Imakethe yasoThongathi izobasezingeni lesimanje
YINTATHELI KAMASIPALA
ABAHWEBI bemakethe iTongaat Early Morning Market, oThongathi, enyakatho yaseThekwini, bazosuswa kusasa ukuqala umsebenzi wokuyilungisa.
Ngesikhathi ilungiswa le makethe eku-61 Plane Street abahwebi bazosebenzela epaki eku-1 Edmund Morewood Street izinyanga ezintathu. Ngalesi sikhathi bazohweba ngoMgqibelo kuphela kusukela ngo-6 ekuseni kuya ngo-1 emini.
Umsebenzi wokulungisa imakethe uhlanganisa ukususa uphahla lukabhestazi, kufakwe uphahla olusha lwesimanje, ukulungisa ingqalasizinda yamanzi emvula, ukulungisa amapayipi, ukupenda nomunye umsebenzi ozokwenza le makethe iphephe, isebenze kangcono futhi namakhasimende aphatheke kahle.
FUNDA NALAPHA: Umasipala utshale uR55 million ukuphucula izimakethe
Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli uthe ukulungisa imakethe kuyingxenye yomsebenzi oqhubekayo kamasipala wokuqinisekisa ukuthi abahwebi basebenzela ezindaweni eziphephile, ezilandela umthetho futhi ezisesimweni esifanele ngaso sonke isikhathi.
“Ukulungisa iTongaat Early Morning Market kuzoyenza iphephe, ihlanzeke futhi kufinyeleleke kalula kuyona kubahwebi nabathengi. Ukuyiphucula kuzoyenza ibukeke kangcono futhi ithenjwe ngamakhasimende athenga kuyona,” kusho yena.
UNtuli uxolisile ngokuphazamiseka kwesikhashana okuzobakhona ngesikhathi kusalungiswa imakethe. Ucele abahwebi, amakhasimende nezakhamuzi zasoThongathi ukuthi babekezele futhi babambisane nomasipala ngalesi sikhathi.

