Kunzima nxazonke kuhulumeni ngokungenelela odabeni lwentela kaphethroli. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNGENZEKA uhulumeni ugcine ungakwazanga ukuphinde ubuyisele intela kaphethroli i-general fuel levy njengoba izinkomba ziveza ukuthi isimo somnotho sisazoba nzima futhi namanani kawoyela eqhubeka nokudla amagalani njengoba izolo ebemi ku$122.08 umphongolo.
Basho kanje osomnotho bephawula ngesinqumo sikahulumeni sokulula isikhathi sokuthi le ntela ewuR1.50 ilitha likaphethroli ingabuyiselwa uma kuqala inyanga. ImiNyango wezeziMali nowokuMbiwa Phansi namaNdla ithe loku kuzoqhubeka kuze kube wuJulayi 6. Kusukela ngoJulayi 7 kuze kube wu-Agasti 2 wu-75c wale ntela ozohoxiswa.
Izolo uphethroli unyuke ngemali ephakathi kukaR2.33c noR2.43c ilitha kwathi udizili wanyuka ngemali ephakathi kukaR1.10c noR1.07c ilitha kanti upharafini wona ukhuphuke ngoR1.56c ilitha. Ukube uhulumeni awungenelelanga, uphethroli ubuzonyuka okungenani ngemali ecishe ifinyelele kuR4.00 ilitha. Lolu sizo luzodla uhulumeni uR4.5 billion obungahlinzekelwe kwisabelomali.
Usomnotho weFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi uthi uma kubhekwa isimo umthengi abhekene naso, isinqumo sikahulumeni sihle kanti besidingeka. “Ukunyuka kukaphethroli akuthinti uphethroli kuphela ngoba kunezinye izinto ezintintekayo. Avele amanani okudla anyukile emhlabeni, kuzonyusa izindleko zokuthutha ukudla kanti uma kunganqandwa, ukunyuka kwamanani ezimpahla kungaphunyuka.
“Into ezoba likhuni wukuliqeda lolu sizo ngaphandle uma amanani kawoyela engehli. Uma ngibuka lapho sikhona ngokwamanani ezimpahla, ukunyuka kwemalimboleko, ngeke kube lula, cishe kuzofanele kuhlale kukhishwe ingxenye yale ntela. Akusona isisombululo lesi ngoba izogcina isiphelile nale mali ebibekiwe okucashunwa kuyona, kukhona lapho kuzofanele itholakale khona kwisabelomali,” kusho uMkhwanazi.

Ngokusho kwePietermaritzburg Economic Justice & Dignity amanani okudla anyuke ngo-1.5% ngoMeyi uma kuqhathaniswa no-Ephreli kanti uma kubhekwa ukunyuka kwawo ngonyaka odlule akhuphuke ngo-11.4%.
Ithe umuntu usedinga okungenani uR4 609.89 ukuze abe nokudla okwanele ngenyanga.
Usomnotho ozimele uSolwazi uBonke Dumisa uthi isinqumo sikahulumeni sifana “nokunesa isilonda okwazekayo ukuthi ngeke siphele.
“Sikhuluma nje isimo siba sibi kakhulu njengoba uwoyela uwu-$122.08 umphongolo. I-European Union izama ukunciphisa ukuthembela kwayo kwiRussia, manje-ke kwezomnotho uma uncipha umpompi walapho kutholakala khona into kodwa baqhubeke babebaningi abantu abayifunayo leyo nto, loko kunyusa amanani.
“Yinkinga lena esemhlabeni, ngiyafisa sengathi abantu bangakuqonda loko bangahluthuki imimoya futhi bangadlali ipolitiki yeDA ngoba loko akwakhi, kunaloko kuyabhidliza. Isabelomali sinezinto esisuke sihlinzekelwe zona, awukwazi ukuvele uthi uzovala ukungena kwaleyo mali,” kusho yena.

Ezinye iziphakamiso zithi uhulumeni awungabe usaqhubeka nokukhokhela isikhwama esinxephezela abalimala nemindeni yalabo abashona ezingozini zomgwaqo.
UDumisa uthe akusona isisombululo lesi futhi ngeke kuxazulule lutho. “Izinto okufanele zikhokhelwe wuhulumeni zisekhona futhi aziyindawo. Ngesikhathi izinkampani eziklelisa amazwe zithi kuyingozi ukutshala imali kithina yingoba sasisebenzisa imali engaphezu kwaleyo esiyingenisayo. Kumanje isabelo sethu wuR1.2 trillion kodwa sisebenzisa uR1.6trn, sishoda ngoR400bn. Isibalo sabantu abahola ngaphezu kukaR91 000 ngonyaka nabakwazi ukubanjelwa intela bancane.
“Abantu baye bakhulume ngokuthi wonke umuntu ukhokha i-VAT (intela ebanjwa uma uthenga izimpahla) kodwa leyo yintela okungathi ngokwanda kwabantu abayikhokhayo nayo inyuke futhi izwela kakhulu kubantu abantulayo,” kusho yena.
UDumisa uthe kuzoba lukhuni ukuthi uhulumeni ahoxise lolu sizo kodwa uthe akazi ukuthi yizindleko uhulumeni ozokwazi yini ukumelana nazo.

