Isizobukeka kanjena imali entsha yaseNingizimu Afrika Isithombe: Sithunyelwe

Ibhange loMbuso lethule imali entsha edle ngezimpawu zokuphepha. USLINDILE KHANYILE uyabika

KWETHULWE imali entsha eNingizimu Afrika izolo nezoqala ukutholakala namhlanje. IBhange loMbuso lithe le mali entsha ezokwethulwa kancane kancane iphuculiwe ukuqinisa ukuphepha kwayo ukuze kungabi lula kwabagaya imali ewumgunyathi ukuthi baphumelele.

Nokho lithe okuningi abantu abakwazi kukhona emalini kusazoba khona.

IBhange loMbuso lithe: “Ngemali eyiphepha siyaqhubeka nokuhlonipha umengameli wokuqala owakhethwa ngentando yabantu eNingizimu Afrika (uMnu) uNelson Mandela njengoba ubuso bakhe busekhona ngaphambili kanti izilwane ezibizwa nge-Big 5 zona sezihlanganiswe zaba wumndeni ngemuva. 

“Sigubha nombuso wentando yabantu ngokuba nombhalo omncane oyisethulo soMthethosisekelo eduze kwesithombe sikaMadiba nefulegi lezwe elikhona ngaphambili nangemuva.” 

Lithe ngemali ewuhlweza ligxile kakhulu ekutshengiseni ukubaluleka kwemvelo nokubonakala ngezithombe zezilwane nezitshalo ezikulemali.

Leli bhange, elengamele ukugaya nokusabalalisa imali ezweni lithe kuyavama ukuthi imali kuhambe kuhambe ishintshwe, umkhuba owenziwa emhlabeni wonke, nelithe kwenzelwa ukunqinda izigilamkhuba nokuthi ihambisane nokuthuthuka kobuchwepheshe. 

Imali eyiphepha ishintshwa njalo emva kweminyaka eyisithupha kuya kweyisishiyagalombili, kuthi ewuhlwezwa yona kube phakathi kweminyaka ewu-20 newu-30. 

ENingizimu Afrika imali enobuso bukaMandela yethulwa ngo-2012, kwathi ngo-2018 kwethulwa enye ukugubha lokho. Ewuhlwezwa yayigcine ukwethulwa ngo-1989. 

“IBhange loMbuso alikuvali ukusebenzisa imali (endala). Yonke imali esike yethulwa ingasetshenziswa ukuhweba kanyekanye nentsha esuke isikhona. Yonke imali ekhona isengasebenza. Abantu abazijwayeze ukuthi injani imali entsha futhi baqhubeke nokuyihlola ngokuyibhekisa phansi ukuze bayibone kahle ukuthi iyona imali ewungqo. Imininingwane yoshintsho emalini ikhona kwi-website yeBhange loMbuso nakwiSARB Currency App.” 

Umbele wake waxoxa nenhloko yophiko oluqinisekisa ukuthi kunemali eNingizimu Afrika uNksz uPearl Kgalegi, owanaba ngokuthi imali ihlukaniswa kanjani. 

FUNDA: Unogcobo lwemisebenzi ebucayi ophethe uphiko oluqondene nokuhlinzeka iNingizimu Afrika yonke ngemali

Khonamanjalo iBhange loMbuso livule igatsha eCash Centre yayo eGoli, eGauteng, lapho abantu abangenama-akhawunti asebhange kodwa abanemali elimele bengakwazi ukuza khona bazoshintsha imali yabo. 

Lithe lokhu kungenxa yokuthi kuyalungiswa emahhovisi alo asePitoli.

Leli gatsha livulwa ngoLwesibili kuya kuLwesine ngo-9 ekuseni kuya ku-1 emini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page