Kubalulekile ukubeka nokutshala imali
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNomveliso Gazu, umethuli wezinhlelo zethelevishini. Manje wethula uhlelo lomculo wokholo lakwi-1KZNTV i-Gospel Mix
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha ngangingaphiwa ngoba ngikhuliswe wugogo owayefuna uqale usebenze ngaphambi kokuthi uphiwe imali.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ngo-2006, ngayivula e-Absa.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngafunda ukuthi imali iyasetshenzelwa ukuze ube nayo futhi akumele uyiphathe budlabha ngoba uzohlale ungenayo uma ujwayela ukuyisaphaza.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngo-2006, ngihola uR800.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga ngawo igrosa ekhaya.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukusiza ezidingweni zasekhaya nokuzimela zikhathi zonke.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukusiza abantu ngemali kuze kweqe nokusebenzisa imali ezintweni ezingenasidingo.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo kwake kwenzeka kuleli elibizwa ngeMMM. Ngalahlekelwa wuR1 000 nelinye futhi engalahlekelwa kulona yimali engaphezu kukaR3 000.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Esokuthi kubalulekile ukubeka imali, kube khona lapho oyitshala khona ukuze yande.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingaqikelela ukungenzi amaphutha engawenza ngemali phambilini bese ngithatha ingxenye yayo ngiyitshale ukuze ingapheli bese esalayo ngilungisa ngayo okungalungile empilweni yami.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngokuthi uma benemali abangafuni ukwenza yonke into ngesikhathi esisodwa, ababenendlela nohlelo lokuthi bazoyisebenzisa kanjani ukusiza ukugwema ukungabinamali.