Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi akukho azokusho ngesilinganiso sokukala amandla emali. Isithombe: Sithunyelwe

UGodongwana uthi uzolinda iBhange lomBuso ngodaba lwamandla emali

YINTATHELI YOMBELE 

KULEZI zinsuku indaba yokuthi iBhange lomBuso lizokwehlisa isilinganiso salo samandla emali esiphakathi kwango-3% no-6%. 

IBhange lomBuso lifuna ukuthi isilinganiso samandla emali esizolilekela uma lithatha izinqumo ngemalimboleko sibe wu-3%. 

Seloku kuphume lezi zindaba ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana akukho asekushilo. 

NgoLwesihlanu uthe akukho azokuphawula ngalolu daba futhi ngeke aluthinte uma esethula iSabelomali samaphakathi nonyaka. 

“Akukho engizokuphawula ngesilinganiso samandla emali. Kuyaziwa ukuthi izindaba ezithinta umthetho wezimali ngokangqongqoshe womNyango weziMali owenza ngokusebenzisana nomengameli nekhabhinethi bebambisene neBhange lomBuso. YiBhange lomBuso elisebenza ngokuzimela ukuqinisekisa ukuthi amandla emali asendaweni efanele. Anginazo izinhlelo zokwenza isimemezelo ngalolu daba. Ngizolandela imigomo ebekiwe,” kusho yena. 

Uthe loku kusho ukuthi kuzoqale kubenezingxoxo ezibanzi phakathi komNyango weziMali, ikhabhinethi nezinye izinhlaka ezithintekayo.

“Izinguquko ezithinta amandla emali uma kufanele zenzeke zizolandela lolu hlelo engiluchazile. Ngeke kubekhona izimemezelo ezizokwenziwa esikhaleni kungakaxoxwa kabanzi ngemithetho ethinta imali,” kusho uGodongwana. 


Khonamanjalo, umnyango umemezele ukuthi iFinancial Action Task Force (iFATF) ibizoqinisekisa ukuthi ngempela iNingizimu Afrika iyalwa nokushushumbisa imali esetshenziswa ukuxhasa abashokobezi. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/03/umbiko-uthi-ayazicanasela-amaphekulazikhuni-eningizimu-afrika-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Ithimba leFATF beliseNingizimu Afrika ngomhlaka-29 nomhlaka-30 ngenyanga edlule.

I-FATF yafaka iNingizimu Afrika ohlwini lwamazwe okulula ukushushumbisa imali esetshenziswa yizigebengu nabashokobezi ngoFebhuwari wango-2023. 

INingizimu Afrika izilungisile zonke izikhalo zeFATF futhi yaqinisekisa ukuthi yonke imali engena ezweni iyaziwa ukuthi ngeyani. 

Kulindeleke ukuthi ithimba le-FATF libuye ngomhlaka-24 wango-Okthoba ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page