Azosebenza kuze kuphele uMeyi amakhadi anombala osagolide okuhola isibonelelo sikahulumeni. Isithombe: Sithunyelwe

Siluliwe isikhathi sokuvuselela amakhadi ezibonelelo zikahulumeni

WUBONISWA MOHALE

SILULIWE isikhathi sokushintsha amakhadi okuhola izibonelelo zikahulumeni anombala osagolide njengoba abaziholayo benikwe kuze kube sekupheleni kukaMeyi ukuwashintsha.

Lezi zindaba zisanda kumenyezelwa yisikhulu esiphezulu senhlangano eholela izibonelelo zikahulumeni iSouth African Social Security Agency uMnu uThemba Matlou, esithe iBhange loMbuso lizowayeka aqhubeke nokusebenza la makhadi okufanele avuselelwe. 

“Siyasamukela isinqumo seBhange loMbuso sokulula ukusebenza kwamakhadi adinga ukushintshwa. Loku kusho ukuthi abantu abahola izibonelelo bazoqhubeka nokuhola kahle izibonelelo zabo bengenangcindezi ngesikhathi besaqhubeka nezinhlelo zokuwashintsha. Sicela ukuthi baqhubeke nezinhlelo zokuwashintsha ezenziwa yiPostbank kulesi sikhathi esibekiwe,” kusho yena. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/27/asazovulwa-amaposi-njengoba-isapo-ithole-usizo-oluwur150-million/

Isikhulu esiphezulu sePost Bank uNksz uNikki Mbengashe sinxuse abantu ukuthi bashintshe amakhadi amadala ngoba uma sekuphele uMeyi azobe engasasebenzi.

Sithe ngosuku bashintsha amakhadi awu-30 000 kanti uma abantu beyohola isibonelelo kufanele bazinike isikhathi sokushintsha ikhadi. 

Inhlangano elwela amalungelo abantu iBlack Sash isithakasele lesi sinqumo, yathi abantu abahola izibonelelo bangenisa imali emnothweni.

Njengoba uhulumeni unyuse intela ekhokhwa uma kuthengwa izimpahla i-value-added tax (i-VAT) loku kusho ukuthi izosuka ku-15% iye ku-15.5% kulo nyaka. Loku kuzongenisa uR28 billion ngonyaka wezimali wango-2025/26 bese okwesibili okuzoyibeka ku-16%, kungenise uR14.5bn ngonyaka wezimali wango-2026/27.

Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule sisanda kuthi uma uhulumeni usebenzisa uR1bn ukuholela abantu izibonelelo, leyo mali ibuya isiphindwe kabili ngoba abahola izibonelelo bayisebenzisela ukuthenga ukudla nezinye izidingo.

“Imali yezibonelelo ineqhaza elibalulekile emnothweni. Ucwaningo luveza ukuthi abahola izibonelelo bakhokha i-VAT uma bethenga ukudla, benze nezinye izidingo. Ngako ibuyela esikhwameni sikahulumeni ngeke siyithathe njengemali esuke imoswa,” kusho yena. 

Umqondisi wezinhlelo zokusebenza enhlanganweni eyenza ucwaningo ngamanani okudla nesimo senhlalo iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group uMnu uMervyn Abrahams uthe kufanele yehliswe le ntela ngoba ijezisa abantu abaswele.

Uthe izibonelelo zikahulumeni eziholwa ngabantu abantulayo zizophelela ekudleni ngoba sekuzobiza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page