UMnu uSihle Mlaba, umsunguli we-Abahlinzi Services, yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Udele uR70 000 ukuqala ibhizinisi elingandile lokuhlinza eselichuma emalokishini. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

KUTHIWA sibindi uyabulala, sibindi uyaphilisa. Yila mazwi abantu abaziqunga ngawo uma bethatha izinqumo ezinzima.

Kube njalo nakuMnu uSihle Mlaba, esungula Abahlinzi Services, inkampani ehlinza nehlahlela izinkomo, izimbuzi nezimvu zabantu abenemicimbi edinga nenyama yalezo zilwane.

UMlaba, waseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, uthi waqunga isibindi ngoR70 000 aqale ngawo libhizinisi ngoMeyi wakulo nyaka ngoba ebona igebe lokuchuma kwezamabhizinisi yize ayekuqonda ngokuphelele ukuthi kungenzeka imali yakhe icwile.

Imali aqala ngayo ibhizinisi yasiza ukuthenga umfaniswano wokusebenza, amathuluzi okusebenza (imimmese, ocelemba, izimbazo nezintambo) neveni ahamba ngayo nezisebenzi zakhe eziwu-12. 

Uze uqala lbhizinisi nje wayekade ephoqeke ukushiya izifundo zeBSC in Hydrology and Geography onyakeni wokugcina e-University of Zululand ngo-2019 ngenxa yenkinga yemali.

“Ukuzama ukuziphilisa ngingene ohlelweni lokufundisa i-TEFL (i-Teaching English as a Foreign Language), lapho sifundisa khona abantu bakwamanye amazwe ukukhuluma nokubhala isiNgisi. Yimali engayithola lapho engisize ukuqala ibhizinisini,” kusho yena. 

Uthe ngenxa yokukhulela endaweni engamakhaya neyazisa izindlela zokwenza zesintu, bekumkhathaza ukuthi uma ehambele imicimbi, ikakhulu ngenkathi eseseHammarsdale (lapho asehlala khona manje), wukubona abantu “beshaya udaka” uma sekuhlizwa inkomo noma imbuzi komcimbi.

“Mina nabanye bangasekhaya besihlale sisiza ngokuhlinza ngendlela efanele njalo uma kunemicimbi endaweni, abantu bagcina besazi, becela thina njalo uma benze imicimbi. Loko kwenze ngabona ithuba lokuqala ibhizinisi ngoba ngibona bebaningi abantu abafuna ukuhlinzelwa.”

Abahlinzi benza into yabo

Baqala kuR2 000 ukuhlinza kanti abagcini ngokuhlinza kuphela, kepha bayahlahlela futhi bakuphekele noma bakosele inyama yomcimbi uma iphakethe livuma. 

“Singenisa kakhulu emalokishini, (ikakhulukazi) eMlaza lapho esiqale khona ukusebenza, nasezindaweni zomntakabani eThekwini namaphethelo lapho okugcwele khona abantu abangazazi kahle izinto zesintu kanti kuyasisebenzela kakhulu ukuthi sikhule ngale mpilo emakhaya.”

Kungazwakala kulula konke kodwa uMlaba uthi akunjalo, zikhona izinselelo eziphazamisa ibhizinisi. “Kuye kwenzeke uma sizosebenza abantu basendaweni bangajabuli ngokuba khona kwethu, kokunye kube ngabomndeni esiqashwe wona abasidinelwayo ngoba bengasazi.

“Ukugwema izingxabanao, sibeka umoya phansi senze bazizwe bebalulekile, silandele abakushoyo (abomndeni) ukuze bazizwe bebakhulu kunathi. Okunye okusizayo wukuthi ngike ngasebenza kancane e-call centre, ngakho ngiyazi ukuthi amakhasimende aphathwa kanjani.” 

Mayelana nezifiso zangomuso, uMlaba uthe bafuna ukugcina sebeqashisa ngama-cold room, izingqoko, amabhodwe amakhulu okuphekwa ngawo emicimbini bakhule babeyinkampani eyaziwayo yokupheka.

  • Facebook: Abahlinzi The Slaughterers

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page