Washiya ubuntatheli osenza amakha neziqholo
WUTHOBILE ZWANE
UKUCHAZWA yindlela indawo noma ikhaya elinuka ngayo kuholele intokazi yaseMpumalanga ekusunguleni ibhizinisi elenza amakha asendlini nawabantu.
Ngemva kokunganeliseki ngephunga lamakha okunukisa ikhaya eyayiwathenge esitolo ngo-2024, uNksz uZilungile Mnisi, waseMatsulu, ngaseMbombela, wenza ucwaningo ngokuzenzela awakhe. Ngo-2024 wasungula i-Auramatic, eyenza amakha asendlini neziqholo zabantu.
Uthi uthando lokwenza ikhaya libeyindawo enhle lwaqala ngemva kokushona kukanina, esebheke ikhaya. “Ngemva kokushona kukamama, ngaqala ukuthanda ukwenza ikhaya libeyindawo enhle enuka kamnandi,” kusho yena.
Le nkampani yale ntokazi eyayintatheli neneminyaka ewu-32 yenza ama-reed diffuser, ama-linen spray, amakhandlela anephunga neziqholo zabantu. “Senzele nezindawo zezivakashi namanye amabhizinisi amakha anephunga elihambisana nendlela abafuna umkhiqizo wabo waziwe ngayo. Amanani aqala kuR160 kuya kuR360.
“Senza nemikhiqizo yezipho eyenziwe ngokufisa kwemakhasimende noma imicimbi ekhethekile,” kusho yena.

Imikhiqizo yokunukisa kamnandi ye-Auramatic
FUNDA NALAPHA: Ukhuliswe ngamabhizinisi okudla osewusozigidi nosenoxhaxha lwezitolo zamakha. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
Uthe wazifundisa, ecwaninga futhi ezama izinhlobo ezihlukene zemikhiqizo kwaze kwasezingeni ayelifuna.
Nokho uthe ekuqaleni wabhekana nezinselelo eziningi, okubalwa kuzona ukuthola abadayisi abathembekile nokwenza izinto zokupakisha kahle umkhiqizo.
UNksz uMnisi uthi: “Ukupakisha namalebula kungabonakala kuyinto encane kwabanye abantu kodwa kimina kubalulekile ngoba kuyingxenye yobuwena. Ngacishe ngayeka ngesikhathi ngingakutholi engangikufuna.”

Amakhandlela anuka kamnandi e-Auramatic
UNksz uMnisi uthe leli bhizinisi limshintshe kakhulu. “Bengizibona ngiwumuntu ozithulelayo kodwa ibhizinisi lingifundise ukuzithemba, ukukhuluma ngesibindi nokubeka imibono yami.”

Amakha abantu besilisa enziwa yi-Auramatic
Uthe enye yezinto ezimjabulise wukuhlela umcimbi i-Scent and Serenity ngokubambisana neBL Beauty Spa. “Lo mcimbi wawuhlanganisa amakha, ukuphila kahle nomphakathi. Wangikhombisa ukuthi abantu bayawuthemba umkhiqizo wethu,” kusho yena.
Ululeka abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi bangalindi isikhathi esihle ukuqala. “Uma unesifiso enhliziyweni, qala nje, uzofunda ngendlela. Amathuba kwesinye isikhathi avela lapho ungawacabangi khona,” kusho yena.
UNksz uMnisi ufisa ukubona i-Auramatic ikhula, ibenendawo yokudayisa nezisebenzi eziningi. Ufisa ukusungula uhlelo lokucija nokuseka abantu besifazane bemindeni ehlwempu, ikakhulu imindeni ephethwe yizingane.
Facebook: Auramatic
Instagram: @auramatic_scents

