Umasipala waseThekwini nohlelo lokusiza abasikingqephu
INTATHELI YOMBELE
IMVAMISA abasiki bengqephu benza lo msebenzi ngoba benothando lwawo kodwa babuye bakhohlwe ukuthi uyibhizinisi.
Yingakho uMasipala waseThekwini usuvule uhlelo lokuqeqesha abasikingqephu i-Durban Fashion Fair Mentorship Programme.
Abafisa ukungena kulolu hlelo lokuqeqesha bangabhalisa manje kuze kube wumhlaka-20 wangoMashi. Lolu hlelo lusiza abasikingqephu abasafufusa ngolwazi lokusebenza emkhakheni wemfashini, lubanike namakhono azobasiza ukuphumelela.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/09/21/abasafufusa-bahlonyiswe-ngolwazi-lokusebenza-nohulumeni-kwidbf-intatheli-yombele-iyabika/
Ukungena kulolu hlelo abasikingqephu abasafufusa kufanele bathumele loku okulandelayo:
- Imininingwane emifishane ngebhizinisi noma ngomsiki wengqephu;
- Incwadi echaza ukuthi kungani efanele ukungena kulolu hlelo;
- I-storyboard noma izithombe zezimpahla asanda kuzenza;
- Incwadi enekheli lakhe noma incwadi yekhansela;
- Ubufakazi bokuthi uneziqu.
Izicelo kufanele zithunyelwe emahhovisi eBusiness Support aku-7th Floor, Embassy Building, 199 Anton Lembede Street, eThekwini. Azogcina ukuthathwa ngomhlaka-20 wangoMashi ngo-3 ntambama. Ngeke zEmukelwe izicelo ezizofakwa sekudlule isikhathi.
I-DFF Mentorship Programme ihlose ukusimamisa abasikingqephu ngenhloso yokuthi iTheku lidume njengendawo yemfashini. Abasikingqephu bathola abantu abazobacathulisa, bajicwe ngamakhono azoqinisekisa ukuthi bayaziwa futhi baphumelele kulo mkhakha. Loku kusiza ukuthi bakhulise amabhizinisi abo badale namathuba omsebenzi.
Abafuna ukusika ingqephu bangafaka izicelo zokufunda loku okulandelayo:
• Ama-Technical Fashion Skill – Mastering design and craftsmanship;
• I-Business Development – Gaining key tools for brand growth;
• I-Market Access and Retail – Connecting designers to potential markets;
• Ama-Networking Opportunity – Building connections with industry professionals
Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli ugcizelele ukuthi lolu hlelo luyawenza umehluko.
“I-DFF Mentorship Programme wuhlelo olushintsha izinto kumaciko asafufusa. Luhlanganisa ibhizinisi namakhono ongoti njengoba sifuna uMasipala waseThekwini ubeyindawo edumile kwezemfashini nasembonini yendwangu,” kusho yena.
I-DFF Mentorship Programme iyingxenye yezinhlelo eziziwa nge-eThekwini Municipality Fashion Development Programme, ezinika abasikingqephu abasafufusa ithuba lokudayisa umkhiqizo wabo namanye amathuba okuzikhangisa avela emibukisweni enjenge-DFF Showcase nase-DFF Emporium, lapho kukhangiswa futhi kudayise izimpahla zabasikingqephu. Abakhokhi lutho.
UNtuli uthe umasipala uzibophezele ukuseka abasikingqephu ukuze bakwazi ukuzimela uma sebephumelele. Ngeminye imininingwane, kungathintwa uNondumiso Mthembu ku-031 311 4497 noma kwi-email ethi: Nondumiso.Mthembu@durban.gov.za