Ungqongqoshe womNyango wezoLimo KwaZulu-Natali uNkk uThembeni kaMadlopha Mthethwa ehola umkhankaso wokunqanda ukubhebhetheka kwamatele. Isithombe: Sithunyelwe

UmNyango wezoLimo eKZN uqinisa umkhankaso wokunqanda amatele

WUBONISWA MOHALE

UKUNQANDA ukubhebhetheka kwamatele umNyango wezoLimo KwaZulu-Natali usuthule umkhankaso wokujova izinkomo. 

Ekuqaleni amatele ebebikwe eZululand, eKing Cetshwayo naseMkhanyakude kanti manje asebheduke esifundeni i-Amajuba ngemva kokutholakala kwezinkomo ezinamatele eNewcastle.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/25/kunxuswa-abantu-ngokuthutha-izinkomo-kubheduka-amatele/

Udokotela wezilwane emNyangweni wezoLimo eKZN UDkt uThemba Sikhakhane uthe sebeqale ukujova izinkomo ukulwa nokubhebhetheka kwalesi sifo sezinkomo. 

“Amatele asatshalaliswa yizinyathi ezitholakala eziqiwini okuthi uma zihlangane nezinkomo ezifuywe emakhaya nasemapulazini zizithelele ngamatele. Loku kusho ukuthi kufanele sigome izinkomo eziwu-80 000 njalo emva kwezinyanga ezine uma nje kusekhona izinyathi eziqiwini ezinhlanu ezithintekayo,” kusho yena.

Ungqongqoshe womnyango uNkk uThembeni kaMadlopha Mthethwa uthe banqume ukuqala umkhankaso wokugoma izinkomo ngoba bebona ukuthi amatele asetholakala kwesinye isifunda.

“Sicela abantu bangazithuthi izinkomo bazihambise kwezinye izindawo. Njengamanje asidingi nokuthi izinkomo zalapho kuqubuke khona amatele ziyodayisa esidlangalaleni. Sitshale amathimba ajova izinkomo ngoba asifuni lesi sifo sisabalale. Sizosebenzisana namaphoyisa nezinye izinhlaka ukusilekelela ukuqinisekisa ukuthi izinkomo aziphumi ezifundeni ezinamatele ziye kwezinye izindawo,” kusho yena.

Uthe abantu bangasabi ukudla inyama yenkomo ngoba amatele awabagulisi abantu, ngakho kuphephile ukudla inyama.

Uphethe ngokuthi bazoba nezithangami zokucobelelana ngolwazi nabalimi abasafufusa, abakhulu nabanye abasembonini yolimo ukunqanda amatele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page