Wemukelwe ngo-elethu othathe izintambo eTransnet
WUSLINDILE KHANYILE
IZINHLANGANO zosomabhizinisi zisishayele ihlombe isinqumo sokuqoka uNks uMichelle Phillips abeyisikhulu esiphezulu esisha eTransnet. Lezi zinhlangano zithe zikubheke ngabomvu ukusebenza naye ngenxa yamava anawo okuphatha le nkampani yezokuthutha.
UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan umemezele isinqumo sokuqoka uNks uPhillips, obesenezinyanga eziyisithupha ebambile kulesi sikhundla. Kuqokwe nesikhulu esiphezulu sezimali kule nkampani uNks uNosipho Maphumulo.
UMnu uKganki Matabane, isikhulu esiphezulu seBlack Business Council (iBBC), uthe ukuqokwa kukaNks uPhillips noNks uMaphumulo kuzoletha ukuzinza eTransnet futhi kuzolekelela kakhulu ukulungisa izinkinga zezokuthutha ezikhona eNingizimu Afrika.
“Isikhulu esiphezulu sinamava afanele futhi sithemba ukuthi osopolitiki bazoseseka ngendlela efanele. I-BBC izobeseka futhi izosebenzisana nabo,” kusho uMatabane.
UDkt uJuanita Maree weSouthern African Association of Freight Forwarders uthe ukuqokwa kukaNks uPhillips noNks uMaphumulo kusho lukhulu nenqubekela phambili kule nkampani yezokuthutha.
“Amagalelo kaMichelle Phillips embonini asho lukhulu ngobuholi bakhe. Ukwazi njengoba ezazi ukusebenza kweTransnet. Ngisho nendlela okuthengwa ngayo izimpahla kusho ukuthi uzokwazi ukushintsha izinto ukuze kuphucuke ukusebenza nokuncintisana kweTransnet.
“Ukuzinikela kwakhe ekuqhamukeni nezinto ezintsha kuzoba mqoka ekubhekaneni nenkanankana yezinkinga zezokuthutha ezikhona kugcine kukhule imboni yezohwebo nezokuthutha,” kusho uDkt uMaree.
Isikhulu esiphezulu esisha eTransnet uNks uPhillips
UDkt uMaree uthe nakuba uNks uMaphumulo engakaze asebenze embonini yabo kodwa abangabazi ukuthi amava akhe ekuphatheni izimali nasekuphatheni izinkampani kuzoba mqoka ukuqinisekisa ukuthi inkampani yenza okuyikho endleleni ephatha imali ngayo.
“Bobabili (uNks) uPhillips no(Nks) uMaphumulo bayithimba labaholi okufanele liholele iTransnet empumelelweni. Ukuzinikela kwabo ukwenza umsebenzi oseqophelweni eliphezulu namava abo okuphatha kuletha ithemba kuzo zonke izinhlaka nezisebenzi,” kwengeza uDkt uMaree.
UNksz uBusi Mavuso, isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa, uthe abangabazi ukuthi bazosebenzisana kahle nalezi zikhulu ezintsha.
“UNks uPhillips uyakwazi okuzanywa ngamabhizinisi nohulumeni ngokuhambisana kwezokuthutha ngeBusiness for South Africa. Ubebambile eyisikhulu esiphezulu ngesikhathi sinciphise isibalo semikhumbi esechwebeni laseThekwini ngo-45% futhi sinciphisa nesikhathi esilindwa yimikhumbi ngo-36%. Ukukhethwa kwakhe ngokugcwele kuzoqinisa loku kusebenzisana futhi kuqhube nomgqigqo womsebenzi osuwenziwe.
“Siyameseka siwomabhizinisi futhi sikulungele ukumeseka ngayo yonke indlela,” kusho uNksz uMavuso.
Khonamanjalo, uqale ngokusemthethweni uMnu uDan Marokane ukuba yisikhulu esiphezulu esisha e-Eskom ngoLwesihlanu.
UMarokane uqale ukuba yisikhulu esiphezulu esisha e-Eskom
UMarokane uyi-chemical engineer futhi une-MBA kanti uneminyaka engaphezu kwewu-20 ephethe izikhundla zobuholi ezihlukene.
Okunye ngoNks uPhillips:
- Uneminyaka ewu-24 afika eTransnet;
- Uke waba yisikhulu esiphezulu seTransnet Pipelines;
- Uke waba yibamba lesikhulu esiphezulu eTransnet Port Terminals;
- Une-B Juris ne-LLB kwaseNelson Mandela University;
- Wenza i-Transnet Woman in Operations Management Programme;
- Uke wenza i-Global Executive Development Leadership Programme eGibs;
- Unezitifiketi ze-International Terminal Operations Management Programme zase-Antwerp, eRotterdam, eParis naseLe Havre.