Umbiko okhishwe yiStatistics South Africa eGauteng izolo ukhombisa ukuthi umkhiqizo wezimayini unyuke kancane ngekota yokuqala yalo nyaka. Isithombe: Sithunyelwe

Umkhiqizo wezimayini unyuke ngo-0.6% ngekota yokuqala – iStats SA

YINTATHELI YOMBELE 

UMBIKO omusha weStatistics South Africa ukhombisa ukuthi umkhiqizo wezimayini unyuke ngo-0.6% ngekota yokuqala yalo nyaka.

Ukhuphuke ngo-2.5% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, okumbiwayo okuhambe kahle yimikhiqizo yokune-platinum, phecelezi i-platinum group metals (amaPGM) angenise u-10.5% ezibalweni noma u-2.6 percentage points, igolide elingenise u-17.1% noma u-1.6 percentage points ne-manganese ore engenise u-14.4% noma u-1.1 percentage points.

Amalahle awenzanga kahle njengoba ukuwakhiqiza kwehle ngo-9.6% noma u-2.5 percentage points.

Izibalo ezibuyekeziwe zokukhiqiza ezimayini zikhombisa ukuthi kwehle ngo-5.1% ngoMashi uma ziqhathaniswa nezangoFebhuwari.

Izibalo zokukhiqiza ezimayini eziqhathanisa inyanga nenyanga zisuke ku-3.0% ngoFebhuwari, zaya ku-3.5% ngoJanuwari.

FUNDA NALAPHA: Ukukhiqiza kuhambe kancane ngekota yesine yonyaka

Ukudayisa imikhiqizo yezimayini kunyuke ngo-30.2% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoMashi, ngenxa yamaPGM adayise kakhulu ngo-113,5%, ukudayisa kwegolide kunyuke ngo-51.7% nokwe-chromium ore ngo-38.6%.

Ukudayisa kwe-iron ore kwehle ngo-18.7%. Izibalo zokudayisa kwemikhiqizo yezimayini kwehle ngo-8.6% ngoMashi uma ziqhathaniswa nezangoFebhuwari. Uma kubhekwa inyanga nenyanga kwehle ngo-9.0% ngoFebhuwari nango-8.4% ngoJanuwari.

Uma kubhekwa izibalo zokudayisa kwemikhiqizo yasezimayini kwenkathi yonyaka kunyuke ngo-6.6% ngekota yokuqala yalo nyaka uma kuqhathaniswa nekota yesine yonyaka odlule.

Ingqapheli yezindaba zezimayini uMnu uPeter Major ekhuluma ezindabeni zeSABC, uthe ukukhiqiza kwezimayini kwehlile ngenxa yokuthi ingqalasizinda yezwe ayikwazi ukuseka le mboni.

U-Major ubalule ukuthi amanye amazwe ase-Afrika akhiqiza okumbiwayo kakhulu, ngakho uhulumeni waseNingizimu Afrika kufanele usukume, ulungise ingqalasizinda nemithetho ukuze kuseke le mboni ekhulisa umnotho futhi idale inqwaba yamathuba omsebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page