UKganyago nabalingani bakhe bayabuyela ezindaweni zabo
YINTATHELI YOMBELE
- UMNU uLesetja Kganyago uzobuyela ekubeni wumphathi weBhange loMbuso, uNks uNomfundo “uFundi” Tshazibana noDkt uRashad Cassim ekubeni ngamasekela kaKganyago eminye iminyaka emihlanu.
URamaphosa uqoke uDkt uMampho Modise ekubeni yisekela lomphathi waleli bhange ngemva kokusula kukaMnu uKubeni Naidoo ngoNovemba ngonyaka odlule. UDkt uModise uzoqala mhlaka-1 Ephreli 1 kuya mhlaka-31 ngo-2029.
Isikhathi esisha sikaKganyago, uNks uTshazibana noDkt uCassim bazoqala uma kuphela isikhathi esidala ekupheleni kwalo nyaka.
IBhange loMbuso selinezikhulu eziphelele manje.
- UMNYANGO wamaBhizinisi kaHulumeni uthe ngeke iSouth African Airways (iSAA) isadayiselwa iTakatso Consortium ngoba abavumelananga ngemibandela emisha.
Besekuphele iminyaka emithathu lo mnyango wamezela ukuthi u-51% wale nkampani yamabhanoyi uzodayiselwa iTakatso.
Ngesikhathi uhulumeni uqala ukuvumelana nale nkampani, iSAA yayicishe yavalwa emva kokuthi i-COVID-19 ishayelele isipikili sokugcina ezinkingeni eyayivele inazo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/06/11/kumenyezelwe-abazovuselela-isaa-inkampani-kahulumeni-ebisiphila-ngokutakulwa/
- EZOKUKHIQIZA zinyuke ngo-2.6% ngoJanuwari uma kuqhathaniswa nangoJanuwari wango-2023.
Izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) ziveze ukuthi izimboni ezikhule kakhulu ekawoyela, amakhemikhemikhali, eyenjoloba neplastiki, eyokhuni, eyamaphepha nokushicilela, eyendwangu, izimpahla zokugqoka neyengilazi.
I-Stats SA ishicilele nezibalo zezimayini kanti zona ziveze ukuthi le mboni yehle ngo-3.3% ngoJanuwari uma kuqhathaniswa nangoJanuwari wango-2023.
- I-WOOLWORTHS Foods isiqoke uMnu uSam Ngumeni ukuthi abeyisikhulu esiphezulu esisha.
Uzothatha izintambo kuNks uZyda Rylands, ozothatha umhlalaphansi ekupheleni kuka-Agasti.
UNgumeni, okumanje uyi-chief operations officer kule nkampani, uneminyaka engu-28 afika kuyo kanti usephathe izikhundla ezihlukene.