Ukunyuka kwemalimboleko kuzompintsha abantu
WUBONISWA MOHALE
ABANTU baseNingizimu Afrika bazoklinyeka becindezelwa yizindleko emva kokunyuka kwemalimboleko ngo-25 basis points izolo.
Umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthe amalungu amane ekomiti elithatha izinqumo ngamandla emali avotele ukuthi inyuke imalimboleko, kwathi amabili avotela ukuthi ihlale ku-6,75% ebikuwona ngaphambi kwesinqumo sayizolo.
UKganyago uthe isinqumo seBhange lomBuso sivikela abantu baseNingizimu Afrika ngoba impi eseMiddle East isaqhubeka, umzila ohamba uwoyela omningi ongahluziwe iStrait of Hormuz usavaliwe, okwenza amanani kadizili nakaphethroli abephezulu. Uthe kunengozi yokuthi amandla emali abewu-4,4% kulo nyaka, okuzosho ukuthi asesukile esikalini esiwu-3% seBhange lomBuso.
“Kungcono sithathe izinyathelo ezivikela abantu manje kunokuthi silinde. Sizobona ngokuzayo ukuthi isimo sizobesesinjani bese sinquma ngendlela efanele. Sikhathazekile nangokuthi kulindeleke ukuthi isimo sezulu siguquke kabi silethe isomiso nezikhukhula bese kuphazamiseka ezolimo,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: Impi eseMiddle East iholele ekutheni imalimboleko ime ku-6,75%
Usomnotho ozimele uMnu uJohn Loos uthe vele osomnotho abaningi bebelindele ukuthi iBhange lomBuso linyuse imalimboleko ngenxa yokunyuka kwamandla emali nezindleko ezikhuphukayo ngenxa yempi eseMiddle East.
“Abantu baseNingizimu Afrika bazompintsheka ngoba ukunyuka kukadizili nophethroli kunyusa amanani ezinye izimpahla. Njengoba sekunyuke nemalimboleko kusho ukuthi iyancipha kakhulu imali abasala nayo. Kuzonyuka nemali abayikhokha ezikweletini labo ababoleke imali nabakhokhela izimoto nezindlu abangazibekanga esikalini esithile,” kusho yena.
Uthe ukuba uhulumeni utshale imali kwingqalasizinda yezitimela, wenza isiqiniseko sokuthi isebenza ngendlela efanele ngabe izindleko azikhuphuki uma kukhupha amanani kadizili.
Ubalule ukuthi amaguzu athwala izimpahla ngezindleko eziphansi kunezamaloli futhi nezitimela zishibhile kunamatekisi, izimoto namabhasi asetshenziswa yizigidi zabantu.
Isikhulu esiphezulu seFNB uNkk uLytania Johnson sithe ukunyuka kwemalimboleko kusho ukuthi inzalo esizokhokhwa ngabantu ezikweletini zabo isizoba wu-10,50% kusukela namhlanje.
“Uwoyela ongahluziwe usunyuke ngaphezu kwango-55% ezinyangeni eziyisithupha ezidlule usuka ku$60 (uR972,50) ubiza ngaphezu kwango$100 umphongolo. Namandla emali anyukile. Impi eqhubeka eMiddle East akucaci ukuthi izophela nini, okwenza ukuthi amanani kawoyela ahlale ephezulu,” kusho yena.
Ucebise abantu ukuthi bangazenzi izikweletu okwamanje, okungcono bonge imali encane abasala nayo.
Isazi somnotho wezolimo e-Agricultural Business Chamber of South Africa uMnu uWandile Sihlobo sithe iBhange lomBuso kufanele likhathazeke ngesimo sezulu esibi esizoholela ekunyukeni kwamanani okudla kodwa okwamanje iNingizimu Afrika izoba nesivuno esihle.
“Ukudla okusanhlamvu kuzosanela nezimakethe zethu ngenxa yokuthi sithole izimvula ezinhle, ezizonyusa isivuno sethu kusibeke kumathani awu-21 million. Lapha sikhuluma ngesivuno sombila, i-soybeans nezinhlamvu zikabhekilanga. Amanani okudla angaze anyuke ngonyaka ozayo ngoba i-El Nino, isimo sezulu esibi sisilindele ngehlobo lango-2026/27. Isomiso sisilindele ngasekupheleni kwalo nyaka,” kusho yena.
Uthe inselelo ebhekene nabalimi ngenxa yempi eseMiddle East amanani kamanyolo akhuphukayo nakadizili njengoba ukudla nezinsiza zabalimi kuhamba ngamaloli.
I-Congress of South African Trade Union ithe idumele ngesinqumo seBhange lomBuso, yathi asibacabangeli abantu abathwele ijoka lokunyuka kwamanani ezimpahla, awokunyuka kukagesi nawemali yokugibela.
Inxuse iBhange lomBuso ukuthi lizwelane nezisebenzi nabantu abampofu abathwele kanzima kakhulu.

