Kunxuswa abanikazi bamaspaza ukuthi bawabhalise
INTATHELI YOMBELE
KULELI sonto omasipala abahlukene baseNingizimu Afrika bakhumbuza bonke abanikazi bamaspaza ukuthi bawabhalise njengoba uhlelo lokuwabhalisa luvalwa ngoLwesihlanu, mhlaka-28 wangoFebhuwari.
Kuzokhunjulwa ukuthi uhulumeni uqale uhlelo lokubhalisa amapaza ngonyaka odlule emva kokufa kwezingane zaseaseGauteng okusolakala ukuthi zazidle ukudla okunobuthi okudayiswa emaspaza.
Kusolwa ukuthi ukudla okwahlangana nomuthi wamagundane, odume nge-halephirimi eGauteng noma ujuqu KwaZulu-Natali, yikona okwabulala izingane. Uhlelo lokubhalisa beluvulwe ngoNovemba kuya ngoDisemba wangonyaka odlule, kwathi emva kokuthi abanikazi bamaspaza bekhale ngokuthi sincane lesi sikhathi lwelulwa.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/26/abezitolo-ezincane-bazoxhaswa-ngor22-million-ekzn/
Esitatimendeni esikhishwe wuphiko lwezokuxhumana kuhulumeni i-Government Communication and Information System, uhulumeni uthi ukubhalisa amaspaza kuzoqinisekisa ukuthi adayisa ukudla okuphephile bese kuphepha izingane nomphakathi. Ukudla okungaphephile kuzokhishwa ezitolo ezibhalisiwe.
Abanikazi bamaspaza bangaya emahhovisi omasipala aseduze nabo ukubhalisa. Ukubhalisa akuthathi isikhathi eside njengoba umuntu ekwazi ukukwenza akuqede ngosuku. Uhulumeni ucele abantu ukuthi bangalindi umzuzu wokugcina kodwa babhalise ngokushesha.
Kukhunjuzwe abantu ukuthi umuntu kufanele azibhalisele ispaza, kungabibikho oyobhalisela omunye ngoba loku kuyicala. Umthetho i-Immigration Act wango-2002 uthi kuyicala ukusiza abantu bokufika ngokungemthetho ukuthi bathole imvume yebhizinisi.
Abafisa ukubhalisa eThekwini bangashayela u-031 311 4535 noma bayobhalisa ku-199 Anton Lembede Street, e-Embassy Building noma baye koSizakala oseVerulam, ePinetown, eWinkelspruit naseMidway Crossing.

