Sizogada izinguquko zikahulumeni ukuqikelela ukuthi ziyaphumelela, kuloba uBusi Mavuso
IMPUMELELO yethu emabhizinisini incike kuhulumeni. Uma uhulumeni uhluleka, izwe liyahluleka. Uma izwe lihluleka, amabhizinisi ayahluleka. Akuyona into esiyishoyo nje lena, yindlela umnotho osebenza ngayo.
Yingakho izinhlangano zamabhizinisi, okubalwa kuzona iBusiness Leadership South Africa (iBLSA), zisebenzisa izinsiza eziningi kangaka ukuseka uhulumeni ukuze ulethe izinguquko ezizophucula indawo amabhizinisi asebenzela kuyona, kukhulise umnotho nemisebenzi.
Angicacise izinto esibhekene nazo. Kubantu abasha abathathu ezweni, ababili abasebenzi, okuyingozi enkulu. Uthuthuva lwango-2021 kwakungekona nje ukuthi abantu abephula umthetho kuphela kodwa yinkinga eyabangwa nawububha nangabantu abazibona bevaleleke ngaphandle. Uma izigidi zabantu ziphenduka izibukeli ekubeni abanye bebambe iqhaza emnothweni kubayisisekelo sothuthuva olungenqandeke ngisho unganonogada abazimele abangakanani.
Amabhizinisi awakwazi ukusebenza lapho uhulumeni ungahlelekile khona. Sikubonile loku eminyakeni eyishumi edlule, ukucinywa kukagesi kusidle izigidi, ukungasebenzi kahle kwamachweba kunciphise izimpahla ezithunyelwa kwamanye amazwe, kwathi ubugebengu basinyusela izindleko zokusebenza.
Indlela yokubona ukuthi izinguquko ziyasebenza yini wukuthi kufanele kubekhona into eshintshayo. Kungabe zenza kubelula futhi kushibhe ukusebenza? Uma uhulumeni uhluleka, amabhizinisi athwala izindleko ngoba kufanele abenezokuphepha ezithe xaxa, abe nama-generator angakhanyisa ngawo uma kuphela ugesi, ezinye izindlela zokuthutha izimpahla futhi alahlekelwa yisikhathi sokusebenza. Ekugcineni, lena yinto esenza sibewumnotho ongakwazi ukuncintisana neminye, okusandisela izinkinga esinazo.
Nokho, ngokusebenzisana nohulumeni kukhona into ephathekayo esiyibonayo. Uhulumeni wobumbano usukulungisile ukubambezeleka kwama-visa, okusilahlekisele ngemali yezokuvakasha nangezisebenzi ezinamakhono. Sikunqobile ukucinywa kukagesi ngenxa yokubambisana phakathi kukahulumeni nezimboni ezizimele.
Akusiko ukuthi besinikela ngezenzo zethu kodwa besitshala futhi sizokwazi ukukala ukuthi sivuna kangakanani.
Kodwa yonke imali esiyisebenzisayo seseka uhulumeni kanjalo nasezinguqukweni yimali engayi ngqo emsebenzini lelo bhizinisi okufanele liwenze noma ekukhuliseni umsebenzi noma ukwenza izinto ezintsha. Abanikazi bezinkampani nabanye esibambisene nabo babuza kufanele ukuthi kungani kufanele abamabhizinisi bafake isandla ekwesekeni uhulumeni ohlulekayo?
Kukhona okusilahlekelayo uma sizotshala abanye babantu abanamava ekulungiseni izinkinga zikahulumeni kunokugxila ekukhuliseni amabhizinisi. Kufanele sicacise futhi ukuthi asidingi uhulumeni ophila ngokuthembela kwabanye abantu. Ukungenelela kwethu bekugxile ekulungiseni izinkinga ezidalwe wukugwamanda amandla ombuso okucekela phansi inqwaba yezikhungo zikahulumeni. Kufanele kubekhona isikhathi okuzophela ngaso loku.
Kuleli sonto nizozwa ngohlelo olusha iBLSA ezolwethula olubizwa nge-BLSA Reform Tracker. Yiziko elisebenza ngobuchwepheshe elingasetshenziswa wumphakathi ukubheka ukuthi zihamba kanjani izinguquko ezihlukene ezithulwa wuhulumeni, kwaziwe lapho sekuphunyelelwe khona nalapho izinto zisabambezeleke khona. Imininingwane ngalolu hlelo izokwaziwa uma sesiyethula kusasa eGoli nangoLwesihlanu eKapa.
Nanoma ngabe wubani, kuhulumeni noma embonini ezimele, uzokwazi ukusebenzisa leli ziko ukubheka ukuthi zihamba kanjani izinguquko futhi kusilekelele sonke ukuthi sibambisane kangcono ukuphucula indawo amabhizinisi asebenza kuyona.
Lizobheka inqwaba yezinguquko, hhayi nje lezi amabhizinisi abambisene kuzona nohulumeni kodwa ngithemba ukuthi lizosiza ukusheshisa inqubekelaphambili ukuqinisekisa ukuthi izinguquko zisho ukuthi amabhizinisi akulungele ukutshala kwingqalasizinda namakhono kodwa nokuthi sidinga uhulumeni ozibophezele ekuletheni izinguquko nokuhlinzeka ngezidingo.
Sidinga izinto ezizosheshe zenzeke, esizokwazi ukuzikala futhi esizozihlola njalo ukuthi zihamba kanjani. I-BLSA Reform Tracker izokweseka lowo mzamo.
Indawo okumqoka ukuthi iguqulwe yimboni kagesi. Inkulu indima esesiyikhathulile kodwa ukunikezwa izimvume kwabantu abahweba ngogesi kusanda kubhekana nezinselelo njengoba i-Eskom ithathe izinyathelo zomthetho.
Loku kungabambezela inqubekelaphambili yezinguquko futhi ngesonto elidlule iBLSA neBusiness Unity South Africa bashicilele isitatimende ngokuhlanganyela ukugxeka okwenziwa yi-Eskom.
Ngifisa ukuncoma ungqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa, ngokulusukumela lolu daba. NgoLwesihlanu ushicilele isitatimende ecela i-Eskom ukuthi ihoxise amacala ewavulile. URamokgopa uthi uyazizwa izikhalo ze-Eskom zokuthi imboni kagesi kufanele ilawulwe yimithetho evuna wonke umuntu. Umlawuli wale mboni iNational Energy Regulator of South Africa unohlelo lwezinyanga ezintathu olusheshiswayo oluhlose ukusungula uhlaka kanti ungqongqoshe ucele i-Eskom imise amacala njengoba kusaqhubeka lolu hlelo. Ungqongqoshe utshengise ukuzibophezela kwakhe ezinguqukweni futhi uza nobuholi obudingekayo ukuqinisekisa ukuthi yonke into ihamba ngendlela.
Izinguquko uhulumeni oziholayo zicacile futhi zinhle. Amabhizinisi alisekile leli cebo eselivele liholele ekutheni imboni ezimele itshale izigidi embonini kagesi. I-Eskom kufanele ihambisane nomgqigqo wezinguquko. Kufanele sigxile ekuphothuleni izinguquko ngokushesha, hhayi ukuzibambezela ngezinkantolo.
Lezi zinguquko zizosiza imboni ehweba ngogesi eNingizimu Afrika ibenabantu abaningi abaphehla ugesi futhi abadayisela amakhasimende ahlukene. Loku kumqoka ekuqinisekiseni ukuthi kunogesi owanele nasekwehliseni amanani kagesi ezweni emva kweminyaka unyuka mawala. I-Eskom yiyona nkampani yokuqala ethole ilayisensi, emva kwaloko kukhishwe amalayisensi amahlanu atholwe yizinkampani ezizimele.
Uphiko lwe-Eskom lokuhambisa ugesi seluzobayinkampani ezimele ezokwengamela ukuxhumanisa abantu abaphehla ugesi namakhasimende. Yiloku okufanele kugxilwe kukona ukuqinisekisa ukuthi imboni inako konke ekudingayo ukuze kubenemboni kagesi evuthiwe futhi encintisana ngendlela efanele.


