UMnu uNhlanhla Khambule, umsunguli nesikhulu esiphezulu se-Edinvest Group

Izithombe: Zithunyelwe

Owafundela omunye umkhakha unobizo lokukhiqiza osomabhizinisi. Manje usengene shi ekusunguleni izikole ezizimele ezicija ingane ikwazi ukubhekana nezinselelo zesikhathi esiphila kusona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

“INGANE ephume kimina nginesiqiniseko sokuthi ngeke ihlale ekhaya iswele umsebenzi ngoba ifundiswe ukucabanga ngendlela ethize, ifundiswe ukuqala ibhizinisi, ifundiswe ukuphatha ibhizinisi, ifundiswe ukuthi izimele. Ingahlala izinyanga ezimbalwa ingasebenzi kodwa ngeke ihlale isikhathi eside ngoba izobe imatasa icabanga, ihlanganisa uhlaka lwebhizinisi ezolenza nako konke ekudingayo ukuze iphumelele empilweni. Uma iqashwa kuhle (simbonge) uNkulunkulu kodwa uma kungenzeki ngeke ihlale ekhaya ngoba (izingane) sizifundise ukuthi zicabange.”

Lawa ngamazwi kaMnu uNhlanhla Khambule, isikhulu esiphezulu se-Edinvest Group, inkampani engabanikazi bezikole ezizimele namakolishi okuqeqesha abantu abenza imisebenzi yezandla, phecelezi ama-artisan academy.

UKhambule, oneminyaka ewu-45, usungule lezi zikole eminyakeni ewu-10 edlule ngokubambisana noMnu uThanda Ndaba. Baqala ngama-artisan academy, kwathi ngo-2019 bathula izikole. Bazibule ngeCanaan College eMlaza, eThekwini, neyavula ngabantwana abawu-270 kanti kulo nyaka banabantwana abawu-900. 

Sezizonke izikole abanazo manje ziyisishiyagalombili kanti ezinye ziseHilton, maphakathi neKwaZulu-Natali, eGqeberha, eMpumalanga Kapa naseSoshanguve, ePitoli.

I-Canaan College eMlaza, eThekwini, isikole sokuqala se-Edinvest

Uthi nabo njengazo zonke izikole eNingizimu Afrika basebenzisa uhlelo lokufundisa i-Caps (i-Curriculum Assessment Policy Statements), njengokokuyalela kukahulumeni. Nokho lapho eyabo indlela yokufundisa ihluka khona wukuthi bengeze isifundo esikhuthaza abafundi ukuthi bacabange ngenye indlela futhi bafune ukuqhamuka nesisombululo uma bebona inkinga. Lesi sifundo yi-Innovative Thinking and Entrepreneurship.

“Uhlobo lwemfundo eNingizimu Afrika iyafana noma ngabe umntwana ufunda eHilton College ebiza uR350 000 noma esikoleni esingakhokhisi imali esiseMzumbe, ePort Shepstone. Nakithina ngokunjalo sifundisa iCaps Curriculum… kodwa kuhlukani? Kuhluka uhlobo lothisha, indlela abafundisa ngayo, usayizi wamakilasi nokwesekwa abantwana abazokuthola bese kuhluka nezivivinyo abazibhalayo (kumatikuletsheni).

“Siyi-Edinvest sinendlela yokwenza izinto ehlukile. Sibe sesengeza isifundo i-Innovative Thinking and Entrepreneurship. Yisifundo esisodwa kodwa esinezinto eziningi, sifundisa abantwana ukususa ibhizinisi phansi. Ku-Grade 8 sibafundisa ngebhizinisi (eThekwini), ku-Grade 9 esifundazweni, ku-Grade 10 ezweni lonke bese kuthi ku-Grade 11 nekota yokuqala kaGrade 12 babheka ibhizinisi e-Afrika yonke nasemhlabeni.

“Sibafundisa ukwenza ucwaningo, ukuphatha imali namabhuku, ukuba wumholi, ukwakha isikompilo lebhizinisi,” kuchaza yena.

UKhambule uthi babambisene kahle nabazali njengoba besebenzisana ukwakha usikompilo lwesikole. Uthe kuyamjabulisa futhi nokuthi abazali abafeli ngaphakathi uma kukhona abangeneme ngakho. Mlalele echaza.

Ukuba kwezemfundo nokuqeqesha yinto akade ayiqala uKhambule njengoba ngaphambi kwaloku usebenze iminyaka enebhizinisi eliqeqesha amakhansela nabanye abantu abasebenza komasipala. Leli yibhizinisi ayeliqale ngo-1999 kodwa ulishiye phansi ngo-2010 ngenxa yokuxakwa yinkohlakalo, ukuvilapha kwabantu abasebenza komasipala nokujutshwa kwabantu abangaqeqeshelwe imisebenzi abayenzayo.

Njengoba ngesonto eledlule bekunokhetho lohulumeni bezindawo kwehlile ukwesekwa kwamaqembu amabili amakhulu komasipala, i-ANC ne-DA kanti nesibalo sabantu abaphumile bayovota sinciphile. UKhambule uthi ukholwa wukuthi lezi zinto ezamxosha ekusebenzeni nomasipala yizona eziyingqinamba ekutheni omasipala basebenze kahle.

Lo somabhizinisi ukhuliswe ngabazali bakhe eMbali, eMgungundlovu, ngaphambi kokuthi bathuthele Esigodini ngenxa yodlame lwezepoitiki.

Ufunde eSobantu, lapho ephothule umatikuletsheni khona. Waqeqeshelwa ezolimo eMangosuthu Technikon (University of Technology) kanti usebenze kule mboni iminyaka embalwa ngaphambi kokuyoqala ukuzisebenza.

Kwakungesiyo inhloso yakhe ukuzisebenza kodwa kunesimo esamphoqa emsebenzini. Nokho-ke yisinqumo angazisoli ngaso lesi. Muzwe echaza.

Ekhuthaza abafisa ukungena ebhizinisini, uKhambule uthi umuntu akangabambi eyeka kodwa akaqale bese ethola umuntu ozomcathulisa ngoba indlela ibuzwa kwabaphambili. Uthi futhi ababekezele ngoba yinto ejwayelekile ukwehla kwenyukela ebhizinisini. Uthi abaqala ibhizinisi ngokubheka amathenda kahulumeni kuhle bakhumbule ukutshala imali ebhizinisini, babe necebo lokukhulisa umnotho wabo futhi bafune amathenda omsebenzi abakwazi ukuwenza. 

Uyakhala ngohulumeni, uthi wenzela phansi osomabhizinisi, ikakhulukazi abancane, ngokuphuza ukubakhokhela.

Uthe ubenethemba lokuthi uma izwe seliphethwe wumuntu owusomabhizinisi kuzoba nomehluko. Yizwa echaza. 

Ezinye zezinhlelo abanazo zokukhulisa i-Edinvest wukuhweba eJSE emva kweminyaka emithathu. Uthi loku kuzosiza ukuthi bathole imali ngokudayisa amasheya nokuthi bahehe abantu abanohlonze, njengoba ethi kulula ukwenza njalo uma ubalwa nezinkampani eziseJSE.

Okunye ngaye: 

  • Une-Master’s in Development Finance yaseStellenbosch University;
  • Uganiwe futhi unabantwana abathathu; 
  • Uwumfundisi eHouse of Christ eMgungundlovu; 
  • Bathanda ukuvakasha nomndeni wakhe; 
  • Ukhonze inyama yangaphakathi, inhloko, ulimi nojeqe; 
  • Ungumlandeli webhola ne-cricket. Uwumlandeli waMazulu; 
  • Ukhonze izincwadi ezikhuluma ngepolitiki, ibhizinisi nenkolo; 
  • Umuntu abukela kuyena ebhizinisini wuMnu uMoss Ngoasheng.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page