibona sengathi sinabadlali abasezingeni lokuqhudelana masonto onke, (iligi) sasesijoyina kwiligi uMlazi Football Association. Lapho ngangimncane kakhulu, okwathi sinomhlangano wokuqala wonyaka sijoyinile, ukuthi ngangikhethwa ngikhethelwa kwisigungu soMlazi Football Association. Uma ngingaphosisi ngangineminyaka ewu-14 noma ewu-15. Yilapho engaqala khona ukuvuleka amehlo ngokuphathwa kwezemidlalo.
UMazibuko ubala izigameko ezimbili angasoze wazilibala. Esokuqala wumhlangano owawuse-Executive Hotel. “Kulo mhlangano ngaqokwa kwathiwa yimina ozokwenza uhla lwemidlalo, kusho ukuthi ngizoba wumdidiyeli wemidlalo yeligi.
“Isigameko sesibili engingeke ngisikhohlwe. Sasisemhlanganweni eKing Zwelithini, isabizwa nge-De Wet Nel. Sisahleli ungakaqalli umhlangano kuvele kuqhume izibhamu, kubekhona abasihlaselayo, besihlasela ngezibhamu. Uma besihlasela, sibaleke sicashe. Ngenhlanhla angabi khona inhlamvu emtholayo. Ngokuthola sekuhambe isikhathi, ngathola ukuthi usoseshini esasiwakha kwakuwusoseshini wesibili, okusho ukuthi siyizimbangi.
“Le nto yokubanga ngikhule ngiyazi esengibe yingxenye enkulu ekuyixazululeni. Ngahlangabezana nayo nginmncane. Sengihlangabezane nayo ngikhula kangangokuthi sengike ngabawumxazululi kweminye imidlalo. Nakhona la eThekwini kuke kwanesikhathi kunamaSAFA amabili, ngazithola ngiqokwa ukuthi ngibe womunye wabaxazululi,” kusho yena.
Ngemva kokuphothula uMatikuletsheni eVukuzakhe, uye oNgoye. Kulapho umfana wezinkomo efika wayisishoshovu somzabalazo wezitshudeni. KusoNgoye belu lapho athola khona izibongelo zikaGary Bailey wodumo lweKaizer Chiefs neManchester United ngenxa yokubamba ngisho impukane epalini. Muzwe elanda.
Uthi ekukhuleni kwakhe ubunjwe yizimo kunabantu. “Kamuva sengiqala ukwazi izinto nokuhlakanipha nokungena ikakhulukazi kwipolitiki, kwipolitiki yezemidlalo nepolitiki yokulwela umzabalazo, ikakhulukazi ngenkathi umuntu eyisitshudeni yilapho ngiqale khona ukufuna ukuncela ulwazi kubantu abathize. Umuntu engiye (ngimbeke) phambili kubo bonke, nanamhlanje uma nginenkinga engiye ngiye kuyena wuWillies Mchunu. Ubeneqhaza elikhulu ekuqondeni kwami ipolitiki. Ubudlelwano bethu bakheka ngisemncane kodwa kuze kubenamuhla ngiyakwazi ukuthi ngithathe ucingo ngikhulume naye nanoma yini nanoma ngasiphi isikhathi.”
Uzichaza njengemenenja noma umholi okholelwa ethimbeni aliholayo. “Nginenkolelo ethi empilweni nje noma isempileni, isekhaya, isesontweni noma isemsebenzini, akukho ukuphumelela ngaphandle kwethimba. Ngikholelwa ekutheni kufanele ngilethe izixazululo nethimba lami.”
Ngenxa yezimo adlule kuzona, isiqubulo aphila ngaso, uthi: “Ngaphezu kokuthi yisiqubulo kuyisifiso noma kuyinhloso ukuthi ngiphumelela noma ngabe izimo zinjani.”

UMazibuko esensimini eMoses Mabhida Stadium
Unombono onqala ngomkhakha akuwona. “Ngibile nethuba lokuthi ngibekuyona yomithathu le mikhakha (ukuthuthukiswa kwezemidlalo, ingqalasizinda yezemidlalo nalapho kuqhudelana khona abantu abadlala ezingeni elikhokhelwayo). Ukuphatha ingqalasizinda esezingeni eliphezulu. Njengoba sineminyaka ewu-30 yentando yabantu, okungenzeki kahle ukuthi kubenokuxhumana kulezi nhlaka zontathu. Uma sakha inkundla elokishini noma emakhaya, kusuke kungekho emqondweni ukuthi lo muntu esimakhela le nkundla siyafisa ngelinye ilanga adlale eMoses Mabhida.
“Uma kukhona emqondweni kusho ukuthi lenkundla esizoyakha sizoyakha ngendlela yokuthi akwazi ukudlala masonto onke. Kusho ukuthi ingqalasizinda esizoyifaka la ukuthi adlale Mabhida kufanele adlale masonto onke kodwa futhi ukudlala masonto onke akwenele kufanele adlale ngokuqhudelana. Kodwa futhi ukuthi kufanele adlale eMabhida ngelinye ilanga, kuzosho futhi ukuthi kufanele azi indlela yokuqeqeshwa ezomakha ukuthi kufanele adlale eMabhida.
“Kulo mphakathi uma sithi kunokuthuthukisa abadlali, kufanele sazi ukuthi lo muntu kufanele aqeqeshwe ngao. Uma kuwukuthi zonke lezi zinto azikho noma azenzeki. Kusho ukuthi lo muntu ebesimakhela le ngqalasizinda siyamncisha ithuba lokuthi angadlala eMabhida. Akukho ukuxhumana. Esikutholayo sikuthole ngengozi (ngenhlanhla), hhayi ngokuhlela. Ngokwami yilona phutha elikhulu kwinqubo nokwenza. Sithembele entweni elethwa ngamaqembu, ayikho into elethwa wuhulumeni ekutheni le nto, lo mkhiqizo, siyisize iikhiqize ngendlela enempumelelo.
“Kweminye imidlalo kukhona loku kuxhumana kodwa kwenzelwe uhlobo oluthize lwabadlali. Isibonelo, ibhola lombhoxo indlela elawulwa ngayo, akukho lapho engeke abekhona iSharks. I-Sharks iyiqembu lesifundazwe, elinenkulisa. Uhlelo lwenkulisa kubayizikole, akekho umdlali odlala ezingeni elikhokhelwayo ongazange adlale ibhola lezikole kodwa baningi abadlali abadlala ibhola (lezinyawo) abangazange badlale ibhola lezikole.
“Loku kusho ukuthi inselelo enkulu eNingizimu Afrika isendleleni yokwenza izinto. Kuncane okuthinta ukuphatha kahle, ingqalasizinga nabantu abayizingcweti. Inkinga enkulu wukuthi uma ingekho indlelo eyakhelwe ukuxhumana, ngisho ungenzani kodwa indlela yakho ayikuniki umphumela owufanayo ngendlela enempumelelo.”
UMazibuko uvuka mihla yonke ayokwenza into ayizwa ngaphakathi. Nokho zikhona izinto esezike zamdumaza. Kuzona ubala ukuphunyukwa yiqatha kweTheku ukuletha amaCommonwealth Games. Ngangisethimbeni lekomidi elalinxusa ukuthi amaCommowealth eze e-Afrika, ikakhulukazi eNingizimu Afrika, eThekwini ngo-2022. Sakwenza konke, saqokwa kodwa leso sinqumbo sashintshwa ngezizathu ezintathu esasingavumelani nazo neCommonweatlh Federation, abanikazi bale midlalo, ngoba sasesifunde okuningi kwiFifa World Cup; ngoba sasithi ungavele ungayilethi imidlalo yakho uma kukhona izinto ezingeke zenzeke,” kusho yena.
Kuhlaluka engxoxweni noMazibuko ukuthi ukuphatha ezemidlalo yinto ayizwa ngaphakathi. Yisihloko angaxoxa ngaso kuze kuse.
Okunye ngaye:
- Wazalwa engowakwaShezi, wakhula engowakwaCele. Ukhuliswe kwaMavundla, kwaSishi nakwaMcoyi. Uganwe wuMaMbhele. Banamadodakazi amathathu nomfana;
- Isizungu usichitha ngokubuka ezemidlalo nokufunda;
- Ezincwadini, ufunda noma yiphi inhlobo. Incwadi ayifunda ayangaphuma ekhanda lakhe yi-The Power of Positive Thinking kaNorman Vincent Peale. Nasemafilimini akakhethile;
- Ngenxa yokuthi uhlale ephakathi kwabantu, into abaningi abangayazi ngaye wukuthi uthanda ukuhlala nomndeni wakhe.