UDkt uHajira Mashego uxazulula izinkinga zabantu baselokishini ngokubasondezela indawo yokuzivocavoca. Izithombe: Zithunyelwe

Uphokophele ukusabalalisa izindawo zokujima emalokishini

WUZANDILE MAJAVU

UCWANINGO alwenza ngenkathi enza iziqu zobudokotela eNorth West University lwaholela ebhizinisini lendawo yokuzivocavoca.

UDkt Hajira Mashego, wasePitoli, eGauteng, owayesebenzela uhulumeni ngaleyo nkathi, wasula emsebenzini, wathatha imali yakhe wavula iFitness Junction, indawo yokujima, ngo-2018. Uneziqu nama-diploma e-physiotherapy, i-sports management, ne-public health in fitness

“Ngemva kokuqeda i-PhD in Human Movement Science, ngangiyimenenja enkulu kuhulumeni kodwa ngabona kufanele ngisebenzise engakuthola ocwaningweni lwami ukuthi ngenze ushintsho emphakathini omnyama.

“Ucwaningo lwami lwaveza ukuthi abantu abadala abamnyama baxinwe yizifo eziyisimbelambela, okwakuhambisana nokungadli ukudla okunempilo nokuvilapha,” kusho yena. 

Wavula ibhizinisi ngemali yempesheni eWestview, ePitoli. Kwathi uma iphela, wacela abangani bakhe nezihlobo ukuthi bathenge amasheya ebhizinisini. Ubhubhane i-COVID-19 lwaliqumba phansi ibhizinisi. Nokho, ngo-2021 lasimama, laphindela ekungeniseni inzuzo.

UDkt uMashego echaza ukuthi kungani egxile emalokishini, uthi: “Azikho izindawo zokuzivocavoca eziphephile emalokishini. Izakhamuzi zaselokishini eziningi zigcina ngokukwazi ukugijima emgwaqweni kuphela. Akuphephile loku kanti kugcina kwenza ukuthi izakhamuzi zingakwazi ukuzilolonga. Esinye isizathu wukuthi abantu basemalokishini kufanele bagibele baye edolobheni ukuze bathole indawo yokujima, kanti loku kuyadla ephaketheni.

“Yingakho-ke ngaqhamuka nezindlela ezishibhile nezisezingeni eliphezulu ezingasetshenziswa ngabantu baselokishini,” kusho yena. 

Abantu bezivocavova eFitness Junction eWestview, ePitoli

UDkt uMashego weluleka abantu abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi baqale kancane. Imali yokuqala ibhizinisi yayinkulu, ngakho kwakufanele iFitness Junction iqale kancane bese ikhula ngokubonakala kwemali.

Manje uDkt uMashego usedinga abaxhasi ukufeza isifiso sakhe esisha sokuthi abenoxhaxha lwezindawo zokujima emalokishini ehlukene. Ufisa ukukhulisa inkampani itholakale emalokishini awu-232, lapho indawo yokujima ngayinye izoqasha khona abantu noma abawu-16. 

Lesi sinqumo usithathe ngemva kokuqasha inkampani eyenza ucwaningo lwempumelelo yebhizinisi ukubheka ukuthi lingasimama yini elokishini. “Manje sisebenza indaba yokuqala amagatsha eFitness Junction emalokishini nasezindaweni ezisemakhaya ezweni lonke.

“Sesinawo wonke amaphepha afanele nezinto zimi ngomumo kodwa okushodayo yimali. Ngidinga umuntu ongangixhasa ngemali,” kusho uDkt uMashego.

Usizo lokuxhaswa luzosiza iFitness Junction ukwakha izindawo zokuzivocavoca nokuthenga izimpahla zakhona.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/05/27/ukusukumela-ukunciphisa-isisindo-somzimba-kumvulele-iminyango-esikhiqize-inqwaba-yamabhizinisi-emikhakheni-ehlukene-umsunguli-wemabliza-lifestyle-uxoxe-noslindile-khanyile/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page