Akuhambanga kahle ngokumbiwayo ngoNovemba njengoba kwehlile ukumbiwa kwamagugu. Isithombe: Sithunyelwe

Umkhiqizo wezimayini wehle ngo-2,7% ekupheleni konyaka

YINTATHELI YOMBELE 

IZIBALO zeStatistics South Africa (iStats SA) ezibheka ukukhiqiza nokudayisa kokumbiwa ezimayini ngoNovemba wonyaka odlule ziveza ukuthi kwehle ngo-2,7% unyaka nonyaka. 

Lapha iStats SA ibheka ukukhiqiza nokudayisa kwamalahle, i-iron ore, okumbiwayo okuseqoqweni elilodwa ne-platinum negolide.

Ukumba amalahle kwehle ngo-7,9%, okwe-iron ore kwehla ngo-7,6%, okwe-platinum metals group (i-PMG) kwehla ngo-2,8%, kwathi okwegolide kwehla ngo-6,0%.  Okwe-manganese ore kwehle kakhulu njengoba kwehle ngo-17,0%. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/10/usimeme-umnotho-wezwe-ngekota-yesibli-istatistics-sa/

Ukukhiqiza kwezimayini okubuyekezwa njalo emva kwezinyanga ezintathu kwehle ngo-5,9% ngoNovemba uma kuqhathaniswa nango-Okthoba wangonyaka odlule. Loku kusho ukuthi kunyuke ngo-1,6% kuphela ezinyangeni ezintathu eziphele ngoNovemba wangonyaka odlule.

Ukudayisa umkhiqizo ombiwa ezimayini kwehle ngo-0,3% unyaka nonyaka ngoNovemba wonyaka odlule. 

Ukudayisa igolide kwehle ngo-27,9% kwafaka u-6,0 percentage points, okwamalahle kwehle ngo-15,0% kwafaka u-3,8 percentage points, kwathi okwe-iron ore kwehla ngo-16,6% kwafaka u-1,7 percentage points ezibalweni zangoNovemba.

Izibalo zokudayisa kwe-PMG zinyuke ngo-42,3%. Izibalo zamanani okudayisa imikhiqizo yasezimayini zinyuke ngo-7,7% ezinyangeni ezintathu eziphele ngoNovemba wonyaka odlule. 

 Ngokwenhlangano engamele okumbiwayo eNingizimu Africa, iMinerals Council of South Africa, izindleko zikagesi zibenomphumela ongemuhe ekusebenzeni kwezimayini njengoba zinyuke ngo-15,9%, kwathi ezamanzi zanyuka ngo-11,6%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page