Owayengeneme emsebenzini usewumnikazi wemakethe engqangqayo
WUSIZAKELE NDULI
AKUVAMILE ukuthi abantu bashiye umsebenzi ukuyoqalela ibhizinisi kodwa intokazi yasEtwatwa, eBenoni, eGauteng, eyayinganeme futhi eyayihlala ivalekile, yashiya umsebenzi yavula isitolo samaveji nezithelo.
UNksz uLeemo Atumane, umsunguli we- Indalo Fresh Market, uthi ukuhlala endaweni engakwazi ukuthola izithelo namaveji kalula kwamvulela ithuba lokwenza umehluko. Uthi yena wayekwazi ukuhamba ayothola ayekudinga ngaleso sikhathi kodwa umphakathi wangakubo wawungakwazi ukukuthola.
“Ngathatha isinqumo sokuvula imakethe yami eduze kwasemtholampilo iPhillip Moyo Memorial Health ematasa futhi etholakala kalula. Ngokubhekana nalesi sidingo, ngangazi ukuthi ngingasiza ekuthuthukiseni impilo yomakhelwane bami,” kusho le ntokazi eneminyaka ewu-27.

Amaveji ekhethelo e-Indalo Fresh Market
Ekuqaleni uNksz u-Atumane uthi wayedayisa amaveji aseqotshiwe. Ngaphambi kwaloko ubenamabhizinisi amaningana kusukela ngo-2017 edayisa izinto ezihlukene njengezokugcoba umzimba, imigexo, izincwadi zezingane, ama-doughnut nezigqoko.
Ngaphandle kwezithelo namaveji, ibhizinisi lidayisa i-atchaar, amaqanda, umqwayiba, nezithelo ezomisiwe. Kancane kancane lizokwethula imikhiqizo emisha njengoju, amafutha, ama-spice nama-herb.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/18/umlimi-osemncane-ushintsha-ukulima-kwelakubo/
Uthi ukusungula imakethe yakhe yezithelo namaveji bekungelula. Kubenzima ukuthola indawo eqashisayo futhi kwadingeka azilungisele ngokwakhe konke okwakudinga ukulungiswa ngoba wayengeke akwazi ukukhokhela umuntu.
Nokho uthi izinto zashintsha ngesikhathi exoxela umcwali wezinwele ukuthi akayitholi indawo eqashisayo. Umcwali wezinwele waphakamisa ukuthi azame indawo lapho ezinze khona, wayifuna wayithola kanjalo-ke indawo.
“Ngitshale cishe u-60% womholo wami wokugcina ukuqala Indalo Fresh Market. Noma le mali ingeningi kodwa bengizimisele ukuthi engikwenzayo kuphumelele,” kusho uNksz u-Atumane.
Yize evule ngokusemthethweni ngomhlaka-1 wango-Meyi ngonyaka odlule futhi ibhizinisi lakhe lithathwa njengelisesigabeni sokuqala sokusebenza kodwa selivele ladlondlobala ngokudayisela izindawo zokudlela zendawo.
Uthi uthola imikhiqizo yakhe ezimakethe ezinkulu kodwa useka nabalimi bendawo abamhlinzeka ngesipinashi no-lettuce.
“Abalimi bendawo ngibanikwa ngabantu abasuke bengizwe ngikhuluma bese bebathumela kimi. Kubalulekile ukwakha ubudlelwano obuhle nomphakathi nokusekana ukuze sikwazi ukubhekana nananoma yini,” kusho yena.
Uthe okumsizayo wukuthi amaveji nezithelo kwakhe kuhambe ngokushesha wukuthi udayisa okudingwa ngabantu. Loku kwenza umkhiqizo wakhe uhlale umusha.
UNksz u-Atumane uthi okwamanje akanasisebenzi asiqashe ngokugcwele kodwa uye aqashe abantu betoho uma kunesidingo.
Inhloso yakhe wukudala amathuba emisebenzi angapheli njengoba ibhizinisi lakhe likhula ukusiza umphakathi wangakubo.
“Isifiso sami wukubanesitolo esikhulu sezithelo namaveji elokishini lami. Ngihlose ukuhlinzeka abanye abadayisi bendawo, ngibasize bonge isikhathi nophethroli ngokuthola indawo abangathenga kuyona eseduze. Loku kukhula kuzohlomulisa wonke umphakathi ngoba ngizowulethela izithelo ezisezingeni eliphezulu futhi ezitholakala kalula” kusho yena.
Weluleke abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi benze ucwaningo, bagweme ukufunzwa ulwazi ngabanye abantu. “Kufanele usebenze kanzima ngoba uma ulindele ukuthi izinto zizenzekele, uzinciphisela amathuba empumelelo,” kucebisa uNksz u-Atumane.
Facebook: Indalo Fresh Market
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: https://vutivibusiness.co.za