Impi eseMiddle East Isiqala ukuzwela kubakhiqizi nabathutha uwoyela kanti uhulumeni kufanele uphuthume ukuvikela amabhizinisi nomnotho, kusho umbhali wengosi. Isithombe: yiPexels

Okufanele sikwenze ukubhekana nothuthuva oseluqubukile emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso 

IMPI eseMiddle East kungenzeka ilimaze umnotho emhlabeni kakhulu kuye nokuthi izoqhubeka isikhathi esingakanani. Amabhizinisi aseNingizimu Afrika asevele asebenzela ukunqanda umonakalo futhi sidinga osopolitiki ukuthi babambisane nathi.

Wonke umuntu ukhathazekile ngomphumela okuzoba nawo emananini kaphethroli, kusukela kumabhizinisi amancane kuya ezinkampanini ezinkulu. 

Imboni yezimayini izothinteka kakhulu njengoba izindleko zizokhuphuka ezintweni zokuthutha ezihamba ngodizili emgwaqweni nasezitimeleni nezindleko zokusebenza ezimayini. 

Abathengi bazothinteka ngqo, okuzophazamisa indlela abathenga ngayo nethemba labo. Ngikhathazekile ngesonto elidlule ukubona izindaba ezithi iGlencore, ephethe enye yezinkampani ezinkulu ze-ferrochrome eNingizimu Afrika ngokubambisana neMerafe, ingase iyeke izingxoxo nohulumeni zokuhlenga amafemu ayo okuncibilikisa. Iwu-1 500 imisebenzi engase ilahleke uma iGlencore iqhubeka nokuyeka izingxoxo. 

Ukunyuka ngokuphindwe kashumi kwamanani kagesi kusukela ngo-2008 sekuvele kuvale amabhizinisi ezincibilikisi eziningi kanti amafemu amakhulu asesengozini. Enye, iSamancor Chrome, isivele iyaqhubeka nokudiliza okuthinta imisebenzi ewu-2 400. Izincibilikisi zineqhaza elibalulekile ezimbonini. INingizimu Afrika isivele ilahlekelwe wuhhafu womkhiqizo we-ferrochrome eminyakeni ewu-20 edlule ngenxa yokunyuka kwamanani kagesi kanti umkhiqizo we-ore odayiswa kwamanye amazwe unyukile, kwanciphisa ukuguqulwa kwawo ezweni. 

Lokho kudinga ukubhekwa ngeso lokuthi isimo somnotho emhlabeni siyantenga ngenxa yokwanda kwezingozi ezibukeka zizophazamisa ukukhula komnotho kanti nezindleko zikagesi zinyuka. Izingozi ezimbonini zethu ezivele zibhekene nenqwaba yezingozi ziyanda. Inkinga yeGlencore yokungakwazi ukuqhubeka nokulahlekelwa yimali ngenxa yezindleko eziphezulu ibhekene namabhizinisi amaningi ezweni lethu.  

Amanani kadizili anyusa izindleko njengoba i-Eskom namabhizinisi bethembele kwingqalasizinda esebenza ngawo ukuphehla ugesi. Amabhizinisi abavele edonsa kanzima azoshayeka kakhulu ngenxa yokwenzekayo. Akuthina imbangela yempi kodwa kufanele sibhekane nayo. Kufanele sizimisele ukubeka umnotho eqhulwini, siwuvikele ngayo yonke indlela esingakwazi ngayo.  

Amanani kaphethroli yiyona ngozi ecacile futhi uhulumeni kufanele ucabange izindlela ongazisebenzisa, okufaka nezindlela zokuhlukanisa intela ebanjwa kuwoyela okwenziwa ngesikhathi kuqala impi yase-Ukraine ukuvikela umnotho. 

INingizimu Afrika ithenga uwoyela wayo omningi kwamanye amazwe futhi iwukhokhela ngamadola, ngakho uthuthuva emhlabeni lubhebhezelwa wubuthaka berandi futhi kusheshe kuzwele emananini ezimpahla. 

Amanani kaphethroli asheshe azwele kwawokudla ngenxa yezokuthutha nangenxa yezinto ezisetshenziswa kumanyolo, okushaya kakhulu amaphakethe amakhaya. Intela kaphethroli emenyezelwe ngoFebhuwari ingalinda. Ngeshwa uwoyela esihlale sicuphe ngawo awanele ukuthi ungaba yisixazululo, esinawo mncane, cishe unganela amasonto amabili kuya kwamathathu uma kuqhathaniswa nowezinyanga ezintathu, okuyisona sikali esisetshenziswayo emhlabeni. 

Ukuncipha kwezinkampani ezihluza uwoyela kunciphisa ezingakwazi ukukwenza. Akukaze kuphinde kulunge kusukela esinqumweni esenziwa wumengameli uJacob Zuma sokudayisa imiphongolo ewu-10 million kawoyela esasigade ingozi ngawo, okwavela ngokuhamba kwesikhathi ukuthi kwakungekho emthethweni. 

Intela yiyona ndlela okulula ukuyisebenzisa kodwa nayo ingaba eyesikhashana ukuze ingalimazi isimo sethu sezimali. Ngokuhamba kwesikhathi kufanele sandise izindlela esithenga uwoyela ngazo, siphathe kahle isitoko sethu nezinkampani ezihluza uwoyela. 

Nokho ukusabisa abantu kukodwa ngeke kusikhiphe kule nkinga. Kufanele sisebenzise namathuba aqhamukayo. Umthamo oya eCape Sea uzonyuka kakhulu njengoba imikhumbi igwema uLwande oluboMvu neStrait of Hormuz

FUNDA NALAPHA: Kungani impi yaseMiddle East isithinta kangaka

Ngonyaka odlule kuphucukile ukusebenza kwamachweba ethu, isikhathi sokupaka nokuthulula izimpahla kwemikhumbi kwehlile echwebeni laseThekwini kusuka ezinsukwini eziwu-21 kuya kwezimbili. Leyo nqubekelaphambili kufanele isheshiswe manje. Wonke umkhumbi osebenza kahle usho ukungena kwemali nemisebenzi esikudinga kakhulu. 

Ngale kwemikhumbi, sinethuba lokukhombisa ukuthi sithembekile futhi simeme, kungasetshenziswa thina kunamazwe angathembekile. I-Dubai neQatar bayizizinda zemali namabhizinisi kodwa manje izisebenzi eziqhamuka kwamanye amazwe nemindeni yabo, bayathutha futhi amafemu ayapatanisa ukuthutha izisebenzi. Isikhathi sethu siyahambisana nesabo. Sinengqalasizinda. I-Cape Town neGoli kufanele banyakaze ukuheha ithalente elinganakiwe. Imboni yezingqungquthela nemicimbi emhlabeni isesimweni esifanayo, idinga izindawo okungaphazamisekile ukuhamba kwamabhanoyi kuzo futhi okungakhathazekiwe ngokuphepha kwabantu kuzona. Singaba yileyo ndawo kodwa uma sizokwenza izinqumo ngendlela ebonakalayo. 

Esifanayo kwezokuvakasha. Izivakashi ebezicabanga iMiddle East sezibheka kwenye indawo. Imboni yethu kufanele ilungele ukumukela labo bantu. Ngeke la mathuba alinde thina, ezinye izindawo sezivele zicuphile. 

Indlela esibonisayo ngayo namanye amazwe kufanele iqhamuke nezisombululo, njengokuthola abanye abantu abangasidayisela uwoyela namakhemikhali ezimboni abakhiqizi bethu abathembele kuwona. 

I-Foskor idinga i-sulphur ne-ammonia. Imboni yethu yeplastiki idinga i-polyethylene. Ukushoda kwezinto kunyusa amanani ezimpahla embonini yonke. Asikwazi ukulinda ukuthi izinto zisimame emhlabeni.  

Lobu buhlungu besikhashana buyazwela ngempela kanti amabhizinisi ayabuzwa. Nokho le nkinga izodlula. Okubalulekile wukuthi siyisebenzise ukufunda ukuqinisa ukuzivikela noma sivele sibekezele. Uhulumeni kufanele usheshe unyakaze ngokuphungula umthwalo wentela kaphethroli. Amabhizinisi kufanele asheshise ukuqhamuka necebo lokuthola ezinye izindawo angathenga kuzona.

 Ngokubambisana, kufanele sisebenzise amathuba lesi sikhathi asilethela wona. Uma izimakethe zomhlaba zisimama, kufanele iNingizimu Afrika iqhamuke ibonakale, kungabiwukuthi isibuthaka ngenxa yalesi simo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page