Kulindeleke ukuthi okumbiwayo nokukhiqizwayo kuthwale umnotho ngekota yesine. Isithombe: Sithunyelwe

Ukukhiqiza kuhambe kancane ngekota yesine yonyaka

YINTATHELI YOMBELE 

NGOKWEZIBALO zomnotho akukuningi okwenzeka kuleli sonto, njengoba izibalo ezibhekwe kakhulu kungezezinto ezimbiwayo nezomkhiqizo zangoDisemba ngekota yesine yesikali somkhiqizo ezweni.

Ukukhiqiza kuphazamisekile ngezinyanga ezimbili zokuqala zekota kanti izinto azihambanga kahle ngoDisemba, njengoba kwehle i-Absa purchasing managers index (i-PMI), inkomba yesimo somnotho sokudingeka nokudayisa kwezinto ezidayiswayo. Izimayini bezihamba kahle kodwa zehla ngoNovemba, cishe ngenxa yezimvula ezinamandla, ezine kwazekwawuDisemba. 

Umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa uzothula iNkulumo eBhekiswe esiZweni ngoLwesine. Njengoba izwe libheke okhethweni, le nkulumo kulindeleke ukuthi ithinte indaba yoguquko nokungaxhamazela kwipolitiki, okusho amathuba amancane okumemezela ushintsho olukhulu. 

I-Absa PMI yenze kangcono ngoJanuwari yanyuka ngo-8.2 percentage points yaya ku-48.7. Loku kunyuka kukhomba ubungcono obukhulu kwisikali sangoDisemba. Nakuba i-PMI ike ibambise umoya kodwa kuyathusa loku kunyuka. Inkomba yokusebenza kwamabhizinisi inyuke yabangaphezu kwango-50, kwabawu-51.4, kunyuka ngo-14.7 percentage points ezinyangeni ezimbili.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/09/uhwebo-luhambe-kahle-ngodisemba-umnotho-uzosimama-kulo-nyaka-izinqapheli/ 

Isimo siphucukile ngama-oda ezimpahla ezintsha, ngenxa yesidingo sezimpahla sasekhaya, kwehla ukudayisa izimpahla phesheya.

I-S&P Global SA PMI ibewu-50.0 percentage points, kukhomba isimo esingashintshanga kakhulu uma kuqhathaniswa nangoDisemba. Nokho inkomba yanyuka ngo-47.7 ngoDisemba, kukhombisa ukuthi izinto ziyekile ukwehla njengoba kwakwenzeka ngekota yesine. Amandla okunyuka kwemali  aqhubekile ukwehla kancane, kuthenjwa ukuthi ukunyuka kwemiholo kuzokwenza izinto zibengcono. 

Imbangela yaloko kubewukwehla kwamanani okukhulu ezinyangeni ezintathu. Njenge-Absa PMI, ithemba lamabhizinisi lithe ukwehla kancane uma kuqhathaniswa nangoDisemba kodwa limi kahle lilonke. 

Ukudayisa izimoto ezintsha kuqhubekile nokunyuka ngoJanuwari, kwafinyelela ezimotweni eziwu-50 073, okuwukunyuka ngezimoto eziwu-3 479 noma ngo-7.5% uma kuqhathaniswa nangoJanuwari wonyaka odlule. Izimoto ezidayiswe phesheya zibewu-24 568, izinto azangashintsha kakhulu kunangesikhathi esifanayo ngonyaka ozayo, okwakuwu-24 432 wezimoto ezadayiswa yiNingizimu Afrika phesheya. 

I-Naamsa ixwayisa ukuthi ukunyuka kwentela ezimpahleni iNingizimu Afrika ezidayisa phesheya kuzoqhubeka nokunqinda le mboni, nakuba ukunyuka kwamanani nesimo senqubo yokushaya umthetho siqhubeka nokuhamba kahle. Uma zibhekwa ngemikhakha yazo, kudayiswe izimoto ezintsha eziwu-85.4%, u-10.9% embonini eqashisayo no-2.1% ezinkampanini ezizimele kwathi ezisalayo zadayiselwa uhulumeni.

Ezimotweni ezigitshelwa ngabantu zibeningi ezithengiwe zabawu-37 190. Nokho ukuthenga izimoto eziphakathi nendawo nezinkulu kwehlile ngoJanuwari wango-2025, okubangwe wukutshala kwingqalasizinda, ezokuthutha, ugesi nethemba ngokutshala emnothweni.Okugcina, uma kuqhaniswa inyanga nenyanga umthamo kagesi okhiqiziwe wehle ngo-1.4% ngoDisemba, kulandela u-0.7% ngo-Okthoba no-0.3% ngoNovemba. Le mboni izobaneqhaza elikhulu emnothweni ngekota yesine. Ukuphehla ugesi kwehle ngo-7.9% ngalo nyaka. Lolu lwazi lucashunwe kwiBureau for Economic Research

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page