Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSabelo ‘Belo G’ Ngongoma, umsakazi, i-contributor yohlelo i-Sunday Devotion kwiGagasi FM nomphathi wohlelo emicimbini

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Cha, ngoba ngikhulele emndenini ongamile kahle.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngiqale sengiyofunda enyuvesi, ngayivula eFNB.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi kubalulekile ukuyisebenzisa ezintweni ezibalulekile bese uyonga ukuyisebenzisela ezinye izinto.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ngo-2015, ngihola uR18 000. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga ngayo osofa ekhaya baR12 000, enye ngayisebenzisa ezintweni zami.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Angikholwa wukuthi kukhona engizisola ngakho esengike ngakwenza ngemali. Ngikholwa wukuthi konke esengikwenzile empilweni kuhle futhi ngiyaziqhenya ngakho.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Yize ngingeke ngakubiza ngephutha kodwa kukhona izikhawu lapho engike ngazama khona ukungena nokuqala amabhizinisi athile kodwa (awaphumelelanga).

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Yebo, ngangena kuleli leMMM neleWhatsApp. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi uma unemali akumele uyibhubhudle yonke. Kubalulekile ukuzijwayeza ukuyilondoloza nokuthi kuyasiza ukuba nohlelo oluqondile lokuthi imali uyibekela ini futhi uzoyisebenzisa ngasiphi isikhathi.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqedela zonke izikweletu enginazo manje bese esala lapho ngithenge umuzi ngayo. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Wukuthi abazijwayeze ukubeka imali ukuze izobasiza uma bengasebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page