Izikhulu ze-Absa nezeHeineken ngemva kokuthula isikhwama esinoR1.2 billion esihlanganiswe yilezi zinkampani esizosiza osomabhizinisi abancane. Isithombe: Sithunyelwe

Osomabhizinisi abancane bazohlomula ngoR1.2 billion we-Absa neHeineken 

YINTATHELI YOMBELE 

OSOMABHIZINISI abasafufusa bazokwabelana ngoR1.2 billion ngemva kokuthi i-Absa neHeineken besungule isikhwama sokubasiza. Sithulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu eGoli, eGauteng. 

Lesi sikhwama sinoR600 million obekwe yiHeineken ukungamele izinhlelo zokuthuthukisa osomabhizinisi noR600m ozobangaphansi kwe-Absa ozobolekwa osomabhizinisi abancane abadinga ukufeza izinhlelo ezihlukene zamabhizinisi abo. 

Kuhlelwe ukuthi le mali isize amabhizinisi awu-100 abantu abamnyama futhi kube ngawabantu abanezinkinga zokuthola usizo ezikhungweni eziboleka osomabhizinisi imali.

I-Absa ithe njengoba ucwaningo lwalo nyaka lukhombisa ukuthi amabhizinisi awu-620 amancane evaliwe kusho ukuthi kufanele asizwe ukukwazi ukumelana nezimo ezinzima. 

I-Heineken ithe ukusebenzisana ne-Absa kuzolekelela izinhlelo zesikhwama sayo i-Ukukhula Fund, esilekelela osomabhizinisi ngemali futhi sibasize ukudayisela izinkampani ezinkulu imikhiqizo yabo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/21/kunezigidi-zokuxhasa-osomabhizinisi-besifazane-ungqongqoshe-wesayensi/

Umqondisi wezokuxhumana eHeineken Beverages uNksz uMillicent Maroga uthe bazotshala uR775m ozosebenza iminyaka emihlanu ukusiza osomabhizinisi abancane.

“Le mali izoqinisekisa ukuthi iHeineken ithenga izinsiza zayo kosomabhizinisi abancane futhi ayilandi izinsiza phesheya. Loku kuzokhulisa umnotho waseNingizimu Afrika, kuhlomise nosomabhizinisi ngamakhono, ulwazi nezinsiza abazidingayo,” kusho yena. 

Ubalule ukuthi kubalulekile ukusebenzisana ne-Absa ngoba inolwazi lokubolekisa ngemali nokuhlelela osomabhizinisi abancane usizo olubafanele. 

Isikhulu se-Public Sector and Growth Capital Solutions e-Absa uMnu uStephen Seaka sithe lesi sikhwama asigcini nje ngokusiza osomabhizinisi ngemali kodwa sizobalekelela ngamakhono azosimamisa amabhizinisi abo, bazoqeqeshwa ngokuphatha imali nokuthi bayidayisa kanjani imikhiqizo yabo emabhizinisini amakhulu. 

“Lesi sikhwama sizoletha uguquko olufanele ekusizeni osomabhizinisi ngemali ngoba ngeke nje sibaxhase ngemali kodwa sifuna ukubabona bekhula, bengena ezigabeni ezihlukene zemboni kabhiya. I-Heineken ifuna ukwandisa osomabhizinisi esebenzisana nabo eNingizimu Afrika ngalesi sikhwama. Loku kuzoletha uguquko olufanele emnothweni,” kusho yena. 

Uthi i-Absa izofaka uR1.5m njalo ngonyaka ezinhlelweni zeHeineken zokusimamisa osomabhizinisi abancane, ifake noR100 000 wokufundisa osomabhizinisi ngokuphatha imali.

Isikhulu esisabambile ophikweni lwamabhizinisi amancane e-Absa Business Banking uMnu uVignesh Subramani sithe osomabhizinisi abancane babalulekile emnothweni waseNingizimu Afrika. 

“Ukusebenzisana kwethu neHeineken kuzosiza osomabhizinisi abancane ngemali abayidingayo ukuze bakwazi ukuncintisana kahle. Siyibhange elikholelwa kakhulu ekufukuleni osomabhizinisi. Buzosiza ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi abantu abamnyama ayakhula futhi anekusasa eliqhakazile.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page