I-South African Revenue Service iyaqhubeka nokufuna inhlawulo ewuR5.3 billion eSasfin Bank emva kokuthola ukuthi leli bhange lilekele abakhokhintela ukuyisa imali yabo kwamanye amazwe. Isithombe: Sithunyelwe

I-Sars ayithi nsi ngoR5.3 billion ewufuna kwiSasfin Bank 

YINTATHELI YOMBELE 

I-SOUTH African Revenue Service (iSars) ithi izoqhubeka necala layo lokufuna inhlawulo ewuR5.3 billion eSasfin Bank eyisola ngokuphula umthetho wentela, njengoba ithi leli bhange lavumela abakhokhintela ukuthi bahambise imali yabo kwamanye amazwe ngaphandle kokulandela umthetho olawula loku.

I-Sars ithe udaba lweSasfin Bank ilufake enkantolo ngomhlaka-22 wangoDisemba ngo-2023, leli bhange laziphikisa izinsolo zokuthi lisiza abakhokhintela ukuhambisa imali yabo kwamanye amazwe ngaphandle kokulandela umthetho obekelwe loku ngoMashi wonyaka odlule. Icala langena enkantolo ngomhlaka-9 wango-Okthoba kulo nyaka kanti isinqumo siphume ngomhlaka-3 kule nyanga. 

I-Sars ithe inkantolo icacise ukuthi izikhungo ezisebenza ngemali kufanele zikhokhe izikweletu zazo okubalwa intela uma kwenzekile zaphazamisa umsebenzi weSars ngezenzo zazo. 

Ithe ifuna imali eyenziwe ngabantu abasebenzisa iSasfin obekufanele ikhokhe intela kodwa yagcina iyigwemile ngenxa yendlela imali eyaphuma ngayo ezweni nokuthi abanikazi bayo abazange bayidalule yonke imali abanayo okufanele ikhokhele intela. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/27/ibhange-lombuso-lititinye-istandard-bank-ngokuphula-umthetho/ 

Ithe inkantolo iyivunile ezintweni ezibalulekile ebale kuzona ukuthi imithetho yokusebenza kwamabhange i-Banks Act, i-Financial Intelligence Act nowokuhambisa izimali kwamanye amazwe, phecelezi Exchange Control Regulations.

Ukhomishana weSars uMnu uEdward Kieswetter uthe isinqumo senkantolo siyimpumelelo kubona nakubantu baseNingizimu Afrika ngoba sisho ukuthi bazosebenzisa yonke imithetho ekhona ukuqinisekisa ukuthi izikhungo ezikhipha imali ngokungemthetho ezweni ziyaziphendulela. 

“Ngihlale ngikhumbuza izikhungo zemali ukuthi kufanele ziqinise umthetho, zingagcini nje ngokusiza abantu ukubeka nokuhambisa izimali zabo lapho bethanda khona kodwa kufanele zibike uma kukhona okufanele kubikwe kwiFinancial Intelligence Centre futhi ziqinisekise ukuthi ,” kusho yena. 

Uthe bazobheka ukuthi yisiphi isinyathelo esilandelayo abangasithatha nokufaka isicelo enkantolo yokudlulisa amacala uma kufanele. Uphethe ngokuthi isinqumo senkantolo sibalulekile ekucaciseni ngezinto okufanele zenziwe yizikhungo zezimali nezinyathelo ezingathathwa yiSars uma ziphula imithetho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page