URamaphosa uthembisa into engekho ngesibonelelo sabangasebenzi – ingqapheli
WUBONISWA MOHALE
IZINGQAPHELI zomnotho zishaya amakhala ngesimemezelo sikamengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa sokuthi isibonelelo sabantu abangasebenzi uR370 sizobayisibonelelo sabantu abafuna umsebenzi.
Lesi sibonelelo sabantu abangasebenzi, phecelezi i-social relief of distress grant, uhulumeni wasisungula ngesikhathi kubheduke i-COVID-19. Ngaleso sikhathi sasiwuR350 kanti sesiwuR370.
URamaphosa uthe lesi sibonelelo sesizoba ngesabantu abafuna umsebenzi futhi sizosiza ukubahlanganisa namathuba omsebenzi, awamakhono nawokungena ezimbonini ezihlukene. Ubekhuluma esithangamini ebesingoLwesine eGauteng.
Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule uthe uRamaphosa kudala ayethi kuzobanesibonelelo sabantu abafuna umsebenzi njengoba esefuna ukushintsha lesi sibonelelo.
“Kuyacaca ukuthi uhulumeni uhlulekile ukuzanezinhlelo ezizolekelela abantu abafuna umsebenzi. Ngeke kusize ukuthi isibonelelo sabantu abafuna umsebenzi sibewuR370 ngoba mncane kakhulu. Akucaci nokuthi uhulumeni uzobahlanganisa kanjani abantu namathuba omsebenzi kulezi zinhlelo akade ekhuluma ngazo uRamaphosa,” kusho yena.
UGqubule uthi kufanele kucace ukuthi abantu bazowathola kuphi amathuba omsebenzi ngoba ngonyaka odlule kuvele amathuba omsebenzi amasha awu-21 000 kuphela emnothweni waseNingizimu Afrika, yize kunabantu abangaphezu kwango-12 million abangasebenzi.
FUNDA NALAPHA: Siluliwe isikhathi sokuvuselela amakhadi ezibonelelo zikahulumeni
“Thina sifuna abantu bathole isibonelelo esizobasiza ukuphila i-universal basic income grant okungenani ewuR855 ngenyanga. Ngaleyo ndlela abantu bazokwazi ukuzithengela ukudla okunomsoco ngenyanga nezinye izidingo. Phela abantu abangaphezu kwango-40.8% baseNingizimu Afrika baphila ngemali encane kwefanele ukusiza abantu abaswele. Isiphakamiso sikaRamaphosa asisho lutho nje,” kusho uGqubule.
Imenenja yenhlangano elwela ubulungisa emphakathini iBlack Sash uNks u-Evashnee Naidu ithe abahambisani neze nokushiwo wuRamaphosa futhi kuyabamangaza ngoba uhulumeni kade wawuthembisa ukusungula isibonelelo esizosiza abantu abafesayo.
“Esikufunayo yi-universal basic income grant kodwa-ke siyazi ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika awukhuli kahle, ngakho sifisa uhulumeni unyuse i-SRD ibewuR855 ngenyanga. Ngaleyo ndlela abantu bazokwazi ukuzithengela ukudla okuzobalonda inyanga yonke.
“Okunye uhulumeni uyazi ukuthi izibonelelo aziyona imali oyilahlayo ngoba zikhulisa umnotho. Abaziholayo bathenga ukudla, izimonyo, ugesi nezinye izidingo ezikhulisa umnotho,” kusho yena.
Naye ukhale ngokuthi okuhlongozwa wuRamaphosa akucacisi ukuthi abantu bazowathola kanjani amathuba omnotho njengoba izigidi zijika nelanga.
I-Pietermaritzburg Economic Justice and Dignity (iPMBEJD) ifuna uhulumeni wenze izibonelelo ezizosiza abantu ukuthi bazakhele amathuba omsebenzi noma kubelula ukuthola imisebenzi.
Le nhlangano isike yakwenza loku njengoba ibixhasa abantu abasha abawu-100 ngoR2 000 iminyaka emibili. Ekupheleni kwalolu hlelo leyo ntsha yakwazi ukusungula izinkampani zolimo, ezikhiqiza izimpahla ezihlukene, enye yathola imisebenzi yangempela.
I-PMBEJD ithi kufanele izibonelelo zikhiphe abantu ekuhluphekeni zingabincane njengoR370 wabantu abangasebenzi.

