Abakhiqizi bokudla neziphuzo ngabanye abakhulise izibalo zokukhiqiza eNingizimu Afrika – izibalo
YINTATHELI YOMBELE
IMBONI yokukhiqiza eNingizimu Afrika ikhule ngo-0,2% ngo-Okthoba walo nyaka uma kuqhathaniswa no-Okthoba wonyaka odlule.
Ngokwezibalo zeStatistics South Africa (iStats SA) eziphume ngesonto elidlule, izimboni zokukhiqiza eziyisishiyagalombili kweziyishumi zikhombise ukukhula ngekota yesithathu.
Ngokusho komqondisi weziBalo zeziMboni eStats SA uMnu uNicolai Claasen, imboni yokudla neziphuzo neyemishini kagesi zinyuke kakhulu.
“Imboni yokudla neziphuzo inyuke ngo-1,9%, kwathi eyemishini kagesi yanyuka ngo-6,9%. Imboni yeplastiki, eyengilazi, eyemikhiqizo engeyona insimbi yehle ngo-5,8%. Imboni yezingodo, iphepha nokushicilela yehle ngo-6,9%. Uma sibheka izibalo zenyanga nenyanga imboni yokukhiqiza bekufanele ikhule ngo-1% ngo-Okthoba. Ngo-Septhemba ibimi ku-0,3%, kanti ngo-Agasti ibiwu-0,4%,” kusho yena.
Ezinye izimboni zokukhiqiza ezikhulile ngeye-petroleum, eyamakhemikhali, eyenjoloba, eyefenisha nezinye ezikhule ngo-9,9%.
Kolunye uhlangothi izibalo zokuthenga ezitolo zinyuke ngo-2,9% ngo-Okthoba, zisuka ku-3,0% ngoSepthemba.
Inhloko yeMacroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe izibalo zikhombisa ukuthi abathengi banayo imali yokuthenga ngoba amandla emali aphansi.
Uthi nokwehla kwemalimboleko kuyasiza ukunika abantu imali yokwenza ezinye izidingo kanti balindele ukuthi nangonyaka ozayo yehle.
Khonamangalo, isikali esibheka ukuthi abantu bagqugquzelekile yini ukuthenga, phecelezi i-consumer confidence, sikhombisa ukuthi sesimi kumaphuzu ayisishiyagalolunye, sisuka kwawu-13 ngekota yesithathu yalo nyaka.
Loku kusho ukuthi abantu baloku beqhubekile nokuthenga izimpahla ngekota yokugcina yonyaka.
Usomnotho omkhulu waseFNB uNkk uMamello Matikinca-Ngwenya uthe izibalo ezintsha zisho ukuthi abantu bazoqhubeka nokuthenga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
“Silindele ukuthi zibalo zalo nyaka zidlule ezamaholidi onyaka odlule. Ucwaningo luthole ukuthi izibalo zokuthenga izimpahla ezitolo zizoloku zikhula unyaka nonyaka. Ukwehla kwemalimboleko nokuvuleka kwamathuba emisebenzi yikona okwenza abantu babenemali yokuthenga. Ukusimama kwerandi nako kubenomphumela omuhle ekunyuseni izibalo zokuthenga,” kusho yena.
UNkk uMatikinca-Ngwenya uphethe ngokuthi ukwehla kwelitha likaphethroli ngo-47c phakathi kwango-Agasti noNovemba nako kusizile ukwandisa imali yabantu.

