Sekuzophela ukuqasha ngobubhululu eminyangweni kahulumeni, kuloba uBusi Mavuso
UKUPHUCUKA kwendlela izisebenzi zikahulumeni ezisebenza ngayo kubalulekile ezinhlanganweni zamabhizinisi nasemizamweni yokuphucula indlela izidingo ezihlinzekwa ngayo.
Izindaba ezimnandi wukuthi kukhona izinto ezenziwe wuhulumeni ukuphucula ukusebenza, okubalwa kuzona ukushaya umthetho othinta ukusebenza kwekhomisihini engamele umsebenzi wabaqashwe wuhulumeni i-Public Service Commission (i-PSC) Act, osayinwe ngesonto elidlule.
Le khomishini isizokwengamela nokusebenza kwabaqashwe omasipala namabhizinisi kahulumeni, nokuzoyinika amandla angempela ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni. Loku kwenzeke ngenxa yokushaya nokuchibiyela imithetho eyinqwaba ukuphucula umsebenzi.
I-PSC Act inika ikhomishini amandla okubuza izikhulu zikahulumeni ukuthi uhamba kanjani umsebenzi uma kukhona izinqumo ebezithathiwe. Kuqala, izinqumo zayo bezizitshwa kalula futhi kungabinazinyathelo abantu abathathelwa zona.
Manje, ukuphazamisa umsebenzi wekhomishini sekuyicala elingabhadlisa umuntu unyaka wonke ejele noma ahlawuliswe uR50 000 noma ajeziswe ngazo zombili lezi zindlela. I-PSC izobanamandla okwenza ushintsho ukuphucula ukuhlinzeka izidingo. Ngeke kusabayisikhungo nje esibhala imibiko egcina iduvile.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/09/asijezisi-omasipala-kodwa-siyabalungisa-umgcinimafa/
Njengayo yonke eminye imithetho, ayithi shu uma ingeke ilandelwe. I-PSC izodinga abantu abanele ukuphenya nokugada indlela okusetshenzwa ngayo. Ukulekelela, lo mthetho omusha ugunyaze ukuthi kubenehhovisi elizobanethimba elizoseka umsebenzi kanti okhomishana bazoqokwa ngendlela ezoqinisekisa ukuthi bazimele njengokusho komThethosisekelo.
Nokho kuqala izinsizakusebenza zePSC sezike zathathwa zasetshenziswa ngenye indlela, nokwaphoqa ukunciphisa isibalo sabantu abasebenza khona ekubeni umsebenzi wanda.
Bekuvele kunzima ukugada umsebenzi kahulumeni ezweni lonke nasezifundazweni; ukwengeza ngomasipala abawu-257 nezinye izinhlaka zikahulumeni kuzokwandisa umsebenzi kakhulu kunakuqala. Angiyiboni iPSC iwenza kahle umsebenzi wayo ngaphandle kokunyusa imali eyabelwa yona. Ake sibone ukuthi iSabelomali esilandelayo sizokwenza yini loku.
Izodinga nokuthi uPhiko oluNgamele ukuShushisa eZweni lukwazi ukushushisa amacala uma kuphazanyiswa umsebenzi wePSC uma izobayikhomishini enamandla ngempela. Ngakho-ke yize umthetho obhalwe phansi unamandla, sisazodinga ukubona ukuthi uzokwenzeka yini umehluko endleleni okusetshenzwa ngayo komasipala.
Lo mthetho omusha ushaywe ngemva kweminye eminingi, okubalwa kuyona nokuchibiyela i-Public Service Amendment Act ngonyaka odlule, nokuphuce osopolitiki amandla okuqoka izisebenzi zikahulumeni ezingaphansi kwenhloko yomnyango, umsebenzi osuzokwenziwa ngabaqondinsi-jikelele noma izinhloko zeminyango.
Loko kuqeda ukugxambukela kwabantu bepolitiki ekuqokeni izisebenzi zikahulumeni ezingezona izikhulu futhi kunika amandla izinhloko zeminyango ukukwazi ukulawula abantu ezibaqashile. Abaqondisi-jikelele basazoqokwa wosopolitiki, ngakho sidinga ukuthi benze izinqumo eziphusile.
Yiyona ndlela intando yabantu okufaneke isebenze ngayo. Ngale kwalezi zikhulu, abanye abaphethe kuhulumeni abadedelwe benze umsebenzi wabo.
Omunye umthetho wesithathu omqoka yi-Public Administration Management Amendment (iPAMA) Act egxile endleleni abantu abaqashwe wuhulumeni abaziphatha ngayo. Uvimba ukuthi izisebenzi zikahulumeni zibenamabhizinisi athola umsebenzi kuhulumeni noma zibengabaqondisi bezinkampani ezenza loku.
Wenza nokuthi abantu abahlola futhi banqume ngamathenda bangakwazi ukusebenzisana nabantu abathole amathenda unyaka wonke uma besanda kushiya kuhulumeni. Wenza nokuthi kubesemthethweni ukusebenza kweNational School of Government ibewumnyango kahulumeni oqeqesha izisebenzi zikahulumeni.
Yomithathu le mithetho izoshintsha kakhulu indlela izisebenzi zikahulumeni ezisebenza ngayo. I-PSA izoqeda ukuqasha obhululu nangokwezinhlangano zepolitiki kuhulumeni, iPAMA iqeda ukuthi izisebenzi zikahulumeni zibangisane nosomabhizinisi abazama amathenda kuhulumeni kanti i-PSC Act izogada umsebenzi futhi abantu bathathelwe izinyathelo uma bengawenzi ngendlela.
Mihle yonke le mithetho futhi kufanele siwuncome umNyango wokuSebenza kukaHulumeni nokuPhatha, ikakhulu oke wawungqongqoshe uMnu uMondli Gungubele nowuphethe manje Inkosi uMzamo Buthelezi, okuyibona abasebenzele ukwethula le mithetho.

UGungubele owaqala umsebenzi emnyangweni
Nokho umsebenzi onzima yima uzoqala manje ngokuthi kusetshenziswe la mandla okwangempela. Loko ngeke kwenziwe wumnyango uwodwa, kudinga wonke umuntu kuhulumeni aqaphe ngeso lokhozi kanjalo nengalo yomthetho.
Yingakho singeke siphumelele kuze kufike isikhathi lapho wonke uhulumeni usebenza kahle. Nokho akufanele kusiqede amandla loko. Njengoba umthetho usushayiwe, kutshengisa ukuthi yinkulu indima esikhathuliwe. Asilona leli zwe esasiyilona ngesikhathi kuphela ukugwamanda amandla ombuso. Kwesinye isikhathi siyakhohlwa ukuthi sesikhathule indima engakanani uma sibheka ukuthi usemkhulu kangakanani umsebenzi osasihlalele.
Ubudlelwano bethu neMelika bunzima kusukela umengameli uMnu uDonald Trump aqala okwesibili. Loku kwenzeka yize ziningi izinto ezihlanganisa iNingizimu Afrika neMelika, okusanda kubonakala nangokugcwala phama kwenkundla obekudlala amaBhokobhoko ne-All Blacks eBaltimore, eMelika, kuyona.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/23/u-trump-uyaqhubeka-nokusabisa-amazwe-ngentela-yezimpahla/
Isimemezelo sikangqongqoshe wezangaPhandle eMelika uMnu uMarco Rubio ngesonto elidlule semithetho eqinile yokunika abantu baseNingizimu Afrika ama-visa uma izikhulu zethu zidinga ukuya eMelika ngenxa yakubize “ngokucwasa ngokobuhlanga” asisizi ngalutho. Akwazeki kahle ukuthi kuqondwe bani, ngakho kuzoqhubeka nokudunga ubudlelwano nezwe.
Ukuzimela kwethu siyizwe kubalulekile futhi kufanele sivikele ilungelo lethu lokushaya imigomo esisebenza ngayo futhi sivikele umnotho wethu ngokubanobudlelwano obuhle namazwe amqoka esihwebelana nawo nabatshala imali ezweni lethu.
Nginethemba lokuthi umengameli uMnu uCyril Ramaphosa nenxusa lethu eMelika uMnu uRoelf Meyer bazokwenza loku ngesinono. Akusona isikhathi sokubabudlabha.


