Ukhomishana weSouth African Revenue Service uMnu u-Edward Kieswetter unxusa abakhokhintela ukuthi bagade amaqola njengoba sekufike isikhathi sokuqoqa intela. Isithombe: Sithunyelwe

Siqalile isikhathi sokuqoqa intela

INTATHELI YOMBELE 

UPHIKO oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars) seluqalile ukuqoqa intela njengoba luzoqala ngama-auto assessment mhlaka-7 kuya kumhlaka-20 wale nyanga.

I-auto ssessment wuhlelo lweSars ngokuthatha imininingwane yomuntu esivele isekhompyutheni ukuyicubungule kahle ukubona ukuthi kukhona yini imali okufanele ayikhokhe noma abuyiselwe yona.

Izibalo zeSars zikhombisa ukuthi abakhokhintela abawu-u-60% ungena ngaphansi kwalesi sigaba sokwenzelwa izindaba zazo zentela ngaphandle kokuletha amaphepha kuyona. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/03/asijabule-sibuye-nganeno-ngemali-eqoqwe-yisars-usomnotho/

Abakhokhintela abangangeni kulesi sigaba bazokwazi ukuzifakela imininingwane yabo yentela besebenzisa uhlelo lwe-efiling kusukela ngomhlaka-21 wangoJulayi kuzekubemhlaka-20 wango-Okthoba.

Abakhokhintela besikhashana bazoqala kusukela ngoMsombuluko wangomhlaka-21 wangoJulayi 2025 kuya ngoMsombuluko wangomhlaka-19 wangoJanuwari wango-2026.

Okufanele ukuqinisekise kulesi sikhathi: 

• Buyekeza yonke imininingwane yakho eseSars: Ngena ku-efiling bese uqinisekisa ukuthi imininingwane evela kumqashi wakho iyiyona, i-medical aid isho okuyiko nezinkampani otshale imali kuzona ithumele imininingwane eyiyo.

• Uma kukhona okungalungile, kufanele wazise iSars. Uma kukhona okuthile abakushiyile noma kukhona imininingwane oyigodlile, uwena ozophendula. Kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi imininingwane yakho ibhalwe kahle.

Uma kukhona onganeme ngako uyakwazi ukufaka isicelo sokuphikisa eSars, bayicubungule kahle yonke imininingwane abanayo noyithumele. 
• Qaphela amaqola: I-Sars ngeke ibuze imininingwane yomuntu eyimfihlo noma yasebhange nge-email. Uma ungenziwanga i-auto assessment, uzodinga ukuziqondisela wena izindaba zakho zentela nge-efiling.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page