Asingayithathi kancane imboni yezezimali, nokuthi siyakhuluma yingenxa yayo, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yethu yezezimali yiyona ehamba phambili eNingizimu Afrika. Asivamile ukukhuluma ngezinhlekelele esizigwemile uma siqhathanisa nendlela esigxila ngayo emigodini esiphonseke kuyona.
Iyamangalisa indlela imboni yezizimali emelane kahle ngayo neCOVID-19, izinhlekelele ezifana nezikhukhula KwaZulu-Natali neminye imicibisholo ebihlasela umnotho wethu.
Ukuma kwale mboni akuyona into eyenzeka ngengozi. Ngesonto elidlule iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ibihlangene nethimba le-International Monetary Fund (i-IMF) eliqondene nohlelo lokubuyekeza imboni yezezimali, olwenzeka eminyakeni embalwa edlule, iFinancial Sector Assessment Programme (iFSAP).
Awaphoqiwe amazwe ukuthi abambe iqhaza kwiFSAP. Ngalolu hlelo i-IMF icubungulisisa imboni yezezimali. Besekungokwesithathu kuhlolwa iNingizimu Afrika eminyakeni ewu-20 kanti le ndlela isiza izwe lithole uvo olubalulekile lwabantu bangaphandle.
Le mboni nabalawuli bayo bagxila kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi kunemithetho efanele nengqalasizinda ukweseka ukusebenza kwayo.
Uma ubhekisisa konke okwenziwayo ukuqikelela ukuthi amabhange nezinye izinhlaka zisebenza ngendlela efanele, kuqala endleleni abolekana imali ngayo kuya emsebenzini weBhange loMbuso wokuqikelela ukuthi kunemali eyanele uma kuba nenhlekelele iyamangalisa. Siyafunda njalo futhi ihlale ithuthuka indlela esenza ngayo.
Impicabadala yeCOVID-19 yayingalindelwe muntu, akekho owake wahlelela ukuthi kuyoba nesikhathi lapho umnotho uyovalwa khona kodwa indlela isisombululo esasihlanganisiwe ngesikhathi kuwe umnotho womhlaba sasiza abalawuli ukuthi bakwazi ukungenelela ukumelana nenhlekele yeCOVID-19.
Imali ewugadingozi eyabekwa emva kwezifundo ezatholakala kade umnotho uwile eminyakeni ewu-10 ngaphambi kweCOVID-19 yasiza ngenkathi kubheduka ubhubhane.
Yebo, akuyona yonke into eyahamba kahle, imboni nabalawuli bayasebenza ukuphucula okungahambi kahle. Lilonke imboni yezezimali yaphasa ngamalengiso ngesikhathi ivivinywa yiCOVID-19.
Ithimba le-IMF aliwuvali umlomo ngohlobo lwabalawuli, nakuba kukhona iziphakamiso elizenzile ngezinto okudingeka ukuthi ziphuculwe.
Into eyenze umhlangano wangesonto elidlule ne-IMF ubaluleke wukuthi uthinta umnotho wonke. Imboni yezizimali ibalulekile ngenxa yendlela ekwazi ukusebenzisana ngayo nosomabhizinisi nabantu baseNingizimu Afrika bonke.
Into ecacile emva komsebenzi owenziwe yi-IMF wukuthi imboni yezezimali isengozini ngenxa yezinto ezenzeka kwezinye izimboni, okufanele zisukunyelwe.
Izingozi aziqhamuki kuphela ezinkingeni zomnotho kodwa nasendleleni izinkampani eziphatha ngayo izimpahla zayo nezikweletu zazo. Wudaba olubalulekile lolu futhi ngibone kufanele ukuthi iBLSA isebenzisane ne-IMF ukuze kuboniswane nosomabhizinisi.
Asikwazi ukuthatha imboni yethu yezezimali kancane. Kufanele iqondwe indlela esebenzelana ngayo nomnotho wonke ukuze kuzomelwana nezingozi. Ngiyabonga ethimbeni le-IMF, ukuhlolwa abantu bangaphandle kuqinisa ukuba nohlonze kwemboni yethu yezezimali. Osomabhizinisi bakulungele ukufaka isandla ukuyithuthukisa ngaphezu kwaloku eyikho.
I-BLSA ikholwa wukuthi kungasiza ukusebenzisa uhlaka lokutshala imali olusungulelwe ukuthi iNingizimu Afrika igcine isiyekile ukusebenzisa ugesi wamalahle ukuthola izisombululo futhi kube nenqubekelaphambili ekuheheni abanye abatshalimali.
Ukulandela iziphakamiso ezenziwe yiNhloko yamaJaji iJaji uRaymond Zondo ukunqanda inkohlakalo ngeke kusize uma singakusukumeli ukulwa nokwanda kobugebengu obuhleliwe eNingizimu Afrika.
Amaqembu ezigebengu enza umonakalo emnothweni futhi abeka impilo yabantu engozini. Ukuzithela ngabandayo kwabomthetho akubekezeleki futhi kusenzela phansi.
Abantu baseNingizimu Afrika kufanele bahlale ezweni elinomthetho futhi elihlekekile: yiyona nto okufanele okungenani uhulumeni ayenze. Abakhohlakele ezinhlakeni zomthetho kufanele baphume.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA
