Ukuphela kwenkontileka yomqondisi woPhiko lokuShushisa umPhakathi ezweni u-Adv uShamila Batohi kudinga ukuvalwa ngomuntu ongenzeleli muntu, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Umqondisi wokuShushisa omusha kufanele alethe ithemba emphakathini nasemabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

KUNESINQUMO esibalulekile esizothinta imboni yamabhizinisi eminyakeni eyishumi ezayo. Umengameli uqoke ikomiti okufanele likhethe umqondisi woPhiko lokuShushisa umPhakathi omusha. 

Bayisithupha abantu abadlulele esigabeni esilandelayo sokukhetha ozovala lesi sikhala. Ophethe lesi sikhundla okwamanje u-Adv uShamila Batohi uzothatha umhlalaphansi ngonyaka ozayo njengoba esefike kuleso sikhathi emva kokuphatha lesi sikhundla iminyaka eyisikhombisa, ezama ukubuyisa isithunzi sophiko lokushushisa obeluphazamiswe wukugwamandwa kwamandla ombuso. 

Ukuqoka umqondisi woPhiko lokuShushisa omusha kubalulekile kumabhizinisi. Ukusebenza komthetho ezweni elibuswa ngentando yabantu kumqoka kumabhizinisi. Ukubanezomthetho ezintengayo kunezindleko emabhizinisini, hhayi nje ngoba kusuke kunyuke ubugebengu kodwa kuphela nethemba emnothweni wezwe. 

Uma kunezinhlaka ezingathembakali ukuthi zizogcina isivumelwano, engathembeki namabhizinisi athile, izindleko zokusebenza kwawo zinyuka kakhulu. Loku kuphazamisa ukukhula komnotho.

Sibonile ukuthi ukungawuqinisi umthetho kubenomphumela omubi ngesikhathi iFinancial Action Task Force ifaka iNingizimu Afrika ohlwini lwamazwe athathwa njengangenamithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali nezenzo zobushokobezi, i-grey list. 

Okuhle wukuthi lesi siwombe sesidlulile kodwa izindleko zaso sisazikhokhela. Kuphoqe ukuthi izikhungo zemali ziqinise ezokuphepha ukuqinisekisa ukuthi isimo siba sezingeni elamukelekile. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/25/inqubekelaphambili-nge-grey-list-nobungozi-bentela-yasemelika-kusifundisa-ukubhekana-nezinselelo-zomnotho-kuloba-ubusi-mavuso/

Ukugwamanda amandla ombuso kubenomphumela omubi ophikweni lokushushisa futhi kubonakale ngamacala aquliwe kodwa agcina engaphumelelanga. Icala lenkohlakalo eyadla uR2.2 billion lowayeyisikhulu se-Eskom uMnu uMatshela Koko lahoxiswa ngoNovemba wango-2023 ngenxa yokubambezeleka ngendlela engafanele. 

Icala elalibekwe uNksz uMoroadi Cholota, owayewumabhalane wowayewundunankulu waseFree State uMnu u-Ace Magashule nalo laphela emva kokuthi ijaji lithole ukuthi umbuso wanika iziphathimandla zaseMelika imininingwane engamanga ukubuyisa uNksz uCholota kuleli zwe. Phezu kokuthi kunemibiko enayo yonke iminingwane ngenkohlakalo eyenziwa enkampanini yezitimela iPassenger Rail Agency of South Africa, eTransnet nase-Eskom, nokwavela kwikhomishini yejaji uMnu uRaymond Zondo, kusenzima ukubona abantu bejeziswa ngabakwenza. 

U-Adv uBatohi usebenzile ukuvuselela isithunzi sophiko lokushushisa, ukuqinisekisa ukuthi izikhundla eziphezulu zinabantu abanamava kodwa kusekhona izinselelo zokuthi yiluphi ushintsho lwangempela angaluletha ngaphansi kwemigomo elawula uphiko lokushushisa ekhona manje. 

Kulapho uphiko lokushushisa luhluka khona kwezinye izinhlaka zikahulumeni ezathenwa amandla wukugwamandwa kwamandla ombuso. Uphiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars) ikwazile ukushintsha ngenxa yezinguquko ezenziwe emigomweni esebenza ngayo kodwa uphiko lokushishisa azikho izinguquko elizenzile makukhulunywa ngaloku. 

UKhomishana weSars uMnu u-Edward Kieswetter unamandla okuletha izinguquko khona futhi unamandla okuqasha nokuxosha izisebenzi ezinezikhundla eziphezulu. Ukuqoka ukhomishana weSars kwabuyekezwa kwikhomishini kaNugent ukuze ikwazi ukuzimela, yize umengameli kuwuye onezwi lokugcina ngezinye izinqumo zayo. 

Okwenzeka oPhikweni lokuShushisa wukuthi alunamandla njengokhomishana weSars. Umqondisi-jikelele womNyango wezobuLungisa nguye ophethe uPhiko lokuShushisa, hhayi umqondisi walo. Ukuqoka abantu abasezikhundleni eziphezulu kulolu phiko kulawulwa wungqongqoshe womNyango wezobuLungisa nomengameli wezwe, amandla aletha okuhle nokubi kwintando yabantu. 

UPhiko lokuShushisa lunenkontileka yeminyaka eyishumi engavuselelwa, yinde kunekakhomishana weSars, eyiminyaka emihlanu futhi iyavuseleleka kodwa akekho oseke wayiqeda iminyaka eyishumi esebenza. 

Isigungu sabantu abayisithupha sizobe singaphansi kweso likangqongqoshe womNyango wezobuLungisa uNksz uMmamoloko Kubayi, owusihlalo. Abanye abakusona ngumcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke, usihlalo weKhomishini yamaLungelo abaNtu uMnu u-Andrew Nissen nabanye abanesithunzi. 

Kufanele bakhethe umuntu onamava futhi owaziwa ngokulandela umthetho ozokwazi ukulwa nobugebengu obuhleliwe nenkohlakalo ejulile. Umqondisi olandelayo woPhiko lokuShushisa kufanele kubonakale ukuthi usebenza ngaphandle kokusaba nokwenzelela. 

Uzosebenza ngokwemithetho ekhona. Kudingeka ukuthi kubenezinguquko emigomweni ephethe leli hhovisi ukuze likwazi ukusebenza ngokuzimela. Okusho ukuthi kufanele umqondisi omusha akwazi ukuqoka izisebenzi ezisezikhundleni eziphezulu ezibalulekile ekuletheni uguquko oludingekayo kulolu phiko. 

Loku kuzosiza ukuthi kungabikhona ukugxambukela kosopolitiki. Ngaphandle kwezinguquko ezinqala, ngisho kungakhethwa umuntu onamava kodwa naye uzobhekana nezinselelo ebezibhekene nabaqondisi abadlule. 

Kolunye uhlangothi uhlaka lomthetho, amaphoyisa nokuphenya lubhekwa nxazonke yikhomishini kaMadlanga. Ngesikhathi sihlangene nongqongqoshe womNyango wamaPhoyisa osabambile uSolwazi uFiroz Cachalia sabheka ukuthi ngabe imboni yamabhizinisi ingawuseka kanjani umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi kunamakhono afanele emaphoyiseni futhi kubuya isithunzi. 

Ikhomishini kaMadlanga iletha ithuba lokwenza kabusha umsebenzi nokuvuselela izinhlaka zomthetho njengoba kwenza ikhomishini kaNugent eSars. 

Izinguquko ezilethwe yiFATF ziyasiza ukushintsha isimo. I-FATF yasungulwa yiG20 kanti izobuya izobuyekeza isimo seNingizimu Afrika ngonyaka ozayo. Ukusebenza kwayo kusezingeni lomhlaba futhi kuyasiza ukuseka okwenzeka ezweni nokuletha uguquko oludingekayo. 

Ukuqoka izisebenzi zoPhiko lokuShushisa nekhomishini kaMadlanga kuyizimpawu zohlaka oluzama ukuphucuka. Kuningi okufanele kwenziwe, okubalwa isimo sobunhloli nokuphucula amakhono abaphenyi. 

Sonke esisembonini yamabhizinisi sifuna ukubona kushesha ukuhlomisa abaholi bezinhlaka zomthetho ngamakhono. Loku akukho mayelana nepolitiki, kungokuqinisekisa ukuthi ayingeni ezinhlakeni zomthetho okuzosiza ukuthi zisebenza ngokuzimela futhi zenza umsebenzi omuhle. Yilelo kusasa iNingizimu Afrika efanele ukubanalo nento edingwa wumnotho ukuze ukhule.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page