Nakuba onogada benza umsebenzi omqoka wokuthi kuphephe izindawo zokusebenza kodwa abanye basaphila impilo yokuxhashazwa ngabaqashi babo. Izithombe: Zithunyelwe

Aphelile amahlathi okucasha ezinkampanini zonogada ezi’xhopha’ impesheni yabantu

WUBONISWA MOHALE 

SIGCINE sizwakele isililo sonogada osekuphele iminyaka bekhala ngokubanjelwa imali yempesheni kodwa uma sebeshiye emsebenzini noma bediliziwe bangayitholi impesheni yabo.

Inkantolo yaseGauteng iyalele inkampani esinegama lokuziba imiyalelo yomXazululi weziNdaba zeMpesheni iMafoko Security Patrols ukuthi ikhokhele izisebenzi imali yazo yempesheni. 

izisebenzi zale nkampani zabikela ihhovisi lomxazululi uNksz uMuvhango Lukhaimane ukuthi aziyitholi imali yazo yempesheni yize ibibanjwa emholweni nyanga zonke. 

Esinye isisebenzi sabika ukuthi imali yaso yempesheni ibidonswa kusukela ngo-Agasti wango-2011 kwaze kwaba siyadilizwa ngo-2023. Kuthe uma sesiyoyicela  imali esikhwameni sempesheni yonogada iPrivate Security Sector Provident Fund sathola ukuthi imali ibingangeni kusona yize yayibanjwa emholweni. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/07/impesheni-yezisebenzi-zomasipala-nonogada-isengozini/

Umxazululi wayalela iMafoko ukuthi ikhokhele onogada imali yabo kodwa esikhundleni sokwenza loku yasiziba isinqumo sakhe. Uma eyiphoqa ukuthi ikhokhe iye enkantolo, lapho yakhala ngokuthi imali ebhaliwe izoyibeka esimweni esibi sezimali njengoba iqashe abantu abawu-11 000. 

Ijaji lenkantolo yaseGauteng elisabambile iJaji uJonathan Berger uthe iMafoko ibingazimisele ukukhokhela izisebenzi imali yazo yempesheni ngoba ukube ibizimisele, ngabe ilalele umyalelo womxazululi wezindaba zempesheni.

Ukhiphe umyalelo wokuthi ikhokhele izisebenzi imali eyikweleta zona ihambisana nenzalo nezindleko zenkantolo. 

UNksz uLukhaimane uthe isinqumo senkantolo sikhombisa ukuthi abantu abasuke behambise izikhalo ehhovisi lakhe bayasizakala.  “Siyathemba umqashi uzosihlonipha isinqumo senkantolo enze okulindeleke kuye. 

“Abaphethe izikhwama zempesheni kufanele baqinisekise ukuthi bonke abaqashi bayayifaka imali esikhwameni bese kuthi abangawulandeli umthetho bathathelwe izinyathelo ezifanele. Loku kungenziwa ngokufaka izikhalo ehhovisi lethu bese kuthi uma sesikhiphe isinqumo izikhwama ziqhubeke nezinye izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi abaqashi abathintekayo bayayikhokha imali,” kusho yena. 

UNks uLukhaimane uthi ihhovisi lakhe liyabasiza abantu

Uthe abengamele izikhwama zempesheni bagunyazwa wumthetho ukuthi bathathe izinyathelo zomthetho ukuphoqa abaqashi ukuthi bakhokhe imali esikhwameni sempesheni.

Uthe ihhovisi lakhe alikwazi ukuphoqa izinkampani ukuthi zilandele izinqumo eselizikhiphile kodwa yizikhwama zempesheni okufanele zenze loku kanti zigunyazwa wumthetho. 

Inyunyana ezilwela uguquko embonini yonogada iPrivate Security Sector Labour Against Non-Compliance ithe lesi sinqumo senkantolo sizoqinisekisa ukuthi inkampani osekuphele iminyaka emibili iziba isinqumo somxazululi izokhokha.

Ithe ngonyaka izinkampani zonogada aziyidluliseli imali ewuR2.5 billion okufanele iye esikhwameni sempesheni.

Yengeze ngokuthi ifuna umhlangano nenhlangano engamele imboni yonogada iPrivate Security Industry Regulatory Authority, iFinancial Sector Conduct Authority, iHhovisi lomXazululi weziNdaba zeMpesheni neBargaining Council for Private Security Sector ukuze lezi zinhlangano ziqinisekise ukuthi izinkampani zonogada zilandela umthetho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page