UMnu uThendo Tshivhengwa, umsunguli weNutaria Nuts, eyenza amakinati ekhethelo yaseKyalami, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Ummeli umele iNingizimu Afrika kwamanye amazwe ngamakinati ekhethelo

WUTHOBILE ZWANE 

ABAMELI bavame ukubanebhizinisi eliyinkampani yabameli enamahhovisi kaNokusho anezihlalo ezizungezayo, amakhabethe agcwele imiqingo yezincwadi negumbi elinobhazabhaza wetafula.

Kodwa uMnu uThendo Tshivhengwa unolunye uhlobo lwebhizinisi. Unebhizinisi elenza amakinati ekhethelo eliwadayisa nakwamanye amazwe.

UTshivhengwa uwumsunguli weNutaria Nuts, yaseKyalami, eGauteng. Itholakala  eGauteng naseLimpopo. Isineminyaka engaphezu kweyishumi ikhula futhi izakhela igama ezimakethe.

Ngaphambi kokusungula iNutaria Nuts, uTshivhengwa wayewummeli eCliffe Dekker Hofmeyr. Uneziqu i-Bachelor of Laws zase-University of Western Cape ne-Master of Laws yase-University of Missouri.

Nakuba ayenethuba lokuqhubeka nomsebenzi wezomthetho, waqala ibhizinisi elingagcini ngokwenza inzuzo kuphela kodwa elisebenzisana namanye abantu abamnyama. I-Nutaria Nuts ithenga amakinati kubalimi abako-200 baseLimpopo naseMpumalanga. Isiqashe izisebenzi ezinhlanu kanti isekele imisebenzi engaphezu kwewu-300.

Idayisa umkhiqizo wayo eNetherlands, eGermany, eFrance naseLithuania futhi  ihwebelana neMalawi, iZimbabwe neKenya. 

UTshivhengwa ezibambele mathupha emphongolweni ogazinga amakinati

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/31/owazifundisa-usekhiqiza-i-peanut-butter-enezithako-zemvelo/

UTshivhengwa kunezinto ezimbalwa ezidingwa yizibhizinisi ukuze liphumelele. “Kufanele ubekezele ngoba impumelelo ayisheshi ukufika kodwa ukuzimisela, ukusebenza kanzima nokungapheli amandla kungasiza ibhizinisi likhule.”

Amakinati eNutaria Nuts eselungele ukuthengwa

Uthi osomabhizinisi bangakhohlwa ukuphatha kahle imali, bagcine amarekhodi ebhizinisi futhi bahlale befuna izindlela ezintsha zokwenza ibhizinisi ukuze likwazi ukuncintisana ezimakethe zasekhaya nezakwamanye amazwe.

UTshivhengwa uthi ufisa ukhulisa iNutaria Nuts ibengelinye lamabhizinisi avelele emhlabeni. Ufisa ingene ezimakethe ezintsha, ikakhulu e-Asia.

Facebook: Nutaria The Nuts People

Instagram: @Nutaria

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page