IBhange lomBuso lifuna izakhamuzi ziphawule ngemali yobuchwepheshe
WUBONISWA MOHALE
UMGCINIMAFA neBhange lomBuso bashicilele imithetho emisha ezoqinisekisa ukuthi abahweba nge-cryptocurrency emazweni ahlukene abenzi ubugebengu uma bekhokha ngayo.
I-cryptocurrency yimali yobuchwepheshe enophawu oluthile oluyihlukanisa kwezinye izinhlobo zemali. NgoMsombuluko umGcinimafa neBhange lomBuso bashicilele imithetho ezoqinisekisa ukuthi akukho ukushushumbisa imali uma abakhokha beyisebenzisa. Banxusa izinhlaka ezithintekayo ukuthi ziphawule kusukela manje kuze kubewumhlaka-30 wangoSepthemba.
Kuzokhumbuleka ukuthi iNingizimu Afrika iqinisa umthetho wokusebenza kwemali ngemva kokuthi iFinancial Action Task Force (iFATF) iyifake ohlwini lwamazwe anomthetho oxegayo ekuqinisekiseni ukuthi imali esebenza ezinhlakeni ezihlukene ayixhasi ubugebengu nobushokobezi. Uthe bayaqhubeka nokuxoxisana neFATF njengoba iNingizimu Afrika isiphumile kwi-grey list.
Kuloku iBhange lomBuso lifuna ukuthi izinhlaka ezithintekayo ziphawule ngemithetho ezoshaywa ukuqinisekisa ukuthi abenzeki ubugebengu kusebenza i-cryptocurrency.
Ngaphansi kwemithetho ehlongozwayo wukuthi kufanele kubenesikhungo esigunyazwe ukuhweba nge-cryptocurrency ngisho kuthiwa kuhwebelana umuntu okuleli zwe nophesheya.
Okunye okuhlongozwayo wukuthi ukuthenga nokudayisa i-cryptocurrency kwenzeke ngokusebenzisa irandi ukuze kungafihleli lutho. Okwamanje abayisebenzisayo bayakwazi ukusebenzisa izimali zaphesheya ezivumelekile lapho behweba khona. IBhange lomBuso liyaqhubeka nocwaningo lwalo ngale mali njengoba lifuna ukushaya imithetho ezovikela abantu nezwe uma kuza kwi-cryptocurrency.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/11/iningizimu-afrika-inemali-eyanele-yokusiza-ezimweni-eziphuthumayo-ukganyago/
Khonamanjalo, uLesetja Kganyago uthi ngeke banyakaze esikalini samandla emali esiwu-3% abazibekele sona. Usho kanje emhlanganweni waleli bhange wengo-106 obungoLwesihlanu.
“Kulo nyaka sineminyaka ewu-105 futhi sisesibalweni samabhange awu-20 amadala emhlabeni jikelele. Kuningi esesikwenzile kanti okusha wukuthi sehlise isikali semalimbolekosisuka phakathi kwango-3% no-6%, sasibeka ku-3%. Ngeke sisishintshe, nakuba amandla emali ebewu-5% ngoJuni,” kusho yena.
Uthe okukhuphule amandla emali kwenzeka ngaphandle bese kubanomphumela emnothweni wamazwe ahlukene, ngakho bazoqhubeka nokubheka isimo.
Ubalule ukuthi basebenze kanzima ukukhipha iNingizimu Afrika ohlwini lwamazwe abonakala sengathi awawuqinisi umthetho ekulweni nokushushumbisa imali esetshenziswa yizigebengu nexhasa ubushokobezi.

IBhange lomBuso liqinisa umthetho wemali yobuchwepheshe
Ukukhula kweBhange lomBuso kuhambisana nezinselelo njengoba uKganyago ethi ubuchwepheshe buletha uguquko nezinselelo ezintsha. Phakathi kwalezi zinselelo ubalule ubuchwepheshe obusamuntu nemali yobuchwepheshe.
“Sekucacile ukuthi ubuchwepheshe obusamuntu buzoshintsha indlela esisebenza ngayo kodwa futhi bunobungozi obuhambisana nabo. Isibonelo nje wukuthi buyasetshenziswa ukungena ngokungemthetho kuma-website nasezinhlelweni zezinkampani. Okuhle wukuthi behlisa izindleko zokusebenza kodwa budinga ukuthi sibuqaphe,” kusho uKganyago.
Uthe basebenza nezinhlaka ezihlukene ukuqinisekisa ukuthi imithetho elwa nobugebengu obuthinta imali isebenza kahle. Uphethe ngokuqinisekisa ngokuthi izwe linemali eyanele ukubhekana nezimo eziphuthumayo. Wenze isibonelo ngokuthi eminyakeni eyishumi edlule babeno$47 billion (okuwuR770bn), ngonyaka odlule bebeno$68bn (uR1,1 trillion) kanti manje le mali isiwu$74bn (uR1,2trn).

