Umasipala uzobambisana nezinhlaka ezihlukene ukubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu
YINTATHELI KAMASIPALA
EMIZAMWENI yokuqinisekisa ukuthi ukuguquguquka kwesimo sezulu akudali umonakalo wezigidigidi, uMasipala waseThekwini uzosebenzisana nezinhlaka ezihlukene ukuza nezisombululo.
Esithangamini ebesise-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, KwaZulu-Natali, ngoLwesithathu umasipala uthule uhlaka olunamabhizinisi, izifundiswa, amakhosi, umphakathi nezinye izinhlaka ezithintekayo elizozanezisombululo zokuvikela ingqalasizinda, impilo yabantu nomnotho waseThekwini.
Bekukhona nabamele umNyango wokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natali abathule izinhlelo zabo zokusimamisa umnotho yize kunokuguquguquka kwesimo sezulu.
Imeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba ithe njengoba lo masipala ushayeka kakhulu ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu, babone kufanele ukuthi basungule uhlaka oluzovika ukuguquguquka kwesimo sezulu.
“Ngo-Ephreli wango-2022 izikhukhula eziza nokuguquka kwesimo sezulu zabulala abantu abawu-450, zenza nomonakalo wezigidigidi. Isayensi ikhombisa ukuthi ngonyaka wango-2050 kuya ku-2070 izikhukhula zizokwanda kakhulu. Yingako siqala manje ukulungiselela ingomuso,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/13/izikhukhula-zishiye-umonakalo-ongur1-3-billion-ekzn/
Uthe ukuguquguquka kwesimo sezulu kuphoqa ukuthi zonke izinhlaka zisebenzisane ukwakha ingqalasizinda emelana nako nomnotho ozoqhubeka nokusimama noma izulu liguqukaguquka.
Umqondisi we-Climate Change Monitoring and Evaluation: Impact and Adaptation emNyangweni wamaHlathi, ukuDoba neMvelo uMnu uMikateko Sithole uthe uhlaka olubunjwe wumasipala oluhlanganisa zonke izinhlaka lubalulekile ukuvika imiphumela emibi yokuguquguquka kwesimo sezulu.
Uthe lo masipala uhamba phambili ekusunguleni izinhlelo ezibheka ukuguquguquka kwesimo sezulu owazenza ngo-2015. Kulindeleke ukuthi lolu hlaka luhlangane kabili ngonyaka.

