I-Boxer ingenise izigidigidi ngokuqala ukuhweba eJSE
WUBONISWA MOHALE
ISITOLO segrosa esidayisa ngamanani angabizi iBoxer siyaqhubeka nokukhula njengoba singenise uR46.7 billion ngonyaka waso wokuqala sihweba eJohannesburg Stock Exchange (eJSE).
Isikhulu esiphezulu seBoxer uMnu uMarek Masojada sithe yize kunezinselelo emnothweni kodwa bayaqhubeka nokudlondlobala.
Inzuzo yabo yokuhweba ibe wuR2.6bn, okusho ukuthi ikhule ngo-17.3%, bavule izitolo ezintsha ezinhlanu, okusho ukuthi seziwu-576 ezweni jikelele. Badale namathuba omsebenzi awu-3 400, okwenze ukuthi isibalo sezisebenzi sibe wu-35 314. Imali abanayo ewukheshi iwuR708 million kanti izikweletu zabo ziwuR180m.
FUNDA NALAPHA: Uhwebo lweBoxer lukhule ngo-12,1%
UMasojada uthe ngaphandle kwezitolo ezidayisa izimpahla ezibiza kahle bathule inkundla iB-Inside eyenzelwe abafuna ukudayisela iBoxer izimpahla. Le nkundla ibanika lonke ulwazi abaludingayo ngezidingo zamakhasimende alesi sitolo.
Kukhona nenkundla yezindaba iB-Media, uMasojada athe isiza ukukhangisa imikhiqizo ngendlela ehlelekile ezinkundleni ezihlukene zeBoxer. I-B-Media uthi isiza ukuxhumanisa abadayisela iBoxer namakhasimende ngqo futhi izongenisa enye imali eyengeziwe kule nkampani.
“Sizoqhubeka nokwenza izinto ngezindlela ezintsha ezizokwenza umsebenzi usheshe, ziphucule ukusebenzisa kwethu nabasidayisela izimpahla futhi amakhasimende ethu aphatheke kahle. Loku kuzoqinisekisa ukuthi siyakwazi ukumelana nezimo eziguqukayo embonini esikuyona futhi silethe namanani aphansi kubantu,” kusho yena.
Nakuba ukunyuka kwamanani kawoyela nodizili kwenza ezinye izinkampani zingabinesiqiniseko sokuthi izinto zizohamba kanjani ngonyaka wezimali wango-2027 kodwa iBoxer iyazithemba, uMasojada wathi izoqhubeka nokuletha izimpahla ezingabizi kumakhasimende ayo.
Indlela iBoxer eqhuba kahle ngayo, abanikazi bayo iPick n Pay badayise amanye amasheya abo kuyona ngoR4.7bn.
Le mali izosiza iPick n Pay ukuhlela kabusha umsebenzi wayo njengoba isidayise ezinye izitolo ngenxa yokushoda ngemali. Ukudayisa amasheya ayo eBoxer kusho ukuthi isisele nawu-54%, esuka kwawu-65% ebinawo.

